Now Reading
Abayosinda bayoxoxela izizukulwane
Dark Light

Abayosinda bayoxoxela izizukulwane

Leli yizwe lomlando. Yizwe lamaRoma ayebusa umhlaba ngakwezempi kanye nempucuko. Leli yizwe lomculo we-Opera, yizwe lobumnandi. Kuse-Italy lapho inhloko yebandla lamaRoma aKhatholika, uPapa lihlala khona eVetican. Leli yizwe ngokwezibalo elinabantu abayizigidi ezingama-60,48.

Wonke lo mlando nobumnandi  ushabalele kulezi zinsuku, isithombe esikhona ngesomunyu, ukudangala nokwethuka. Izwe lonke lihleli phezu kwentabamlilo okungumkhuhlane iCOVID-19 esiyenze leli lizwe layisizinda sayo. Ngokwezibalo zakamuva sebeyizi-4 032 abantu asebebhubhile kanti kunokwesabela ukuthi lesi sibalo sisazokhula njengoba iningi lisalinde imiphumela yokuhlolwa kwegazi. Okuthuse kakhulu wukwedlula emhlabeni kwabantu abangama-627   ngosuku olulodwa.indawo ebhekene nesimo esinzima yiBergamo lapho kutholakele abantu abayizi-5 150 asebenaleli gciwane. 

Isithombe sezinqola zempi ezingama-30 ebezithwele izidumbu (amabhokisi) ezingama-70 nokuthiwa ziyolothiswa sidale umunyu.  Okubuhlungu wukuthi balothiswa nje awekho amalungu emindeni njengoba nawo ngokwemiyalelo yabezempilo bayalelwe ukuthi kabagoye. Lapha osedlulile emhlabeni uba yedwa egula, esephangalele, kube ngesifanayo ngisho eseyolondolozwa. Okwenzeka e-Italy kuveza ubungozi balo mkhuhlane hhayi kuphela kubantu kepha nasemnothweni wezwe kanye nasohlelweni lwezempilo.

Kuyanyoba nase-Spain 

Elinye izwe amehlo asethe njo kulo yiSpain nayo okubonakala isibalo sabahlabeklile siyenyuka. Siye koloba isibalo sesiyi-1002, kudlule abangama-235 emahoreni anagama-24.  EMadrid kubikwe ukuthi kunabantu abayizi-19 980  osekutholwe ukuthi sebehlatshwe yilesi sifo. Leli lizwe selihlabe umkhosi kubo bonke odokotela nabahlengikazi ngisho laba abasaqeqeshwa ukuthi bakhwenxe imikhono. UHulumeni usesebenzisa ngisho isibhedlela samasosha, amahhotela kanti  izinkundla zezemidlalo  nazo zingase zivuleleke ukuze kube khona imibhede ezomumatha isibalo esandayo. Ohulumeni abaningi emhlabeni bakhiphe imiyalelo yokuthi akuqashwe abavela ezwenikazi i-Eurpoe nosekubionakala ukuthi izibalo zabathintekile ziphakeme zaze zadlula iChina lapho lesi sifo saqala ukuqashelwa khona. IBritain izama ngawo wonke amandla ukugwema ukuthi lesi sifo sizinze kuyo nokuyinto engafaka ingcindezi emnothweni wezwe eselikhethe ukuphuma inxiwa kwamanye angaphansi kwe-European Union.

See Also

Okunye okuvelayo wukukhathazeka ngomthelela walo mkhuhlane emiphakathini eyahlukene njengoba emizamweni yokuwunqanda kuqhanyukwa nezindlela ezingajwayelekile kwabanye. Isibonelo nje ohulumeni emhlabeni jikelele bathe abantu abaqhelelane, bangahambelani kwavala ezemidlalo ngisho nezindawo zokucima ukoma. Ukuzigquma endaweni eyodwa  kungaba nomthelelala enhlalweni yabantu nemiphakathi. Ocwaningweni lwangowezi-2009 ngaphansi kwesihloko esithi: “ Social Disconnectedness, Perceived Isolation, and Health among Adults”  abacwaningi u-Erin Cornwell noLinda Waite bathi ukuhlala ngawedwana kubandakanya “ukuxhumana okunqindekile nokuncane, ukungaxhumani ngokwenhlalo, noma ukuxhumani nabantu kanye nokungabambi iqhaza kokwenziwa umphakathi.” Ngaphandle ukuthi kungaxhunyanwa ngezincingo nabanye abantu, kodwa lesi yisimo esizithola sesibhekene naso ngesigubhukane. Yonke imihlaba yenhlalo esihlala siyithinta bukhoma isiphenduke ize leze. Kunye kuphela esikwazi ukwenza singekho ezindlini okukhona kubantu abaningi wukuba siphume sigijime sibuye sichiphatheke kodwa sibe siqhelelene ngebanga eliphephile.

Lishone elangoMgqibelo isibalo somhlaba wonke saba nalesi sifo siyizi-284 000, sekudlule emhlabeni abayizi-11.868. 

Scroll To Top