INjeje igxeka ukuhlaselwa kukaMgiliji eyoseka uMsholozi eNkandla



UMbhali yiNduna Phumlani kaDoto Mfeka weNJENJE YabeNguni
Siyakugxeka kakhulu ukuhlaselwa koMdidiyeli uMgiliji Nhleko okwenziwe nguMntwana waKwaPhindangene. UNdunankulu kaZulu usevivinya ukubekezela kwethu njengeNjeje YabeNguni.
Izinkulumo ezinokuqhatha asezikhulumile esidlangalaleni ngokwenzeka eNkandla bezingenaso isidingo ngoba kwanaye unguMengameli waphakade weNhlangano yezepolitiki.
IziNduna zikaZulu ngisho endulo zazithatha izinqumo ezithinta isizwe nxa iNgonyama isemanqika njengoba umlando owaholela eMpini yaseSandlwana kanye neMpi Yamakhanda ufakaza.
Njengoba iNdlunkulu kaZulu yamemezela esizweni ukuthi akekho osahleli eSihlalweni sikaZulu, iziNduna ezingacheme napolitiki yizo esibheke kuzo ubuholi. Kuyasikhathaza kakhulu ukuthi umntomkhulu nomdala onguNdunankulu kaZulu osebone amasiko nendlela yokwenza yakwaZulu iminyaka esiyela kweyekhulu angaqoma ukusebenzisa abezindaba ukuzwakalisa okungamephethe kahle ngoMdidiyeli wamaButho.
Besilindele ukuthi uNdunankulu kaZulu uzobiza uMdidiyeli esigcawini lapho okuyobe kukhona ibandla, lapho izinto ebezingabhungwa khona bengekho abezindaba, ilaphoke uNdunankulu kaZulu abezochazela ibandla ukuthi woneni uMdidiyeli? Achaze ukuthi wenzeni uMgiliji.
Side kakhulu isikhathi owayenguMengameli uMnu uJacob Zuma elibutho loMkhumbi weMpi kaZulu kanti futhi intshesi imikhosi yeSizwe simbone embathe iSilo uBhejane kanye namanye amabutho, kweminye yemikhosi usuke ekhona uNdunankulu kaZulu, akakaze akhombise noma aphawule ngokuthi lokhu kakulungile manje kuwukungajuli ukuthi sengaphenduka namuhla ebese enze sengathi amaButho atheleke eNkandla abayovikela umuntu angamazi.
INjeje ikushayela ihlombe okwenziwe uMdidiyeli uMgiliji ukuthi akhombise ubuholi esikhathini lapho kungekho ndoda efuna ukuveza ikhanda.
Kuyishwa ukuthi uMntwana waKwaPhindangene usesebenzise isikhundla sokuba nguNdunankulu kaZulu ukufeza izinhloso zakhe ezingazikile zepolitiki ezilimaza uZulu, okuyinto esingabekezeleki.
Kayikho inhlobo yenhlonipho uNdunankulu kaZulu angakaze anikwe yona kepha sekuyacaca ukuthi le nhlonipho yiyo esimenze wabona ukuthi ngisho imiqondo yethu sekungeyakhe. Isimenze wabona ukuthi uZulu kasoze akwazi ukwakha ikusasa ngale kwezwi lakhe.
Usephendule isigqiki sobuDunankulu kaZulu ukuthi sibe into yokusebenzisa uBukhosi bukaZulu neNdlunkulu ukufeza izinhloso zakhe. Ngeke sisakwazi ukuthula uMntwana ede eqhubeka ehlakaza iSihlalo, iNdlunkulu kanye noZulu ngamabomu.
UMntwana waKwaPhindangene usitholile isikhathi sakhe sokuba akhombise ubuholi bakhe futhi nemvelo yamupha isikhathi esanele, kepha isikhathi sesifikile ukuthi adedele lesizukulwane sikaZulu siziphendlele ikusasa laso ngale kwesandla sepolitiki kwenziwa uBukhosi bukaZulu, iNdlunkulu kanye nesigqiki sokuba uNdunankulu kaZulu ihlathi lokucasha.
Siyacela uNdunankulu kaZulu ukuthi ake azibambe uma sekuvuka umoya wokubona amakhamera nemibhobho phambi kwakhe ngoba njalo uma eke wahlala phambi kwalezi zinto uvesane asimoshe asiqede isithunzi sikaZulu.
UMdidiyeli wamaButho iNduna uMgiliji siyeseka ngakho konke siyiNjeje YabeNguni futhi siyamnxusa ukuba aqhubeke akhombise ubuholi eSizweni njengoba uZulu ubhekene nezinkinga nxazonke, yikho lokhu uMdlokombana vuk’udl’amadoda ayembekela kona futhi siyakubonga lokhu kakhulu.