Now Reading
Udaba lwase Afghanistan luhlanganise inkukhu nempaka kwezombutho
Dark Light

Udaba lwase Afghanistan luhlanganise inkukhu nempaka kwezombutho

Izikhulu eziphezulu zamasosha ase-USA naseRussia zibambe izinkulumo amahora ayisithupha eHelsinki ngoLwesithathu, emhlanganweni wokuqala wobuso nobuso phakathi kwabo kusukela ngowezi-2019 njengoba womabili la mazwe ezama ukwamukela ukuhlehla noma ukuphuma kwe-USA kanye nokubusa kweqembu iTaliban e-Afghanistan.

UJenene uMark Milley (osesithombeni), uSihlalo weJoint Chiefs of Staff, kanye nomphathi jikelele waseRussia, uValery Gerasimov, abavamisile ukudalula imininingwane yezingxoxo nezitatimende zabo ezinhlangothini zombili bezincane zingachazi lutho kabanzi.
Isitatimende samasosha ase-USA, ebesifaka nemininingwane ngobude bomhlangano kodwa hhayi amaphuzu alo mhlangano, sithe izingxoxo bezihlose “ukunciphisa ubungozi nokusebenza kwezimpi.” Abezindaba baseRussia iRIA babike ukuthi izingxoxo bezihlose izingxoxo zokunciphisa ubungozi.

I-USA neRussia bavame ukuqhudelana ngezintshisekelo zempi emhlabeni wonke, kufaka phakathi amazwe afana neSyria, lapho amabutho ase-USA nawaseRussia asebenze eduze kakhulu. Ukuthi iWashington neMoscow bazulazula kanjani ezinyathelweni ezilandelayo e-Afghanistan kusazobonakala.

Amasosha ase-USA angaphansi kwengcindezi evela kuCongress yokuqinisa isu lokulwa nobuphekula ukubhekana nobungozi obuvela e-Afghanistan kulandela ukuhoxa kwe-USA kanye nokuthathwa kombuso waleli lizwe iqembu lamaTaliban ngoNcwaba.

See Also

UHulumeni kaMengameli uJoe Biden uthe uzothembela emisebenzini “yokuqonda” engagadla amaqembu afana ne-Al Qaeda noma Islamic State e-Afghanistan uma besabisa i-USA. Kepha, njengoba kungekho mabutho phansi, ubukhulu bekhono leWashington lokuthola nokumisa iziza akucaci.

Ngemuva kweminyaka engama-20 yempi, izikhulu zamasosha ase-USA nazo zinombono omfushane ngamaTaliban futhi zibona ubudlelwano baleli qembu ne-Al Qaeda. UMengameli waseRussia uVladimir Putin uthe iMoscow idinga ukusebenzisana noHulumeni oholwa yiTaliban nokuthi amazwe omhlaba kufanele acabangele ukukhulula impahla yase-Afghanistan.

Scroll To Top