Iqhubeka lapho eyayigcine khona eye-Iran ne-Israel



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Uqala phansi umdonsiswano phakathi kwe-Israel ne-Iran. Lawa mazwe ayengahoshelani asenobuholi obusha ayengahoshelani phambilini.
OwayenguNdunankulu wase-Israel uBenjamin Netanyahu wayebona leli lizwe njengesitha sokuqala njengoba lingakaze lafihla ukuthi lifisa ukuyibhubhisa i-Israel ngenxa yokuzwelana nabasePalestine.
Ngaphansi kobuholi obusha kuwona womabili lawa mazwe bekunethemba lokuthi kukhona okuzoguquka kodwa kubonakala izinto zisafana nakuqala.
UHulumeni wase-Iran usole i-Israel ngokuhlaselwa okwenziwe ngenyanga eyedlule endaweni yesikhungo sokucwaninga ubuchwepheshe benuzi eduze nenhlokodolobha iTehran. I-Iran ithi i-Israel yakwenza lokhu ngoba izama ukuphazamisa okanye ukunqamula izingxoxo eziphakathi kwayo ne-United States of America (USA) ezise-Austria zokuvuselelwa kwesivumelwano sangowezi-2015 iJoint Comprehensive Plan of Action (JCPOA).
Okhulumela uhulumeni wase-Iran uMnu u-Ali Rabiei ngoLwesibili uthe i-Israel yiyo abahleli besigameko sangoNhlangulana zingama-23 sokuhlaselwa kwebhilidi eliseKaraj elingele-Atomic Energy Organisation of Iran. Uqhubeke wathi; “I-Israel yenze lezi zenzo ngokucabanga ukuthi izokhombisa ukuthi ingamisa i-Iran bese ithi umhlaba awunasidingo sokuxoxisana ne-Iran”.
Okuze kube manje ziyisithupha izingxoxo esezenziwe eVienna ngenhloso yokubuyisa isivumelwano iJCPOA i-USA eyahoxa kuso ngowezi-2018 ngaphansi kobuholi bukaMnu uDonald Trump. Izingxoxo sezizwakalise ithemba lokuthi kukhona isivumelwano okungafinyelelwa kuso emasontweni azayo.
Lesi sivumelwano singasusa unswinyomnotho oluyithwalise kanzima i-Iran kanti i-Israel kayihambisani nalokhu. Akukhona okokuqala i-Iran isola i-Israel ngokuzama ukubhuntshisa izingxoxo zaseVienna ezaqala ngasekuqaleni konyaka, nazo ebezihanjelwe yiChina, iRussia, iJalimane, iFrance, i-United Kingdom, ziqondiswe yi-European Union (EU).
NgoMbasa, izakhiwo ezinkulu zenuzi e-Iran edolobheni iNatanz zahlaselwa kwabili kanti lokhu kwakungukuhlaselwa kwesibili esikhathini esingangonyaka. I-Iran ikhombe umunwe ku-Israel futhi yaqala ukucebisa i-uranium ngezinga layo eliphakeme kunazo zonke ezake zaphendulwa.
UMnu uRabiei uthe ukuhlaselwa kwalesi sikhungo seKaraj akuphumelelanga njengoba kungabulalanga muntu futhi kungabalulekanga njengoba kulimale imishini kuphela. Isizindalwebu esisondelene nezinsizakusebenza zezokuphepha kuleli lizwe ngesikhathi sokuhlaselwa yathi sathi lokhu kuhlaselwa kwakubanga iphutha kodwa umsebenzi wesitha.
Izithombe ezathatha imishini eqaphe lendawo zaveza ukuthi lendawo yahlaselwa ngebhomu izikhawu ezimbili kanti ngokusho kwe-Iran nakuba lokhu kwenzeka kodwa umsebenzi wakwazi ukuhlengeka.
Kulezizinsolo i-Israel ithi iyasukelwa kanti kuyayicacela ukuthi i-Iran ihlose impi. Ukuphuma kukaNetanyahu kwesobuNdunankulu kwabonwa njengethuba elihle lokwakha ubudlelwano ne-Iran kodwa emuva kwalezi zinsolo ezivela e-Iran kuyabonakala ukuthi impi yalawa mazwe ayikezukuphela.