USIZI LWABOHLANGA: Ukudilizwa kwemizi kucijise imikhonto



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Yize sekuphele iminyaka engama-25 izwe lakhululeka emaketangweni obandlululo iningi laboHlanga ezindaweni zamaKhosi KwaZulu-Natal lisabhekene nosizi lwangezikhathi zobandlululo.
Ngezikhathi zikaHulumeni wabaqoneli aboHlanga babengenamalungelo futhi bebukelwa phansi ukwedlula ngisho izilwane. UHulumeni ubezenzela umathanda ngabo nangezindawo zabo.Iningi lasuswa ezindaweni zalo layolahlwa emahelekehleni nasemigubaneni ngoba uHulumeni wabaqoneli izindawo eseziphendula amapulazi abalimi abamhlophe ezinye ziphendulwa amadolobha nezindawo zokuhlala abadeshi.
Ngokungena kukaHulumeni wentando yeningi ngowe-1994 kube nelikhulu ithemba lokuthi umonakalo owenziwa ngabaqoneli kwaboHlanga uzolungiswa kupholiswe namanxeba adalwa wubandlululo kanti bayazikhohlisa. Naye lona uzoqhubeka lapho kwashiya khona uHulumeni wangaphambilini.
Ziyanda izigameko zokususwa kwaboHlanga ezindaweni zabo ezingaphansi kwamakhosi kulesi sifundazwe besuswa nguhulumeni abamvotele. Basuswa kulezindawo ngoba uhulumeni noma umasipala bethi amalungu omphakathi akhe ezindaweni zakhe yize kusuke kuyindawo ezingaphansi kwamakhosi.Kumanje isimo simanzonzo phakathi komphakathi wesizwe sakwaThoyani ngaphansi kweNkosi uHlengwa ogwini lweKwaZulu-Natal obhekene ngeziqu zamehlo nomasipala Itheku kubangwa ingxenye yendawo yaseLovu. Umasipala uthi le ndawo umphakathi osewakhe kuyona imizi kanokusho ingeyakhe ngakho ufuna ukwakha kuyona izindlu zomxhaso.
UMasipala weTheku usohlelweni lokuzobhidliza yonke le mizi eyakhe kule ndawo.
Ingxenye yomphakathi waboHlanga ohlala eMangethe okuyindawo yesizwe saseMacambini eNyakatho yeKwaZulu- Natal nawo ukhala esifanayo njengoba nakhona uHulumeni esekhiphe umyalelo wokuba kubhidilizwe imizi yawo ngoba ethi wakhe endaweni okungeyoMnyango wezeMisebenzi
UMnu uFanley Ncwane uthe umdonsiswano ngale ndawo yaseLovu phakathi kukamasipala nomphakathi owakhe kuyona izindlu zikanokusho kodwa manje osekumele zibhidlizwe uqale ngowezi-2012. Lo mdonsiswano ngendawo yaseLovu usuze waholela nasekulahlekeni kwemiphefumulo njengoba sekunamalungu omphakathi asedutshulwe abulawa yizinkabi okusolwa ukuthi bezithengwe ngabathile kwamasipala ukuqotha kwasani oluvimbe endleleni kamasipala.
Ithimba lezintatheli zephephandaba laboHlanga ebelizifi kele mathupha ukuzocoshela ngokuqhubekayo kule ndawo yaseLovu licishe langena enkingeni yokuhlaselwa ngamalungu omphakathi abecanga ukuthi sekuyizikhulu zakwamasipala ezibuyele ukuzodiliza imizi yawo.
ElaboHlanga lihabule umoya wokuthi njengoba belisematasa nomsebenzi wokucoshela nokuthatha izithombe okumele idilizwe bese kuhlatshwa umkhosi wokuba kuvalwe zonke izintuba ngenhloso yokuba zenzakaliswe izintatheli zaleli phephandaba.
Ngesikhathi izintatheli zelaboHlanga zisematasa zihlola imizi ezodilizwa kuthathwa nezithombe, kubonakala abesifazane behla bekhefuzela ngalapho ebelingakhona bezobuza ukuthi liyinikwe ngubani imvume yokuzothatha izithombe zemizi yabo. Elinye ilungu lomphakathi liyalele ithimba lezintatheli zelaboHlanga ukuba linyamalale endaweni ngoba lingase lenzakaliswe.
Ngesikhathi elaboHlanga selikhuluma ngocingo nomholi womphakathi uMnu uNcwane, ukuqinisekile ukuthi impela zisinde ngokulambisa izintatheli njengoba besekuhlatshwe umkhosi wokuba zimbozwe ngumphakathi.
