Uqhekeko phakathi kwe-UAE neSaudi Arabia
UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Kubonakele kuqala uqhekeko phakathi kweSaudi Arabia ne-United Arab Emirates (UAE). Ukwenqaba kwe-UAE ukuvumelana necebo elisekelwa yiSaudi Arabia lokukhuphula ukukhiqizwa kukawoyela kungokwakamuva embangweni ovelayo phakathi kwalawa mazwe.
Ukuqubuka kombango phakathi kwalawa mazwe kungokungejwayelekile njengoba womabili ebambisene ukuhola inkampani i-Organisation of the Petroleum Exporting Countries (OPEC), okuyinkampani ekhiqiza uwoyela ehlanganisa amazwe amaningi aseMiddle East nase-Afrika.
ISaudi Arabia isekela uhlelo lwe-OPEC lokukhuphula umkhiqizo kawoyela ngemiphongolo eyizigidi ezimbili ngosuku kusukela ngoNcwaba kuya kuZibandlela wakulo nyaka.
Okunye iSaudi Arabia ekufunayo ukuthi yandiswe nemiphongolo ezosala icuthele izimo eziphuthumayo ukuze kuzoba yibo abaseqhulwini lokukhiqizwa kukawoyela.
I-UAE iyakuchitha konke lokhu kanti isola iSaudi Arabia ngokufuna ukusebenzisa amanye amalungu e-OPEC ukufeza izinhloso zayo. Okufunwa i-UAE ithi ifuna kube yiyo enikezwa ithuba lokuthi ikhuphule ukukhiqizwa kwemiphongolo hhayi ukuthi kuthiwe ikhushulwa egameni le-OPEC.
Ithi lokhu ikusho ngoba ngaphansi kwalenkampani iSaudi Arabia yiyo enemikhiqizo eminingi kanti njengoba iSaudi Arabia isikhuluma ngokukhushulwa kwemiphongolo ekhiqizwayo ngaphansi kwe-OPEC izicabangela yona kuphela ngoba iyona kuphela izothola ithuba lokukhiqiza lemiphongolo.
I-UAE ifuna kubuyekezwe lokhu kungalingani ngaphakathi kwalenkampani nokuyinto iSaudi Arabia eshaya phansi ngonyawo ethi angeke ize yenzeke. Lawamazwe angaphansi kwezimo ezingafani ngokomnotho.
I-UAE nakuba ikhinyabezekile ngokugasela kokhuvethe kodwa akufani nokweSaudi Arabia njengoba umnotho wayo umiswe izimboni ezahlukahlukene. ISaudi Arabia ngakolunye uhlangothi ithinteke kakhulu ngokugasela kokhuvethe kwazise lomkhuhlane wafika nomthetho wokutha abantu abahlale ezindlini okwakunciphisa kakhulu ukuthengwa kukawoyela.
Leli lizwe lifuna ukubuyisa uzinzo kwezomnotho ngokuthi kukhushulwe manje amanani emiphongolo ekhiqizwayo.
I-UAE ngakolunye uhlangothi inomubono wokuthi njengoba wonke amazwe ezama ukubuyisa iminotho yawo esimweni esejwayelekile kumele kube yilapha impela i-OPEC okumele inciphise khona amanani emiphongolo ekhiqizwayo ukuze kuzokhuphuka amanani ngenxa yokuba indlala kwemiphongolo.
Bese kuthi uma isikhushulwa imiphongongolo ngoNcwaba kube yiyo i-UAE ethola ithuba lokufaka eminingi imiphongolo ezothengiswa ngoba ivele isalele ngemuva kuSaudi Arabia. I-UAE inethemba lokuthi ngokuqinisa ukuthengwa manje ngemuva kokuvuselelwa komnotho womhlaba ingakhuphula imali edingekayo ukuxhasa izinhlelo zayo zomnotho ezahlukahlukene.
Lawamazwe awavumelani ngalokhu kukhalima. Nakuba i-OPEC kuyinkampani ebuswa ngokuvumelana kodwa amanye amazwe awanazwi elitheni kulenkampani. Ngokwejwayelekile lonke uhlelo olwenzekayo kumele luvunwe iSaudi Arabia kanti njengamanje sekuyavela ukuthi i-UAE nayo isinayo intshisekela yokuba nezwi.
Lokhu kuncintisana nokuphikisana phakathi kwalawamazwe omabili kuyinto engajwayelekile njengoba kuyiwa avame ukusebenzisana ukunswinya okanye ukudlisela ogageni amanye amazwe kwingxenye yaseMiddle East iGulf.
Akungabazeki ukuthi ukhuvethe lunesandla kulokhu njengoba yomibili iminotho yalawamazwe ishayekile kodwa ebekungalindelekile ukuthi i-UAE iqophisane nobuholi beSaudi Arabia ku-OPEC. Umnotho we-UAE wehla cishe ngamaphesenti ayisithupha ngowezi-2020. Nakuba kwakukhona lokhukwehla kodwa kwakungahlobene nowoyela kodwa kwakuhlangene nezinye izimboni esezikwazile ukubuyela esimweni njengoba lelilizwe seliqalile ukuvulela izivakashi nosomabhizinisi.
ISaudi Arabia yona yahlangabezana nokuncipha komnotho ngamaphesenti amaphesenti amane. Okudala ukuthi lokhu kwehla komnotho kuzwele kakhulu kulelilizwe ukuthi kuthinte uwoyela oyinsika yomnotho.
Eminyakeni emihlanu eyedlule iNkosana yaseSaudi Arabia uMntwana uMohammed bin Salman yethula uhlelo lwayo olwaziwa nge-Vision 2030. Lolu hlelo lwaluhlose ukukhulisa utshalomali lwezinkampani ezizimele kanye nokukhuthaza izimboni ezinjengezokuvakasha.
Ukhuvethe luluphazamise kakhulu lolu hlelo oselisalelwe iminyaka eyisishagalolunye. Ukugqamayo ukuthi kunokuncintisana phakathi kweSaudi Arabia ne-UAE njengoba iSaudi Arabia yaqala lolu hlelo ngenhloso yokufica i-UAE yona esakwazi ukuziqhelelanisa ekuncikiseni umnotho kuwoyela ngokuthuthukisa i-Abu Dhabi neDubai.
Akuqondakali noma i-UAE iphikisana neSaudi Arabia nje ngenhloso yokuphazamisa lolu hlelo njengoba nayo iDubai inohlelo lwayo lweVision-2030.
ISaudi Arabia izama ukuvula umnotho wayo kosomabhizinisi bangaphandle njenge-UAE. Ngaphambilini iSaudi Arabia yayenelisekile ngokulawula imakethe kawoyela. Ngokuphambene nalokho, i-UAE yenza izibonelelo eziningi zokuphila kwaseNtshonalanga.
IDubai ihehe izinkampani zamazwe omhlaba futhi yavela njengendawo yebhizinisi, ezokuvakasha kanye nezokukhiqiza. Kusukela ekuthatheni kwakhe isihlalo eminyakeni emihlanu eyedlule uMntwana uMohammad bin Salman waqoma ukubukela kulokhu okwenzewa i-UAE.
Lolu hlelo nakuba luhamba kancane kodwa luyaqhubeka. Umdonsiswano waleli lizwe ne-UAE uzoluphazamisa lolu hlelo njengoba i-OPEC kuyiyo ephakela kakhulu umnotho waseSaudi Arabia kanti kunokusola ukuthi lokhu kwenzeka nje yingoba i-UAE inovalo lokuficwa ileli lizwe ngokuvula umnotho nokuheha abatshali bezimali.