Isitshaliwe imbewu yokusondelana ne-EU eMoldova



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Iqembu elikhulu eMoldova eliseka ukubulungu baleli lizwe ku-European Union (EU) lidle umhlanganiso okhethweni lwePhalamende. Le miphumela ikhomba ukunyuka kwamandla kaMengameli uMaia Sandu okade wayegqugquzela ukuhlubuka kwaleli lizwe emlandweni weSoviet Union lizihlobanise ne-EU.
Lolu khetho olabizwa nguMengameli uSandu ngoMbasa lubone iqembu lakhe i-Action and Solidarity (PAS) lithatha amavoti angama-52.80%. I-PAS izothola izihlalo ezingama-63 ePhalamende elihlala abantu abali-101 iminyaka emine. Umfelandawonye wosonhlalonhle kanye namakhomanisi, oholwa yilowo owayenguMengameli osekelwa yiRussia uMnu u-Igor Dodon waphuma isibili ngamaphesenti angama-27.17.
Ngemuva kokuthi imiphumela yokuqala ikhombise ukuthi iqembu lakhe lihamba phambili, uMengameli uSandu ubabaze lokho akubize ngokuthi yivoti lenguquko ezweni elihlaselwe ububha nenkohlakalo. Kulokhu uqhubeke wathi; “Ngiyethemba ukuthi namuhla kuzoba ukuphela kwenkathi enzima eMoldova. Ngiyethemba ukuthi namuhla kuzophela ukubusa kwamasela eMoldova”. Imbangi yakhe uMnu uDodon uzwakalise ukudumala ngalo mphumela, wathi esitatimendeni; “Kusobala ukuthi besifuna iphesenti eliphezulu”. Uhalalisele izimbangi zakhe kodwa waxwayisa ngokuthi amasosha akhe azobheka kakhulu ngoba kuyingozi ukuthi iqembu elilodwa libe namandla okuphela kwezombusazwe zaseMoldova.
UDodon utshele isithangami sabezindaba ngoMsombuluko ukuthi le yintando yeningi, abantu bebefuna ushintsho kodwa waveza ukukhathazeka kwakhe ngekhono labashisekeli bezinguquko ekuphatheni izwe. Ngowezi-2014, iMoldova isayinde isivumelwano ne-EU ekwakheni ubudlelwano obusondelene, kepha amazinga aphezulu enkohlakalo nokungabi bikho kwezinguquko kuvimbe intuthuko ezweni elibekee endaweni ye-115 emazweni ali-180 kuTransparency International’s 2020 Corruption Perception Index.
Ngenkathi abomthetho bethembekile kuMnu uDodon bevimba izethembiso zikaMengameli uSandu zezinguquko ngemuva kokunqoba kwakhe ukhetho ngoLwezi wanyakenye, wahlakaza iphalamende wahlela nokuvota ngokushesha. Izethembiso zokwethembeka nokusebenza ngekhono ezineminyaka engama-49 ubudala kwezomnotho weBhange LoMhlaba zazwelana nabaningi baseMoldova okuthe eminyakeni edlule babone izwe labo linyakaziswa yizinkinga zezepolitiki namahlazo enkohlakalo.
Abaqaphi be-Organisation for Security and Co-operation in Europe (OSCE) bathe lokhu kuvota bekuncintisana futhi kuqhutshwa kahle. Baqaphelile nokho, ukuthi ukukhathazeka ngokungachemi kweziphathimandla zokhetho kwehlisa ukwethembana ngenkathi imithetho engafanele yemikhankaso ishiya ukwephulwa komthetho kungakhulunywa. Yize kunqobe uMengameli uSandu, abahlaziyi bathi izinselelo zisasele eqembini lakhe.
Lokhu kuyisivivinyo kuSandu nakuhulumeni wakhe njengoba lo hulumeni kuzofanele akhombise ngokushesha okukhulu ukuthi usebenza ngempumelelo ukwedlula lowo owedlule bese eqala ukuqhubekela phambili ngezinguquko. UMengameli uSandu, owake waphatha isikhashana njengoNdunankulu, kubantu abaningi baseMoldova usephenduke uphawu lwezinguquko.