“Phela besingazi ukuthi niyizintatheli ebezizocoshela izindaba ngosizi esibhekene nalo lapha. Mina ngesikhathi ngithintwa ngocingo ngisemsebenzini kuthiwa kunamadoda angaziwa abonakala ehambahamba endaweni ethatha nezithombe zemizi yethu sizitshele ukuthi sekuyizona futhi lezikhulu zakwamasipala ebesezibuyele ukuzodiliza imizi yethu. Ngibe sengikhipha umyalelo wokuba kuvalwe zonke izintuba ukuze nibanjwe nizonititinywa,” kusho uNcwane.
Uqhuba uthi: “Phela ukufi ka kwenu kusuke kwaqondana nokuthi abakwamasipala ngenyanga edlule kade begasele lapha bezobhidiliza imizi. Manje besizitshela ukuthi kuseyibo futhi sebebuyele ukuzobhidiliza imizi yethu.”
Iningi lamalungu omphakathi okukhulunywe nawo agxeka umasipala ngokugwamanda le ndawo yabo engaphansi koBukhosi. Umasipala uthi le ndawo uyifunela ukuqhubeza uhlelo lwakhe lwezindlu zomxhaso.
“Siyazi ukuthi inhloso kaHulumeni ngalezi zindlu zomxhaso ukunyonyobisa ukukhokhwa kwamareyithi ezindaweni zasemakhaya,” kusho uNks uNomusa Dlamini.
UNcwane yena uthi: “Empeleni impi phakathi kwethu nomasipala ngale ndawo yaseLovu iqale ngowezi-2012 iMeya kaMasipala Itheku kusenguMnu uJames Nxumalo. Umbango uqhubeke njalo nangowezi-2014 kwaze kwabe kungena imeya esanda kuphuma uNkk uZandile Gumede. Ngenxa yokuthi siyagoloza ukusuka kule ndawo yethu umasipala ugcine esesithengela izinkabi ezisihlaselayo. Ngikhuluma nje abanye ozakwethu ebesinabo ebuholini sihamba phezu kwabo ngemuva kokudutshulwa yilezi zinkabi. Nami sezingizame amahlandla amaningana zithi ziyangisoconga,” kusho uNcwane.
Uqhubeka uthi namanje isimo sisashubile phakathi komphakathi nomasipala kulandela isinqumo somphakathi sokumisa uhlelo lukamasipala lokuqhubeka nokuzokwakha izindlu zomxhaso endaweni yabo.
“Nazo lezi zindlu zomxhaso umasipala osicefezela ngazo kugcina kuhlonyuliswe abantu bangaphandle abalethwa ngosopolitiki, thina bendawo sisale sincela izithupha,” kuqhuba uNcwane. Uthi lezinkabi sezike zamhlasela nasemzini wakhe.
“Sisamile kwelokuthi ngeke sisuke kule ndawo yethu. Okungenani siyophuma ngamabhokisi omngcwabo. Abasibulale uma bethanda. Uma sisaphila sizimisele ukuyilwela le ndawo yethu,” kuqhuba uNcwane.
Uthi ngenyanga edlule kucishe kwachitheka uphoko kade kugasele abakwamasipala bephelezelwa yiqulu lonogada ebebehlome ngezinhlokohlela zezibhamu behamba ngezimoto ebezibalelwa kuma-27 kuzobhidlizwa imizi.
“Singumphakathi sivele savuka umbhejazana sazobaxosha. Kusize ukungenelela kwamaphoyisa ukugwema ukuchitheka kwegazi. Sibatshelile ukuthi ngeke sivume bazosibhidlizela imizi yethu esiyakhe ngezimali zokugcina. Iningi lale mizi esiyakhile ngeyezigidi,” kusaqhuba uNcwane.
Uqhuba uthi isimo sigcine sidanjiswe ngukungenelela kwamaphoyisa.
“Sibacelile ukuba basivezele incwadi ebagunyaza ukuzodiliza imizi yethu behluleka ukuyikhipha.Yingakho begcine behlele ngezansi bahamba,”kuqhuba uNcwane.
Uthi kuyimanje kunecala enkantolo lapho umasipala umangalele khona iNkosi uHlengwa kubangwa yona le ndawo. “UMasipala usola iNkosi ukuthi yiyo ebeke abantu endaweni yakhe,” kuqhuba uNcwane.
Uthi leli cala belingene ngomhla zingama-28 kuMfumfu wenyanga edlule.
UNks uNonjabulo Mfeka ongomunye wabagilwa bokubhidlizelwa umuzi naye uhambe emagameni kaNcwane. Uthe bayosuka beyizidumbu kule ndawo. “Mina ngasekuqaleni kukaMasingana walo nyaka bangibhidlizele imizi emibili ebengiyakhe ngasezimpambanweni zomgwaqo eLovu. Omunye bengiwakhele abazali bami. Bengibekwe yinduna kuleya ndawo. Lesi siza esengiqale kusona ukwakha singesesibili. Kulesisiza ngisisikelwe yiNkosi yesizwe uHlengwa uqobo lwakhe. Sizwile ukuthi nakhona uMasipala uthi uyasisusa ngoba indawo yakhe,” kuqhuba uNks Mfeka.
