Amalungiselelo e-Olympics ahambe kahle phezu kwamathizethizeni



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Yize lubaphazamisile ukhuvethe emalungiselweni abo kodwa kodwa ubona kungeke kubaphazamise ezifisweni zabo.
Lowo nguNkuliso Zondi oyisekela mqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane leHockey, maduze nje elizolibhekisa eTokyo nokuyilapho kuzobe kusingethwe khona umqhudelwano omkhulu we-Olympics. “Ngeke ngaqamba amanga ukhuvethe lusiphazamise kakhulu ekutheni sikwazi ukuzilungiselela lo mqhudelwano omkhulu kangaka. Kodwa lokho akusho ukuthi uma sesingenzi kahle kumele sicashe ngesithupha. Sizimisele ukuphakamisa ifulegi lalapha eNingizimu Afrika eTokyo, ngokuthi sibuye nendondo,” usho kanje.
Ngokusho kukaZondi uthe elakuleli lagcina ukudlala imidlalo ngonyaka odlule ngoNhlolanja nangoNdasa, lapho babebhekene khona neGermany, iChina ne-Ireland. Uphinde wathi kusukela ngoMasingana bebeba nezimpelasonto abahlangana khona bonke eGoli ukuzilungiselela wona njalo lo mqhudelwano.
Ukubalulile ukuthi bakhona abadlali ababili abaseke batholakala naleli gciwane, kodwa bebeqinisekisa ukuthi bayayilandela imiyalelo kaHulumeni. “Imidlalo yesihle nokuyiyo esizoyilungiselela ngayo sizoyidlala khona eToyko lapho sizobe sidlala namazwe avele nawo azobe eyingxenye ye-Olympics” kusho uZondi.
Le nsizwa ngokudabuka idabuka eManzimtoti, kodwa manje isizinze ePitoli ngenxa yawo umsebenzi, ekubeni kwayo isekela ilekelela uRobin van Ginkel. “Eqenjini lethu sinabo abadlali abanesipiliyoni siphinde sibe nabancane futhi abazimisele ukwenza kahle eToyko. Kubadlali esithembele amava abo uPhumelele Mbande ongunozinti, onesikhathi eside evimba eqenjini lesizwe uzosivimbela kahle kakhulu njengoba ehlezi enza. Kube u Lisa Deetlefs okwazi ukudlala phambili nasemumva. Kubadlali baphambili siqoke izingane ezincane ezizokwazi ukuba nomfutho wokugijima zishaye amagoli,” kusho uZondi.
Uqale ukuba isekela mqeqeshi ngoMfumfu ngonyaka wezi-2018, ukuba seqenjini lesizwe kwaba ngunyaka wezi-2015.
Ngonyaka wezi-2015 kuya kunyaka wezi-2016 nalapho wayeqeqesha iqembu labaneminyaka engaphansi kweminyaka engaphansi kwengama-21, kuthe ngonyaka wezi-2017 kuya kunyaka wezi-2018 waba seqenjini labesilili. Emvakwalokho wabe esejoyina leli qembu Labantu besifazane.
Echaza ngokwamenza wajoyina lo mdlalo uthe: “Okwangenza ngijoyine lo mdlalo ingoba ufana nonobhutshuzwayo, indlela odlalwa ngayo nje uyafana. Ngabe sengiheheka kakhulu iwona ngifisa ukuwazi kabanzi. Ngiwudlale kakhulu, ngaphambi kokuthi ngibe umqeqeshi kuwona” usho kanje umfokaZondi.
Uthe okwamanje akufisayo ukuthi iqembu lesizwe lenze kahle kuma-Olympics, umqhudelwano i-African Cup, kube umqhudelwano amaCommonwealth Games neNdebe YoMhlaba yonke le miqhudelwano izokuba ngonyaka ozayo. Okukhulu kakhulu ukuthi abe ngumqeqeshi noma iMenenja eqenjini labesilisa nelabesifazane.
Selilonke iqembu elizomela iNingizimu Afrika eToyko kwiHockey lithakwe kanje:
Elabesifazane
uQuanita Bobbs, u-Erin Christie, uLisa Deetlefs, uLilian Du Plessis, uNicole Erasmus, uTarryn Glasby, uRobyn Johnson, uCharne Maddocks, uLerato Mahole, uPhumelela Mbande, u-Edith Molikoe, uKristen Paton, uTarryn Potts, uCelia Seerane, uNomnikelo Veto no-Onthatile Zulu.
Elabesilisa
u-Erasmus Pieterse, uTimothy Drummond, u-Austin Smith, uMohamed Mea, uMatthew GuiseBrown, uJethro Eustice, uNduduzo Lembethe, uTaine Paton, uNicholas Spooner, uClinton Panther, uSamkelo Mvimbi, u-Abdul Cassiem, uMustapha Cassiem, uNqobile Ntuli, uKeenan Horne noTevin Kok.