Ifuna ukuzicabela indlela eya kowamanqamu iChiefs koweCAF
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngeledlule baningi ababethi iKaizer Chiefs kumele okungenani idlale ngokulingana neqembu laseMorocco iWydad Casablanca emdlalweni wowandulela owamanqamu weCAF Champions League emlenzeni wokuqala. Akekho owayebona ukuthi iChiefs ingabuya inqobile lapha eMorocco kodwa yakwazi ukuthi inqobe ngegoli elilodwa elavalelwa phakathi nguSamir “Kokota” Nurkovic.
Ukube yayingasebenzi iVideo Assistant Referee (VAR) kwakuzokhulunywa okunye ngoba umsizi kanompempe wayeseliphikile igoli labafana baseNaturena. Yize iChiefs yakwazi ukugcina iwunqobile umdlalo kodwa kusenemizuzu engama-90 okusamele idlalwe, bese kuyabonakala ukuthi iliphi iqembu eliya emdlalweni wamanqamu eCAF Champions League.
Umdlalo womlenze wesibili uzoba seFNB Stadium, eNasrec kusasa ngoMgqibelo ngehora lesi-6 ebusuku. Amakhosi adinga okungenani ukudlala ngokulingana ukuze adlulele kowamanqamu. “Saya eMorocco ngenhloso yokwenza kahle, nembala safike sakwenza lokho. Yasijabulisa kakhulu imiphumela, kodwa esikwaziyo ukuthi umsebenzi awakapheli. Sinomdlalo esinawo lapha ekhaya, sizokwenza ngokusemandleni ukuthi siwuqeda ngempumelelo” kusho u-Arthur Zwane.
Lo mqeqeshi osezakhele ugazi kubalandeli abaningi, uthe ukuya kwabo eMorocco babefuna igoli noma amagoli. Wathi elilodwa lanele ngoba alikho elangena ngakubona. “Njengoba belandela ngegoli nje kuyinto enhle kakhulu kithina, bazoza befuna ukuhlasela ziqala ilapho esizobe sesibajezisa khona ngokushaya amagoli ngoba bazobe bevulelekile emumva. Le mizuzu engama-90 izoba nzima kakhulu okumele sikwenze ukungavumeli nangengozi ukungenelwa igoli, masingalitholi nathi lingasingeneli” kusho uZwane.
UZwane uqinisekisile ukuthi uKhama Billiat ngeke aze abonakale kulo mdlalo, yize eziqeqesha neqembu kodwa usanda kubuya ekulimaleni akakulungeli ukudlala. Omunye umdlali ongekho kulo mdlalo uDumisani Zuma naye owathinteka, okhona uLebohang Manyama obethintekile kancane.
Umgadli weChiefs okunguye owashaya igoli eMorocco uNurkovic ufakazelane nomqeqeshi wakhe uZwane, ukuthi abangaqale bejabuli ngoba kusanomdlalo womlenze wesibili. “Kube wumsebenzi omuhle weqembu lonke. Ngijabule kakhulu ngokufaka isandla kulokhu kunqoba ekuhambeni kodwa asikwazi ukuqhubeka nokujabula ngoba kufana nokuthi sisekhefini. Kule mpelasonto sizodlala nabo ekhaya futhi. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi siyawuwina nalo mdlalo,” kusho uNurkovic.
IChiefs ngeledlule ngendlela edlale ngahle ngakhona abadlali bayo baze bafakwa esikwati sesonto seCAF Champions League, labo badlali uBruce Bvuma owaba umdlali wosuku eMorocco njengoba ayevimba ngisho impukane nje. Abanye u-Eric Matoho oyisitobha, uNjabulo Blom odlala esiswini owakhanda igoli kube uNurkovic.
Ngokuwina, iChiefs izibeke ethubeni lokudlala owamanqamu weCAF Champions League nokungaba okokuqala emlandweni wayo phezu kokuba iyiqembu lokuqala eMzansi eladlala kulo mqhudelwano. iChiefs yagcina ukunqoba umqhudelwano wase-Africa ngonyaka wezi-2001 nalapho yanqoba khona owe-African Cup emdlalweni eyayibhekene khona nePetro Atletico de Launda. IziMpofana ngalowo nyaka zazibophele yena uZwane, uStanton Fredericks, uPatric Mabedi noCryil Nzama nabanye.
Okubuhlungu ukuthi iChiefs izodlala lo mdlalo ngaphandle kwabalandeli ngenxa yokulandelwa kwemiyalelo kaHulumeni yokhuvethe. Ngeledlule yadlala umdlalo ibukelwe abalandeli abayi-5000.
Komunye umdlalo womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weChampions League, i-Esperance yaseTunisia, ihlulwe ekhaya ngelilodwa eqandeni yi-Al Ahly eqeqeshwa umqeqeshi wakuleli uPitso “Jingles”Mosimane. Owomlenze wesibili uzoba se-Egypt ngoMgqibelo ngelesi-9 ebusuku.

