Now Reading
Kubikwa ukuhlengeka kwezimpilo zabantu uma kuvalwe utshwala
Dark Light

Kubikwa ukuhlengeka kwezimpilo zabantu uma kuvalwe utshwala

Imibiko ithi iNingizimu Afrika isenkingeni yophuzo oludakayo. Kuvela ukuthi kulahleka impilo yabantu ababalelwa ezi-15 000 ngonyaka ngenxa yotshwala, lezo ngama-75% enani labantu ababulawayo eNingizimu Afrika ngonyaka, kanti abaningi babulawa izingozi zomgwaqo ezidalwa uphuzo oludakayo.

Ngonyaka odlule lezi zibalo zehlile zafinyelela ezi-7 000, kepha okuvelile ukuthi akubalwa ukufa lapho umuntu egulile ngenxa yokuphuza kakhulu utshwala. Izibalo ziphinda ziveze ukuthi imboni yotshwala iyo eqasha kakhulu eNingizimu Afrika.

Umbiko okhishwe iNyuvesi yaseKapa kanye nethimba labacwaningi bezempilo iMedical Research Council (MRC) uthi uma uHulumeni evale utshwala ziyehla izibalo zabantu abadlula emhlabeni ngezingozi.

Obethula umbiko uMnu uTom Moultrie uthi baqhathanise izibalo zabantu abadlula emhlabeni ngesonto, kungasikhona ukuthi ingoba begulile kepha kushiwo ukubulawa ngesandla somuntu, izingozi zemigwaqo kanye nokuzibulala. Lezi zibalo iMRC yethule ukuthi izenze ngesikhathi kunemigomo ngokuthengisa utshwala kanye nesikhathi sewashi kusuka sekuzophela uZibandlela ngowezi-2019 kuze kube nguMbasa kophezulu.

Abacwaningi baveze ukuthi lolu cwaningo bebelwenza behlukanisa ka-3 ngemigomo yokuthengisa ngotshwala. Okokuqala ilapho kungekho mgomo obekiwe ngokuthengiswa kotshwala, okwesi-2 ilapho kunemigomo ethi abuthengise ngoMsombuluko kuya kuLwesine okwesi-3 isikhathi lapho bungathengisi nhlobo.

Basebenzise uhlelo lokucwaninga iRegression lapho bethole ukuthi kunokuxhumana okuningi phakathi kokuthengisa utshwala kube nemikhawulo kanjalo nokwehla kokufa okungesikhona kwemvelo, kungakhathalekile ukuthi isikhathi sewashi side kangakanani. “Kuba nomphumela uma isikhathi sewashi silokhu selulwa, kungama ngamahora ama-4 kuya kwayisi-7. Ukumiswa ngokuphelele ukuthengiswa kotshwala kanye nesikhathi sewashi siyancipha isibalo sabantu abafayo kungasiyona imvelo. Okungabantu ababalelwa ema-42 ngosuku noma ngama-26%,” kusho umbiko.

Uqhuba uthi; “Ukuvalwa ngokuphelele kokuthengisa utshwala kuzehlisa ngokuphelele izibalo zabantu abafayo okungadalwa imvelo noma engabe isikhathi sewashi singakanani. Ngezikhathi lapho kuvuliwe ukuthengisa utshwala isikhathi sewashi besingenamthelela omkhulu izinga lokufa kwabantu belifana.”

See Also

Baveze ukuthi uma kuncishiswe isikhathi sokuthengisa utshwala kuhlengeka izimpilo zabantu abangama-42 ngosuku uma kanjalo nesikhathi sewashi samahora ama-4 kuya kwayisi-7. Baphinda baveza ukuthi uma kunemvalelwakhaya ephelele eseyaziwa njengesigaba sesi-5 kuhlengeka impilo yabantu abangama-74 ngosuku.

Umphakathi uphefumulile ngalolu daba uMnu uMthokozisi Ngubane uthe; “Akudingi nanokuthi kuze kwenziwe ucwaningo impela izibalo ziyehla zabafayo. Abantu abaphuza utshwala baphuza kakhulu bese bengena ezimotweni bashayele.”

UNks uZilungile Zaca uthe; “Mina ngihlala elokishini, sihlezi sibona abantu abalwayo bephuze utshwala abanye baze babulalane. Kodwa uma kuvalwe utshwala asikuboni lokho. Lokhu kunguphawu lokuthi lolucwaningo luyiqiniso.”

Scroll To Top