Now Reading
Imizamo yokusimamisa abalimi abancane
Dark Light

Imizamo yokusimamisa abalimi abancane

Abalima ngokuncane abaningi labo ngaboHlanga bazohlomula kakhulu njengoba kusaqhubeka imizamo yokusimamisa imboni yashukela eyondla abalimi abaningi nephinde iqashe abasebenzi abaningi.

ICouncil of the South African Sugar Association, isanda kunquma intengo yomoba eyisipesheli ebalelwa ezinkulungwaneni ezingama-R60. Lokhu kuhambisana neSugarcane-Based Value Chain Master Plan ekuhloswe ngayo ukuxhasa abalima ngokuncane futhi kunqandwe ukuthi bangawuyeki umoba.

Abalimi bomoba bakhokhelwa ngeRecoverable Value (RV) ethathelwe izindleko zokukhiqiza ushukela, kanye nokudayiswa kwashukela nemolasi. Ngenxa yokungabi namandla, ukuba kude kwezigayo zashukela, kanye nokungabi nemishini yokusebenza umoba, abalima ngokuncane babanenkinga yokukhiqiza umoba wezinga eliphezulu. IPremium Price ekunqunywe ngayo izosiza ukuthi intengo ihambisane nezimakethe zasekhaya.

UMnu uSiyabonga Madlala

USiyabonga Madlala weSouth African Farmers Development Association, uthe: Kuyinto le ekufanele siyibungaze njengoba sibona ukuthi iletha izinto ezinhle ezibambekayo kubantu esikhathini esincane sibe khona embonini. Lokhu akwehlanga njengemana, kepha kungenxa yokuthi sibhukulile silwa nodaba lwezindleko kubalimi abancane. Lokhu kuyasikhumbuza sonke ukuthi abalima ngokuncane bafanele ngabe bayisisekelo semboni.

See Also

IPremium Price izobe yengezelela emizamweni evele isikhona yokulekelela abalimi ebizwa ngeSASA Transformation Initiatives eyafakwa zingama-29 kuLwezi ngowezi-2018. Lolu xhaso kwavunyelwana ukuthi kufakwe imali engamarandi ayisigidigidi esisodwa eminyakeni emihlanu. Le mali ikhokhelwa abalimi ngezigidi ezingama-R200 ngonyaka kuhambisana nezingenelelo eziyisi-8.

Scroll To Top