Now Reading
Kuphahlazeke ebithwele umbutho wasePhillipines
Dark Light

Kuphahlazeke ebithwele umbutho wasePhillipines

Kushone abantu abali-17 ngesikhathi ibhanoyi lePhilippines Air Force ebelithwele amasosha liphahlazeka lapho lifika eningizimu nezwe emuva kwalokho lagqamuka amalangabi ngeSonto, okuyinhlekelele yomoya wezempi embi kunazo zonke ezweni eminyakeni ecishe ibe ngama-30.
Indiza yezokuthutha iLockheed C-130 iphahlazeke ePatikul esifundazweni saseSulu, eningizimu yesifundazwe esiqhingini lapho ibutho belilwela khona impi ende namasosha amaSulumane aqhamuka e-Abu Sayyaf nakwezinye izinhlaka.

Kutholakale izidumbu ezingu-17 kwathi abangu-40 abalimele basindisiwe kuze kube manje, kusho uNgqongqoshe wezokuVikela uDelfin Lorenzana esitatimendeni. Iningi labantu abangu-92 ababegibele kwakungamasosha endiza esuka eLaguindingan Airport, amanye amakhilomitha angama-460 (290 miles) ukuya enyakatho-mpumalanga. “Ukutakula nokululama kuyaqhubeka,” kusho uLorenzana.

Izithombe ebezisendaweni yesigameko ziveze amalangabi nentuthu ebichichima imvithi ibisakazeke phakathi kwezihlahla ngesikhathi amadoda abedlubhe umfaniswano wokulwa egobekile. Isikhatha esikhulu somusi omnyama senyuka sisuka ezintendeni zikakhukhunathi saya esibhakabhakeni.

Isikhulu samasosha uCirilito Sobejana uthe indiza; “Ibiphambukile uemzileni ngesikhathi izama ukuletha amandla kabusha kuwo.” Okhulumela umbutho wezempi, uColonel Edgard Arevalo, uthe akukho okukhombisayo ukuhlaselwa kwendiza, kodwa ukuthi uphenyo lokuphahlazeka alukakaqali kanti nemizamo ibigxile kwezokutakula nokwelashwa.

See Also

USobejana uthe emyalezweni abewuthumele kwabezindaba uthe indiza ishayise emakhilomitheni ambalwa ukusuka esikhumulweni sezindiza iJolo ngo-11H30 (0330GMT) futhi ibiphethe amasosha. “Njengamanje sinakekela abasindile abalethwe ngokushesha esibhedlela sesiteshi i-11th Infantry Division eBusbus, eJolo, eSulu,” esho. Lesi siqhingi siqhele ngamakhilomitha angama-950 (600 miles) eningizimu yenhlokodolobha, iManila.

Engozini yendiza embi kunazo zonke ezweni, i-Air Philippines Boeing 737 yaphahlazeka ngo-2000, kwashona abantu abali-131.

Scroll To Top