UMfeka ukhala ngesihluku nonya athi lukhonjiswe ngabakwaMasipala Itheku ngesikhathi bezobabhidlizela imizi ngoMasingana walo nyaka.
“Ngiyasesaba isihluku esenziwe ngabakwamasipala ngesikhathi besidilizela imizi yethu singabesifazane. Izisebenzi zakwamasipala ezingaboHlanga bezisibhuqa zisihleka ngesikhathi ugandaganda udiliza imizi yethu,” kusho uMfeka.
Uqhuba uthi sebezwile ukuthi nakhona futhi kule ndawo asebeqale ukwakha kuyona umasipala ufuna ukubasusa.
“Asazi ukuthi sesizoshonaphi manje. Okusiphatha kabuhlungu sihlukunyezwa nguHulumeni wethu oholwa ngaboHlanga nesimvotele. Wayengcono kabi uHulumeni wobandlululo kunalona wethu osiphethe. Phela noma naye wayesihlukumeza kwakungcono ngoba sasazi ukuthi sihlukunyezwa ngamaBhunu angasifuni vele,” kusaqhuba yena.
Uqhuba uthi ikhehla lakwaMazibuko elakhe isithabathaba somuzi oyisitezi licishe lazibulala ngokuzilengisa kade beligasele emzini walo bethi bazowubhidliza.
“Libatshelile ukuthi ngeke livume bawubhidlize ngoba lomuzi walo liwakhe ngemali yokugcina elaphuma nayo emsebenzini. Lithe alisenawo amandla okwakha omunye umuzi, okungcono abalibulale. Lithe futhi uma beqhubea ngenkani kusho ukuthi selizohamba liyophenduka iphara elilala ezitaladini zeTheku,” kuqhuba uMfeka.
Uqhuba uthi: “Okubuhlungu wukuthi iningi lethu le mizi liyakhe ngaloan okumanje libhajwe ezikweletini. Ngesikhathi besasikaza ukusibhidlizela sazama ukuxhumana nomama uZandile Gumede kodwa wavele wasishaya indiva. Kuthe noma sesibhidlizelwe sambikela kodwa wadlula wangenza lutho,”
Nomphakathi waseMangethe nawo owakhe imizi kanokusho usunikezwe umnqamulajuqu wokuba uphume uphele kule ndawo owakhe kuyona ngoba indawo yakwaPublic Works.
Ikhansela lendawo uNks Nonhlanhla Sibiya likuqinisekisile ukuthi sewuphumile umyalelo wokuba lo mphakathi usuke kule ndawo owakhe kuyona.
“UMnyango Wezemisebenzi yoMphakathi uthi kule ndawo yawo uyibekele ukwakha isikole, umtholampilo, ihholo lomphakathi kanye nenkundla yezemidlalo,” kusho uNks uSibiya. USibiya uthi naye akazi ukuthi le nkinga izoxazululeka kanjani.“Isimo sishubile emphakathini, asazi ukuthi iyozala nkomoni,” kuphetha uSibiya.
USihlalo wekomiti lomphakathi uMnu uPrince Dube naye uhambe emagameni kaSibiya wathi isimo simanzonzo emphakathini waseMangethe.
“Umphakathi lezindawo ubuzithenga ngemali esukela kuR45 000 umuntu emunye okuyimali ebebeyikhokha enkosini uMthokozisi Mathaba. Kubuhlungu uma sekuhlukumezeka abantu abangenacala. Abanye abantu badayiselwe nguMaveshe Sibiya ongasekho emhlabeni. Empeleni inkosi uMathaba okumele iphendule ngokudayiswa kwalomhlaba waseMangethe,” kusho uDube.
Induna yendawo ezibize ngoMnu uMsane ushaye phansi ngonyawo wathi bazokwakha ngenkani kul endawo uHulumeni asethi ingeyakhe.
“Lingawa licoshwe zinkukhu, asisuki kule ndawo. Le ndawo yaseMangethe ngeyamalungu omphakathi ongaphansi koBukhosi baseMacambini. Kule ndawo kwasuswa abantu nguHulumeni wobandlululo. Abantu abakhe khona babekwe ngabanikazi bezindawo base beyoyikhonzela enkosini. Siyakweshwama impela ukuthi le ndawo sekungekaHulumeni,” kuphetha induna uMsane.
Kuthintwa uMehluleli uJerome Ngwenya izolo ngokuthi kumiphi ngomhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust noMasipala iTheku uthe isimo saqala phansi uMasipala wabatshela ukuthi bayakweleta kumele bakhokhe. “Esakusho ukuthi akuhlalwe phansi kuxosiswane. Sekuphele iminyaka emine sithi siyaxoxisana kodwa akwenzeki lutho,” kuphetha uMntimande.
Izolo kusihlwa elaboHlanga lithinte okhulumela uMasipala iTheku uMnu uMsawakhe Mayisela ongatholakalanga ukuphawula.