Now Reading
Kuwe isibonelo emphakathini ngoMbovu
Dark Light

Kuwe isibonelo emphakathini ngoMbovu

Kunabantu uma besaphila akucabangeki ukuthi ngolunye usuku bayodlula emhlabeni. Uma ubuka ukwenza kwabo okuhle, ubuchule babo, isineke sabo kanye nokushabasheka kwabo ekufezeni okuthile ngeqophelo eliphezulu. Abanye balabo bantu aMakhosi, osombusazwe nabaholi abaqavile emikhakheni eyahlukeneyo kanye nababhali nosomlando. Uma sekwenzekile lokho kubanzima ukwamukela  ukuthi izindlawu zokufa sezibamimilitile kwaphela ngabo! UDokotela uBaldwin Sipho Ngubane ubengomunye walabo bantu ngenxa yobuchule abenabo kukho konke abekwenza.

Kuyiqiniso ukuthi inkunzi isematholeni. Abafunde naye eMarianhill abawuvali umlomo ngoba wayeyinsengetshe yoqobo. Lokhu kufakazwela wukuphasa kwakhe umatikuletsheni ngamalengiso. UMnu uBen Madlala waseMadadeni akawuvali umlomo ngokuhlakanipha kwensizwa yaseMabovini. “Wayevame ukusifundisa isiLathini thina esasisemabangeni aphansi. Nasezinkulumompikiswaneni wayehlale evelele.” UKhabaludaka uze wavula umakhelekhukhwini wakhe wasifundisa umyalezo wangomhla zizi-4 kuMandulo wezi-2019 nomngane wakhe, lapho babehlela ukubonana.

Inkuthalo nokuzikhandla kwambeka ethubeni elihle lokufundela ubudokotela eNyuvesi yaseNatali. Yilapho ubudlelwano babo ababuqala eMarianhill basengabafundi noSteve Biko baqhubeka khona. Ngenkathi belwela amalungelo abafundi bakuqaphelisisa ukungahlangatshezwa ngokupheleleyo kwezidingo zabo njengabafundi namalungu enhlangano yabafundi eyayixube izinhlanga enyuvesi yaseNatali. Ngonyaka we-1968 bagcina ngokuqembuka kuNational Union of South African Students (NUSAS) basungula eyabamnyama iSouth African Students Organization (SASO).

Ngowe-1971 uMbovu waqala  izifundo zobudokotela eNyuvesi yaseNatali. Ngeminyaka ye-1982/83 wafunda eNyuvesi yaseWitswatersrand eqhubeka ezobudokotela emikhakheni wezifiso ezimaphakathi nezwe njengomalaleveva nobulephelekanye nomsusa wezifo emnothweni wezwe nenhlalakahle yomphakathi. Ngowe-1986 wazuza iziqu zeMasters kuFamily Medicine okuwumkhakha wezifo eziphuza ukwelapheka ezinganeni nakwabadala. Ukuhloma kwakhe ngalolu hlobo emkhakheni wezempilo nobudokotela nomthelela ekuvuleni izindawo ezimbili zokulapha.

Waqala eNgwelezane ngenxa yokuthi izinkumbi zabantu zazibuthana zibuthanile wagcina ephoqeka ukuvula enye Esikhawini. Kuzo zonke lezi zindawo babemlinda kuze kushaye ihora leshumi kusihlwa. Lokhu kwakwenziwa yisineke sakhe nothando lwabantu ayenalo ngenkathi ebalapha. Yingakho nababesuka eThekwini nakoMtubatuba babedela ukuhamba amabanga amade bashiye odokotela bangakubo.

Lokhu kwakuhambisana nokuthuthukisa umphakathi njengoba wayesezinhlakeni eziningi zentuthuko. Enhlanganweni iRed Cross waba ngomunye wozihlalo abayihola isikhathi eside. ENyuvesi yaKwaZulu (Ongoye) nakhona wabasesigunwini. Yilapho wabanegalelo ekuguquleni lesi sikhungo semfundo ephakeme ukuba sihambisane nezikhathi ekubhekaneni nezinselelo emphakathini nakwezemfundo. Kuwo wonke amazinga obumfumana kuwo ubuholi bakhe bebaziswa kakhulu.

