Now Reading
Uphule imigomo zamkhalela uNiehaus eMtshezi eyovakashela uZuma
Dark Light

Uphule imigomo zamkhalela uNiehaus eMtshezi eyovakashela uZuma

Ziyaqonga izinkinga kumkhulumeli womakadebona boMkhonto Wesizwe (MKMVA) omisiwe uMnu uCarl Niehaus emveni kokuboshwa kwakhe izolo mayelana necala lokuphula imibandela yokhuvethe.

UNiehaus ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngesikhathi kade ematasa ekhuluma namanye amalungu e-ANC ngaphandle kwejele laseMtshezi emveni kokuvakashela obenguMengameli wakuleli uMnu uJacob Zuma.

Ukuboshwa kukaNiehaus kwenzeke kungakapholi maseko iqembu lakhe limumisele ubulungu bakhe limsola ngokwenza izinkulumo ezidala udlame emphakathini. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uNiehaus ethe bazimisele ngokumvikela uZuma ekutheni aboshwe, wathi bazimisele nangokuthi bamvikele ngisho ngegazi labo.

Emva kokuboshwa kukaNiehaus, amalungu e-ANC abenawo azamile ukubuza amaphoyisa ukuthi kwenzakalani kodwa angaphendulwa ngaleso sikhathi lo mkhulumeli weMKMVA omisiwe amaphoyisa abese emazisa ngamalungelo akhe njengoba kade eseboshwa.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vishnu Naidoo izolo ukuqinisekisile ukuboshwa kukaNiehaus. Uthe uNiehaus uboshwe mayelana necala lokuphula imibandela yokhuvethe.

Siye koshicilela izolo sekunemibhikisho eqhubeka ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal kubalwa naku-N2 lapho abantu bezwakalisa khona ilaka labo emva kokuboshwa kukaZuma.
Khona izolo bese kuvela inkulumo ethi kunemashi ehlelwayo yilabo abahambisana noZuma ukuze bazwakalise ilaka labo.

Ethintwa izolo ntambama, uMnu uNkosentsha Shezi odume ngoRET Champion ohlale ewa evuka noZuma uthe ngeke akwazi ukuqinisekisa ukuthi ikhona yini imashi ehlelwayo ezoba ezoba kusasa (namhlanje). “Kodwa umuntu ngeke azi phela ngoba sibonile eNkandla kufika izinkulungwane zabantu, bonke abantu abebegcwele eNkandla bebezifikela akekho okade ebagqugquzela ukuthi baye khona,” kusho uShezi. Uthe uzwile ukuthi kunemibhikisho enokuthula eqhubekayo ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal lapho abantu bezwakalisa khona intukuthela yabo ngokuboshwa kukaZuma.

See Also

UShezi uthe izindaba zemibhikisho ekhona ziyabajabulisa ngoba kusho ukuthi baningi abantu abangayithandi into eyenziwa kuZuma.

Ekhuluma ne-ENCA izolo ntambama, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu uSihle Zikalala uthe udaba lukaZuma liyihlukanise phakathi i-ANC, wengeza ngokuthi kuzodingeka ubuholi ukuze lesi simo silungiswe.

UZikalala uthe bazohlangana njengobuholi besifundazawe babhunge ngodaba lokuboshwa kukaZuma. Uthe bakhathazekile ngemibhikisho eqhubeka esifundazweni ngoba idala ukuthi lungabikhona uzinzo.

Scroll To Top