Now Reading
Iyamkhuthaza indlela abadlala kamuva abeProteas umqeqeshi
Dark Light

Iyamkhuthaza indlela abadlala kamuva abeProteas umqeqeshi

Umqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi iProteas uMark Boucher uncome indlela elidlale ngalo iqembu lakhe emdlalweni yeTest emibili neWest Indies khona eWest Indies. UBoucher uthe abadlali basebenzise ubuchule obukhulu ngesikhathi kuyiNingizimu Afrika eshwibayo, wathi ukholwa ukuthi uDean Elgar ongukaputeni emdlalweni yeTest uzoqhubeka nokuhola iqembu kahle.

IProteas ayinqobe yomibili imidlalo yeTest, emdlalweni wokuqala anqoba ngamaruns angama-63 kwathi emdlalweni wesibili anqoba lanqoba ngamaruns ali-158. EzikaBoucher zagcina imidlalo yochungechunge ekuhambenu ngonyaka wezi-2017, eNew Zealand.

Ukuthatha umhlalaphansi kwabadlali abaningi abanesipiliyoni baleli qembu esikhathini esifushane ngokuholele ekwakhiweni kabusha ngokuphelele kweqembu. Kubukeka uBoucher esenalo iqembu azolisebenzisa emdlalweni elandelayo, kwazise ubethwele kanzima kumidlalo yeTest edlule.
“Ukunqoba kwethu akusho ukukhululeka. Kube nomsebenzi omningi onzima owenziwe ngemumva. Besisebenza ezintweni ezimbalwa zobuchwepheshe futhi siphakamisa amakhono. Uma usuthole iqembu elinabadlali abancane funa wenze isiqiniseko ukuthi bayafunda kakhulu kakhulukazi emdlalweni yasekuhambeni okuyiyo ehlezi inzima. Yile ndlela obakhulisa ngayo abadlali, ezimeni ezihlukene, futhi yile ndlela abafunda ngayo ngemidlalo yabo kanye nokulungiswa okuncane okungabenza babe ngabadlali abasezingeni lomhlaba kusasa”kusho uBoucher obe yiWicket-Keeper iminyaka kuwona iProteas.

Njengoba seyiphelile imidlalo yeTest, kule mpelasonto kuzoqala imidlalo yeT20 International. La mazwe azothola phezulu emdlalweni yeT20I emihlanu. Mibili imidlalo ezoba kule mpelasonto owokuqala uzokuba kusasa ngoMgqibelo omunye ube ngeSonto yomubili izobanjelwa eSt Georges, eNational Cricket Stadium.

Kule midlalo kulindeleke ukuthi uBoucher asebenzile abanye abadlali njengoba imidlalo yeT20I ingafani neyeTest, ingakho iqembu leT20I lakuleli liholwa uThemba Bavuma ayi u-Elgar.
UBoucher uthe: “Ngithemba ukuthi abadlali bazoqhubeka besenzise umfutho ofanayo, nalo okade benawo emidlalweni yeTest. Bakhona abadlali abancane abazodlala kule midlalo, badlale kahle kakhulu emaqenjini abo ngikholwa ukuthi bazokwenza okufanayo nalapha ngeke basindwe ijezi” usho kanje.

See Also

Kubadlali abazobe beqala ukudlala eqenjini lesizwe leT20I uSisanda Mangala noLizaad Williams. Elakuleli kulindeleke ukuthi lithembele kumava kaKagiso “KG” Rabada, uBavuma, uLungi Ngidi, uDavid Miller, uQuinton de Kock noTabraiz Shamsi. Kanti iWest Indies yona izoba kumdlali wayo ofana nabadli abali-10 eyedwa uChris Gayle, onomlando omukhulu kumdlalo wekhilikithi.

Selilonke iqembu leProteas leT20I lithakwe kanje
UTemba Bavuma (ongukaputeni), uQuinton de Kock, uBjorn Fortuin, uReeza Hendricks, uHeinrich Klaasen, uGeorge Linde, uSisanda Magala, uJanneman Malan, u-Aiden Markram, uDavid Miller, uLungi Ngidi, u-Anrich Nortje, u-Andile Phehlukwayo, uDwaine Pretorius, uKagiso Rabada, uTabraiz Shamsi, uRassie van der Dussen, uKyle Verreynne noLizaad Williams.

Scroll To Top