Ngenkathi ejoyina iQembu leNkatha ngo1976 wayesenolwazi olunzulu ngalokho okwakulindelwe kuye njemgomholi. Nalapho inkuthalo yakhe yambeka ethubeni lokuba akhethwe njengelungu leSishayamthehtho kuHulumeni omdala waKwaZulu. Akugcinanga lapho, ukuzikhandla nobuqotho emisebenzini eminingi ayenikwa yona, ngowe-1991 kwambeka ethubeni lokuqokwa njengoNgqongqoshe Wezempilo ngenkathi uDkt uFrank Mdlalose eqokwa njengoNgqongqoshe Ongenasikhundla. Ukuncela kwakhe kuNyanda kwabenza babanobudlelwano obukhulu ekufezeni imisebenzi yeNkatha emikhakheni eminingi. Bobabili baba oNgqongqoshe bezempilo kumaKhabhinethi oMntwana uMangosuthu Buthelezi. Waphinde waqokwa njengoSihlalo kaZwelonke weNkatha uNyanda esephumile kusesikhundla. Waphinde waqokwa njengoNdunankulu wesifundazwe esephumile uNyanda.

Kwathi nalapho sekuqalwa izingxoxo ngekusasa lalelizwe wabangomunye kwababesethimbeni leNkatha elabamba izingxoxo nezinhlangano eziningi  njengoKholongolose (ANC) neeembu lamaNeshinali (Nationalist Party) phakathi kwamanye. Nasezingxoxweni zeCodesa nezaseKempton Park wabamba iqhaza nabanye abaholi beNkatha. Bakuqinisekisa ukuzwakalisa imigomo nombono weNkatha. Iqembu leNkatha lalimele uMbuso onezifunda ezizimeleyo lapho ziyokwazi khona ukuzinqumela indlela ezifuna ukuphatha ngayo (federalism) kepha zibe zingagudlukile embusweni ngokoMthethosisekelo wezwe.

See Also

UDokotela uLungile Masuku oyindodakazi yakhe uchaze kabanzi ngeqhakaza likayise emndenini ikakhulukazi kuye uqobo. Uthe “Ngiyilokhu engiyikho ngenxa yokuthi ubaba wangijova ngentshisekelo yokusebenzela umphakathi. Wangeluleka ukuba ngingahlali ezindaweni ezixube ezinye izinhlanga ngoba angeke kubelula ukufunda izinkinga ezigqolozele aboHlanga. Wayevane ukungiqinisekisa ukuthi ayikho into embi neyichilo uma uhlala phakathi kwabantu bakini boHlanga.  Lokhu kwaholelela ekubeni nami ngifundele ubudokotela njengaye, ngelaphe emalokishini esikhundleni sokugudlukela kwezinye izindawo ezingabukeka zingcono. Ngenxa yalesi seluleko ngiyambonga. Kuningi engikufundile.”

Kufanele ibongwe iNkosi uButhelezi njengomsunguli nonguMengameli  wokuqala weNkatha ngekhono lakhe elinganqile. UShenge owabona inhlansi yobuholi kwezobusazwe kuMbovu engasetshenziswa. Ube nesandla esikhulu ekuvumbululeni izipho ezahlukeneyo ezizukulwaneni zobuholi beNkatha kuwo wonke amazinga. Kungaba semkhakheni wabesifazane noma abaesilisa. Yingakho uShenge engangabazanga ukuba uMbovu amele iNkatha kuHulumeni woBumbano ngenkathi eqokwa njengoNgqongqoshe Wezobuciko, Amasiko Isayensi Nezobuchwepheshe.

Yayimikhulu inzima imisebenzi ayithwala njengoba kwakuwumnyango onemisebenzi ebanzi. Kepha uMbovu waqhubeka wasebenza ngokuzikhandla. Ngalo Mnyango wabusiseka ngethuba lokubeka izwe laseNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba kwezobuchwepheshe nesayensi.

Kuyishwa lomlando ukuthi uDkt uBen Ngubane umholi onohlonze namagalelo angaka nowaphekwa ezinhlakeni ze-IFP, wavezelwa izwe yilo iqembu le-IFP, wahlukana ngendlela engemnandi neqembu elamakhayo njengomholi, nalisebenzela igxenye enkulu yempilo yakhe.

Scroll To Top