USomahhashi uyawuthemba Umvoti kuhlungelwa iGladAfrica
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMnu uThami Ngubane oyiMeya yase-Umvoti, uthemba ukuthi iqembu eliqhamuka ngaphansi kwalowa Masipala nakanjani lizoyinqoba imidlalo yokuhlunga.
Iqembu laseGreytown elibizwa ngokuthi Umvoti FC ilona elinqobe iligi eyisigaba sesithathu lapha eNingizimu Afrika i-ABC Motsepe League ngaphansi kwesifundazwe iKwaZulu-Natal. Ngalokho uzomela isifundazwe sawo emdlalweni wokuhlungela ukungena kuGladAfrica Championship. Imidlalo yokuhlunga yakule sizini izobanjelwa esifundazweni iMpumalanga, kulindeleke ukuthi iqale mhla zingama-28 kwephezulu isongwe mhla zintathu kuNtulikazi.
UMnu uNgubane obenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga uthe uyawuthemba kakhulu Umvoti FC ukuthi ungaliphakamisa ifulegi laKwaZulu-Natal kule midlalo.
“Iyodwa into engenza ngibe nelikhulu ithemba lokuthi nakanjani Umvoti FC uzokwenza kahle kule midlalo yokuhlunga, ingoba usuya okwesithathu ukuyodlala le midlalo ngaphansi kweminyaka emihlanu. Ngikholwa ukuthi abaqeqeshi nabadlali bafundile emaphutheni enze ukuthi singadluleli esigabeni esingaphezulu, ngamafuphi eMpumalanga ilapho khona kuyolungiswa khona amaphutha. Okokuqala Umvoti FC waya kule midlalo ubuthaka kwazise wawuhanjelwe umqeqeshi uBheka Phakathi, ngesizini edlule kube yizinkinga nje ezincane. Kulokhu akukho okuzophazamisa” kusho uMnuz uNgubane.
Umvoti FC ngesizini yangonyaka wezi-2017/18 wamela iKwaZulu-Natal, nangesizini edlule futhi ukwenzile lokho nalapho waphuma khona emdlalweni wamasemi-final kumaphenathi. Leli qembu eliqeqeshwa uDoctor Mkhonza liqede isizini lihlulwe umdlalo owodwa nje vo.
Njengoba iligi ibinamaqoqo amabili Umvoti FC kowamanqamu watholana phezulu neReal Kings emdlaweni owabe unemilenze emibili wanqoba ngokushaya igoli ekuhambeni.
“Ngomhla zili-16 kwephezulu singuMasipala siwuvalelisile Umvoti FC ukuthi uyosimela ngempumelelo kulesiya sifundazwe. Okujabulisayo ukuthi asikhombisi ukuliseka leli qembu ngoba selenze kahle nje kuphela kodwa siliseka iqala isizini okanye uqala unyaka.
Kwisabelomali saMasipala imali eyizi-R800 000, kuba eyalo leli qembu ukulixhasa kukhona konke elikwenzayo kuleyo sizini. Sikhipha imali engaka nje kodwa singuMasipala omncane ukube siwuMasipala omkhulu ngabe sikhipha okungaphezulu kwalokhu, ngoba asinazo izinto eziningi eziphakamisa uMsinga njengakwezinye izindawo. Ngalokho sisuke siwukhuthaza ekutheni wenze kahle” kuqhuba uMnu uNgubane.
Amanye amaqembu azoba yingxenye yemidlalo yokuhlunga eMpumalanga, iThe Dolphins yaseLimpompo, iFC Sivutsa yaseMpumalanga, iCity Rovers yaseNorth West, iMangaung United yaseFree State, iHungry Lion yaseNorthern Cape, iGlenede United yaseWestern Cape, iBCM Stars yase-Eastern Cape neLerumo United yaseGauteng.
Ngesizini edlule iBizana Pondo Chiefs iyona ebe ngompetha bokuhlunga, yize ingeyase-Eastern Cape kodwa imidlalo yayo yeligi kuGladAfrica Championship iyidlalele eKing Zwelithini Stadium, eMlaza nokuyinto leyo eyasusa okukhulu ukukhuluma.
ElaboHlanga libuze uMnu uNgubane ukuthi uma kungathiwa uMvoti uyayinqoba le midlalo, uzokwenzenjani ngesizini ezayo uthe: “Lokho sikubonile kwenzeka kwezinye izifundazwe, kodwa engingakusho ukuthi asilinde sibone kwenzakalani. Kodwa nje ukuthi sizobheka inkundla yawo Umvoti FC ukuthi isesimeni esifanele yini ukusingatha imidlalo yeGladAfrica uma kungenjalo sizoyilungisa ngokushesha bese siyawuvumela usebenzise enye inkundla esesimeni kuze kube siyaqeda. Ukunyuka ko-Umvoti FC kobe kusho ukuthuthuka komnotho kule ndawo ingakho nje, sizokwenza ngakho konke ukuthi uma unqoba imidlalo yawo yasekhaya iza lapha” usho kanje uMnu uNgubane.
Uma kungathiwa Umvoti FC uyanqoba kobe kusho ukuthi iqembu lesithathu elinyukela esigabeni esingaphezulu eliqhamuka KwaZulu-Natal, amanye amaqembu iReal Kings no-Uthongathi FC.
Umvoti FC uzobeka amathemba awo kubadlali abafana noThabo Dlomoyi ongunozinti, uSandile Goqo, uDiyo Sibisi owazakhela udumo kuPSL noSthembiso Ngcamu ongukaputeni waleli qembu.
“Okokugcina okungumyalezo kubadlali bo-Umvoti FC nethimba lonke ukuthi bazi ukuthi abamele iqembu labo kuphela okanye uMasipala wethu kodwa bamele isifundazwe sonke iKwaZulu-Natal. Ngifisa basimele ngempumelelo, bandise amaqembu akulesi sifundazwe esigabeni esikhulu” esonga uMnu uNgubane.
Abanye ababongwe ilo Masipala uMnyango Wezemidlalo oholwa uMphathiswa uHlengiwe Mavimbela nawo olekelele leli qembu ohambweni lawo. Amazwi omphathi wo-Umvoti FC uBonginhlanhla Gwala, “Siyabonga kakhulu kuMasipala wase-Umvoti ngokukhombisa ukusiseka kangaka, yize kuwuMasipala omncane. Siyakholwa ukube mkhulu ngabe kuningi esikutholayo kuwona, kodwa lokhu osinika khona kukhulu ngendlela eyisimanga”
“Kubuhlungu ukuthi wonke amabhizinisi ala eGreytown siyawaxhasa ngokuthi sithenge kuwona kodwa wona awakwazi ukufaka isandla eqenjini lakhona lapha eGreytown Umvoti FC. Siyacela ukuthi osomabhizinisi balapha endaweni balule isandla, belekelele uMasipala ozibophezele” usho kanje uMnu uGwala.