Now Reading
Uhlelo lokuphuthumisa ukugomela ukhuvethe e-USA
Dark Light

Uhlelo lokuphuthumisa ukugomela ukhuvethe e-USA

UMengameli uJoe Biden nePhini lakhe uKamala Harris (osesithombeni) ngoLwesihlanu banxuse abantu base-USA ukuthi bathole ukugomela ukhuvethe , njengoba izwe libukeka lingaphuthelwa izinhloso zeWhite House zokugoma ngenyanga ezayo njengoba ukuqubuka kokhuvethe olusha kudale ukukhathazeka okukhulu. “Thatha manje, thatha isinyathelo manje,” kusho uBiden lapho ephawula eWhite House, enxusa abangagonyiwe ukuba bakhulume nomndeni wabo nabangani babo asebegonyiwe nodokotela babo.

Ukushona nokulaliswa ezibhedlela kwehla kakhulu ezindaweni lapho abantu begonywa khona, kodwa hhayi ezinye izindawo, kusho uBiden. “Empeleni bayenyuka kwezinye izindawo.” Ngejubane lamanje, i-United States kubonakala kungenakwenzeka ukuthi ifinyelele esisifisweni somgomo kaBiden wokuba nabantu abadala abangama-70% bathole okungenani umthamo owodwa womuthi wokugomela ukhuvethe ngoNtulikazi zizi-4, okuyiholidi losuku lwenkululeko.

Kusukela ngoLwesihlanu, cishe abantu abangama-65.1% e-United States bathole okungenani ujovwa kokuqala ngomuthi wokugoma , futhi lelo phuzu lenyuke ngamaphesenti angaphansi kwephesenti elilodwa emasontweni amabili edlule.

Lezo zinyathelo kuzodingeka ziphindwe kabili ngaphezu kwamasonto amabili alandelayo ukuze i-United States ifinyelele kwinhloso yayo yomgomo . IWhite House ayizange ibeke lutho ngokushesha mayelana nethuba lokulahlekelwa yinjongo yomhla zizine kuNtulikazi, yamaphesenti angama-70%. Njengamanje, zili-15 kuphela izifundazwe kanye neWashington, D.C abazuze lelo zinga.

Imininingwane kaHulumeni wase-USA ukhombisa ukwehlukana kwezepolitiki futhi, lapho izifunda ezanqotshwa nguMengameli wangaphambilini uDonald Trump zisale emuva kakhulu emazingeni okugoma kunalawo awine uBiden.

See Also

“Uma uzitholela umuthi wokugoma, lokho kusho ukuthi ngeke ukwazi ukuthelela omunye umuntu ngoba akunakwenzeka ukuthi uthole ukhuvethe,” kusho uHarris ngesikhathi ekumkhankaso wokugoma e-Ebenezer Baptist Church edumile e-Atlanta. “Lokho akusikho yini ukwelula uthando kumakhelwane wakho?” Uthe, lapho ababehambele lomkhankaso baphendula ngokuthi, “Amen!

Izwe lase-USA liphathe lagoma abantu abayizigidi ezingama-300 ngezinsuku ezili-150, ngokusho isikhulu saseWhite House ngoLwesihlanu ngaphambi kwenkulumo kaBiden.

Scroll To Top