Now Reading
Ungqongqoshe waseLesotho uthi iNingizimu Afrika kayicele usizo kwiSADC
Dark Light

Ungqongqoshe waseLesotho uthi iNingizimu Afrika kayicele usizo kwiSADC

Anathi Mtaka

UNgqongqoshe Wezamabhizinisi Amancane waseLesotho, uThesele Maseribana (osesithombeni), unxuse uMengameli Cyrill Ramaphosa ukuthi avule iminyango ngokushesha kubaholi abangomakhelwane be-SADC ukuthi basize ekusheshiseni izingxoxo mayelana nodlame lwaseNingizimu Afrika.

Umphakathi wamabhizinisi amancane waseLesotho usuvele uyazwela kakhulu ngephaseji layo elikhulu lezentengiselwano elikhiyelwe ngokuphelele kulo sonke isifunda esingumakhelwane. Idolobha elivame ukugcwala futhi elihlezi liphithizela enhlokodolobha iMaseru lithule ngendlela engajwayelekile. Ukusuka ekuvalelweni okunzima ngenxa yokhuvethe kuya ezinxushunxushwini ezisanda kuqhamuka eNingizimu Afrika eyakhelene nayo, osomabhizinisi abancane bayayizwa inkinga. UMthengisi Wasemgwaqweni, uMoeketsi Rangoajane uthi: “Ngeke siye lapho ngoba wonke umuntu wethukile.”

Ngo-1998, uMbuso WaseLesotho wagcwala kwiziyaluyalu ezinodlame ezabona izifunda zamabhizinisi ezinkulu zisha ngomlilo nokuphangwa okukhulu. UNgqongqoshe Wezamabhizinisi Amancane waseLesotho, uThelele Maseribane uthi basazizwa ngomthelela walokho. UNgqongqoshe Maseribane unxusa uMengameli uRamaphosa ukuba avule iminyango yezingxoxo, ngisho nakwabanye abaholi besifunda. Futhi ngokwesaba ukusweleka kukaphethiloli nezinye izinto ezibalulekile, kunokwesaba okukhulu.

UMengameli wenhlangano yabathengisa izimoto eLesotho, uHussain Zacky uthi: “Njengabathengisi bezimoto lapha simisiwe ngenxa yalezi zidubedube.” “Kunobugebengu obuningi kakhulu… buvikele bese usisindisa.” Uthuthuva eNingizimu Afrika luqale ngemuva kokuboshwa kwalowo owayengumengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma, oqale ukudonsa isigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ngoLwesithathu ebusuku ngeledlule.

See Also

Umbhikisho owawunokuthula ekuqaleni waphenduka udlame ngoLwesihlanu, kwasala umkhondo wokubhujiswa ngemuva. Izindleko ezilinganisiwe zodlame lwesifunda esiyikhaya likaZuma laKwaZulu-Natal zilinganiselwa ku-R20 billion.

Scroll To Top