Msunduzi uthi usothini emveni kwesinqumo seNkantolo
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Mhla zili-17 kuNhlangulana iNkantolo Ephakeme yaseMgungungundlovu yazisa uMasipala uMsunduzi ukuthi uwunika isikhathi esingangenyanga ukuthi uthumelele iNkantolo ukuba uzozixazulula kanjani izinkinga ezikhungethe iNew England Landfill, okuyindawo enkulukazi yokulahla imfucuza eMsunduzi kanye nabanye oMasipala abancane abakhele lo Masipala. Icala lalifakwe iKhomishini Lamalungelo Abantu.
Le ndawo ibe ngundaba mlonyeni ezikhathini ezedlule lapho uma kushisa kakhulu kuqubuka imlilo, nokungavumelekile. Nokho le mililo ilokhu yagcina ukuba khona mhla zingama-21 kuNtulikazi nyakenye.
ISikhulu Esiphezulu sophiko iWaste eMsunduzi uMnu uWilson Mhlongo (osesithombeni) ulandise iBAYEDE ukuthi sebekuphi nezinhlelo njengoba iNkantolo ibayalele ukuthi uMasipala uhambise amaqhingasu abazowasebenzisa ukulungisa isimo saseLandfill. “Sithole umyalelo wokuthi sihambisane nemigomo yokulawulwa kweLandfill ngoba besingenzi kahle esikhathini esiphambilini. Ngamafuphi iNkantolo isazise ukuthi kumele senze lokhu ekumele engabe vele bekwenzeka ngaphambilini obekuzokwenza ukuthi kulawuleke kahle iLandfill,” kusho uMnu uMhlongo.
Uthi uMasipala bewunikezwe isikhathi esingangenyanga ukuba uhlinzeke iNkantolo ngamaqhingasu abazowasebenzisa ukulungisa isimo. Uthi izinto ebekumele bazenze bezihlukaniswe kabili eyokuqala eyokuhlonza ochwepheshe abazokwenza umsebenzi wokuqapha amanzi ahamba ngaphansi, kuphinde kuhlonzwe abanye ochwepheshe abazoqikelela ukuthi yonke imigomo yokulawula indawo iyalandelwa.
“UMasipala sewukwenzile okuningi okushiwo iNkantolo, awuzogcina ngokubhala ukuthi uzokwenza kepha sewukwenzile. Njengokugqiba imfucuza eLandfill Site nsukuzonke ngenhlabathi. Siqikelelile ukuthi lokhu kwenziwa nsuku zonke ukuze kunqandwe ukuthi kube nemibiko la kuzothiwa asenzi kahle. Isibonelo nje enkulumweni efungelwe iNkantolo ishilo ukuthi kunesikhathi la uMasipala oke wenza kahle khona wabuye wayeka, ingezikhathi lapho hlampe kufe umshini ongqingqayo ingakho siqikelela ukuthi lokhu sekwenziwa nsuku zonke,” usho kanje.
Uthe kuningi asebekwenzile, wathi njengamanje uMasipala uhleli kuma-90% asebekwenzile ukulandela le migomo ebekwe yiNkantolo. “Kunezinto ezishiwo iNkantolo njengokuthi asiqoke isikhulu esiphezulu esizo bhekana neLandfill, lapho sinayo uMnu uCyril Naido, saqinisekisa ukuthi kuyagqitshwa nsuku zonke, lokho sakuthumelela noMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nokunakekelwa Kwemvelo,” kusho yena.
Uthi bayathumela imibiko wonke amasonto ukuthi benzeni benguMasipala. Babazisa nezingqinamba abahlangabezana nazo. “Isibonelo sinenkinga yabantu abaqoqa imfucuza lokho uMnyango uyakwazi, ngoba akuvumelekile ukulanda imfucuza endaweni yokulahla. UMnyango wathembisa ukuthi lokho uzokuxazulula ngoba kuthikameza ukusebenza kwansuku zonke eLandfill,” usho kanje.
Uthi bathole umyalelo wokuthi baqinisekise ukuthi ingqalasizinda yabo iyasebenza, wathi ngonyaka owedlule uMkhandlu uqashe inkampani ukuthi ilungise umgwaqo okuleya ndawo ukuze izimoto zikwazi ukufinyelela lapho kulahlwa khona. “Saqinisekisa ukuthi kuthengwa umshini okulungele ukusebenza kuleya ndawo, njengmvukuzane engamathani angama-30, okuyiyona kuphela uMasipala onawo. Sinendawo esilanda khona umhlabathi ogunyazwe nguMlawuli wezeMvelo endaweni yethu. Kusuka ngonyaka odlule asikaze sizithole singenazo izinsiza kusebenza,” usho kanje.
Uthi okunye okwathiwa abakwenze ukuqoqa imfucuza elahlwe endaweni ekungamele engabe ilahlwe khona, wathi abanayo imfucuza ehleli noma ikuphi. “Ngithanda ukugcizelela ukuthi inkinga enkulu esinayo eyokuthi sinabantu ekumele sibavumele ukuthi bacoshe imfucuza kuleyandawo, kodwa okuyiyona yinto ethikameza ukusebenza kukaMasipala. Laba abacosha imfucuza abalawuleki. Ilayisense yethu noma isivumela ukuthi sibe nabantu abacosha imfucuza iphinde isho ukuthi uma kusithikameza kumele siyivale sithole indlela entsha yokuthi lolu hlaka luphinde lusebenze,” kusho uMnu uMhlongo.
Uthi iNkantolo iphinde yabayalela ukuthi bathenge amaloli, amabili. Bawathengile esabelomalini sowezi-2020/21. “Sizothenga omunye umshini ogqingqayo, seyiqokiwe nenkampani ezosinikeza,” usho kanje.
Uthi iqokiwe inkampani engochwepheshe ekulawulweni kweLandfill ezosebenza iminyaka emi-3, kulindwe baqale ukusebenza. “Uma sebeqalile sizokwazi ukuya kuMnyango Wezemvelo sithi sesiyayilandela imigomo ngoba konke abebekucelile sizobe sesikwenzile. Inkinga esinayo kwathiwa siqoke indawo labo abacosha imfucuza abazosebenza kuyona, kepha abezwa abasebenzi kuyona, bafuna ukuyosebenza la kusetshenzwa khona,” kusho uMnu uMhlongo.