Now Reading
Ungazibulali Mfundi: Umyalezo ngemiphumela yebanga leshumi nambili
Dark Light

Ungazibulali Mfundi: Umyalezo ngemiphumela yebanga leshumi nambili

Ukuze imfundo yethu iphumelele kudingeka ukubambisana nokubekezelelana phakathi komfundi, uthisha nomzali. Lokhu kungasiza ukugwema inhlekelele yokuzibulala kwabafundi abangayitholanga imiphumela emihle


Sisalinde imiphumela kamatikuletsheni wezi-2020 ngifisa aboHlanga, ikakhulukazi izingane kanye nabazali bezingane ebezifunda umatikuletsheni ngonyaka odlule, bazilungiselele. Ngithi asizilungiselele ngoba isikhathi sokuphuma kwemiphumela yisikhathi esivamise ukuba nzima kulabo abebebhala izivivinyo ebangeni labo lokugcina besesikoleni. Ingcindezi yokungaphumeleli evela kubazali kanye nomphakathi yenza iningi labafundi bacabange ukuzibulala. 

Okuzwisa ubuhlungu ukuthi iningi labafundi bazibona beyizehluleki futhi bengelutho ngenxa yokungaphumeleli. Bazithwesa icala kanti futhi nathi singabazali sibathwesa lona icala, sisho nokusho ukuthi bahluleke kanjani ontanga babo bephumelele. Into esiyikhohlwayo, sonke, ukuthi ukuphumelela kwabafundi esikoleni kuncike kubantu abathathu.

Impumelelo kwezemfundo incike kakhulu ekubambisaneni nasekusebenzisaneni phakathi kukathisha, umfundi kanye nomzali. Ngaphandle kokusebenzinsana kwalaba bantu abathathu kunzima ukuthi kube nemiphumela emihle kwezemfundo. Laba bantu abathathu engibabalile ngaphezulu banendima yabo ngamunye nangamunye okumele bayiklame ukuqinisekisa ukuthi kuba nempumelelo. 

Laba abathathu ngibafanisa nebhodwe lesintu lokubasa phansi elinemilenze emithathu. Lolu hlobo lwebhodwe alukwazi ukuma uma omunye wemilenze ungekho. Imiphumela engemihle kwezemfundo, esikhathini esiningi, ibangwa ukungasebenzinsani kukathisha nomfundi, noma othisha nabazali, noma abazali nabafundi. Kulezi zigatshana ezilandelayo ngikubone kusemqoka ukuthi ngichaze kabanzi ngendima okumele ilinywe othisha, abafundi kanye nabazali ekwenzeni ngcono ezemfundo kuleli. 

Abafundi

Ngiqala ngabafundi ngoba yibo ababalulekile kulobu budlelwane phakathi kwalaba  bantu abathathu engibabalile. Angeke kube khona imfundo ngaphandle kwabafundi. Ukubaluleka kwabafundi kufana nokubaluleka kwakho njengoba ufunda lesi siqephu kuleli viki. Asikho isidingo sokuthi ngibhale lo mbhalo kuleli phephandaba uma engekho ozosifunda. Imfundo ayibalulekile uma kungekho ozofunda noma ozofundiswa. 

Impumelelo kwezemfundo incike kakhulu kubafundi. Noma singaba nothisha kanye nezinsiza kufundisa ezihamba phambili, angeke zaba usizo uma umfundi engeke alima indima yakhe. Umfundi kumele azihluphe futhi azimisele ngomsebenzi wesikole. 

Kuye kube buhlungu ukuzwa othisha bekhala ngengcindezi ababhekene nayo kanye nokuhlukumezeka ababhekene nakho okuvela kubafundi. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi ngaphandle kokuthi abafundi bazi ukuthi bayokwenzani esikoleni, akukho okungenziwa ukuze kube nemiphumela engcono. 

Uma ungumfundi ofisa imiphumela emihle, kubalulekile ukuthi ubambisane nothisha kanye nabazali bakho. Impumelelo yomfundi incike ekusebenzeni kanzima unyaka uqala, asebenze ngokubambisana nabanye abafundi nothisha kanye nabazali bakhe. 

Kubalulekile ukuthi umfundi azazi ukuthi ufunani empilweni. Lokhu kwenza umsebenzi kathisha kanye nomzali ubelula kakhulu. 

Othisha

Othisha babaluleke kakhulu empilweni yabafundi. Balima indima enkulu yokuba yiso lomzali futhi kwenye inkathi bangabazali ezinganeni ezingenabazali. 

Namuhla sinabantu abaneziqu ezinhlobonhlobo ngenxa yemisebenzi yothisha. Ngiveza ukubaluleka kwabo ngoba ngifisa ukuthi wonke umuntu, kulaba abathathu engikhuluma ngabo, abone ukubaluleka kwakhe. Angeke kwaba khona isikole ngaphandle kukathisha. 

Othisha bayingxeye ebalulekile ekuphumeleleni kwabafundi. Lokhu kusho ukuthi sidinga othisha abazozimisela futhi abazozinika isikhathi kanye nothando kuyo yonke into abayenzayo ehlangene nokufunda kanye nokufundisa. 

Siphila esikhathini sobuchwepheshe obuhamba phambili, lapho abafundi bengakwazi ukufunda emifanekisweni eqoshiwe, kodwa akusho ukuthi indima kathisha ayikho. Kudingeka othisha abazoba nesineke kanye nothando lokufundisa kanye nabantwana.

See Also

Kubalulekile ukuthi uthisha abe ngumuntu ofisa okuhle ngezingane zakhe zesikole. Lokhu kubiza ukuthi azidele futhi azehlise nalapho ezwa khona ukuthi amaphaphu aphezulu. 

Abazali

Ingxenye yemiphumela emihle kanye nengemihle kwezemfundo incike kubazali bomfundi. Abazali baklama enkulu indima kwezemfundo. Ngaphandle kwabazali okuyibona abavusa izingane ukuze zilungele ukuya esikoleni ngabe abafundi bayazilalela bangayi esikoleni. 

Uma ufuna ukubona ikhaya esuka kulo ingane buka indlela eziphethe ngayo esikoleni. Kukancane ukuthi ingane ihluke empilweni eyiphila ekhaya uma isifika esikoleni. Lokhu kusho ukuthi abazali banomthelela omkhulu empumelelweni yengane. Kubiza ukuthi umzali azazi ukuthi ungumzali enganeni efundayo. 

Abazali abaningi bathatha izingane bayozifuhleka kothisha bagade ukuthi othisha kube khona ushintsho abalwenza enganeni bebe behlulekile bona. Kudingeka ukuthi abazali babekhona empilweni yemfundo yengane. Umzali akazi ukuthi ingane yenzani esikoleni futhi kudingeka ukuthi abambisane nothisha. 

Abanye abazali bayagujwa uma kumele baye emihlanganweni, ikakhulukazi ezikoleni zethu thina aboHlanga. Impumelelo yezemfundo kuleli isidinga sonke futhi isidinga sibambisene. Ukuze ubudlelwane buphumelele budinga uthando, ukubekezelelana, isineke, inhliziyo ethobekile futhi engabambi amagqubu. 

Uma sibambisene singenza lukhulu ekwenzeni ngcono ezemfundo kuleli. Kungakho ngikubone kubalulekile ukwelekelela abafundi, othisha kanye nezingane ngomkhankaso obizwa nge#MatricUngazibulali. 

Ngikubone kubalulekile futhi ukuthi ngivule ikhasi kuFacebook elibizwa nge#MatricUngazibulali Support Group ukuze sibambisane ekwenzeni ngcono ezemfundo kuleli. 

Scroll To Top