Now Reading
Basola umgolo abama-Uber nabamaBolts kwabamatekisi
Dark Light

Basola umgolo abama-Uber nabamaBolts kwabamatekisi

Amatekisi asesifundeni uMgungundlovu angaphezu kwezi-2 000 asebenza ngokusemthethweni, nabhaliswe ngaphansi kukaSouth African National Taxi Council (SANTACO). Izakhamuzi zaseMgungundlovu ngoMsombuluko zilale sezazi ukuthi ngoLwesibili kuzoba nzima ukuthi ziye emsebenzini noma ezikoleni ngenxa yesiteleka ebesizoqala samatekisi, ebekulindeleke ukuba siqale ligamenxe ihora lesi-6 kuya kwelesi-9 ekuseni.

Abamatekisi bavale yonke imigwaqo engenela edolobheni phakathi, kusampondo zamnenke. Inhloso yalesi siteleka esayindwe ngozihlalo abathathu bamatekisi, abama metered taxi, bese kube ilabo abathutha izingane abadume ngoMalume, babike ukuthi bakhonondela izimoto ezisebenza njengama-Uber kanye namaBolts ukuthi zisebenza zingenamvume edolobheni. Bathi bacela kutholakale isisombululo esiphuthumayo isimo singaze singabe sisakwazi ukulawuleka. Baphinde basola lezi zimoto ngokubadlela izindawo lapho bethulula khona abagibeli. Bathi lezimoto azinamgcele ukuthi zisebenza zigcinephi, njengoba bona bamatekisi bezazi ukuthi imiphi imzila abayisebenzisayo.

Oshayela itekisi obengomunye wabashayeli abebevale ekhrosini yaseMbali uMnu uThulebona Ngcobo uthe; “sivale la sizokhalaza ngenxa yezimoto ezisebenza zingenayo imvume yokuthutha umphakathi, lapho kusuke kudingeka ama permits, atholakala kuMnyango Wezokuthutha. Ukuze ubone ukuthi le nto iwubugebengu kanjani bagcina sebedlwengula izingane maningi amacala abikiwe kusolwa labasheyeli ngokunyukubeza ngokocansi, nokuqola abagibeli babo. Kugcwele nenqwaba yabashayeli bangaphandle.”

Ama-Uber kanye namaBolts ilezi zimoto ezincane umgibeli ayibiza esebenzisa i-Ephu bese ikubhalela khona ukuthi kuzoba imalini, inani aligagulwa umshayeli. Lezi zimoto zandile edolobheni ngenxa yezizathu ezimubalwa ebezishiwo ngabagibeli uma beqhathanisa nama metre tax, bekuba ukuthi amanani amba eqolo, futhi izimoto zindala, namanani abashayeli bawabiza ngekhanda.

Ongumshayeli weBolts uMnu uThokozani Mncwabe ephawula ngalesi siteleka uthe; “Angikusoli okubhikishelwa abashayeli bamatekisi ngoba nathi sake sakubhikishela lolu daba lwamaBolts angenayo imvume, inkinga nje ukuthi bona bangenaphi ezindabeni ezingabadingi ngoba lokho kumele kubhikishelwe ithina esikuleli bhizinisi.”

Uthe amaBolts angenayo imvume bawabona ngokuthi abe nediski eyodwa, kanti kumele abe mabili. “Ukusho iqiniso nje kulula abashayeli ukuthi bangene kwaBolts ayimningi imthetho ekhona kepha kwa-Uber kunzima ngoba benza isiqiniseko sokuthi unawo wonke amaphepha futhi nomshayeli bayamuhlola ikhono lokushayela, kanti kaBolts ungaba umshayeli ungenayo nePDP,” kusho uMnu uMncwabe.

OnguMnikazi kaBolts uMnu uThobani Buthelezi uthe; “Mina ngibona umona kulaba abakwimboni yamatekisi, ngoba la uma uhalela ukungena ebhizinisini kulula, le mboni yabo akusangeni muntu ngoba banomona, bathi imsebenzi kayikho kodwa izakhamuzi zibamba imigqa zize zifike sezidlulelwe isikhathi emsebenzini, nantambama bafike sekuhlwile, otsotsi sebebahlitha ocwazi, kanti thina simushiya esangweni umgibeli. Ngakho lezi zimoto bazibona njenge sitha esizobancisha isinklwa. Kuleli bhizinisi kulula ukudala amathuba omsebenzi.”

See Also

Ongumgibeli uSinenhlanhla Magwinyana ephawula ngalesi siteleka uthe; “Kuyadabukisa ukuthi singathi isimo sinjena ezweni kunokwantuleka kwamathuba omsebenzi bese kuba khona abantu abanamabhizinisi abafisa ukuwisa enye imboni. Lokho kungumona. Inkinga ngamatekisi ukuthi banomona baze bamonizelane bodwa njengoba behlezi bebanga abantu. Ibuhlungu lento eyenziwa ngowoHlanga komunye woHlanga ngoba amatekisi kugcwele aboHlanga, kanjalo nakwaBolts nama-Uber kugcwele aboHlanga.”

Kusabalale amavidiyo lapho ebekuvinjwe khona, amanye nje ilapho eRank iFreedom Square edume ngeRank Entsha besekuqhuma izibhamu kudunyiselwa phezulu amakhumbi, lokhu kwenzeka nje kunabagibeli eRank abafike lingakagamanxi ihora lesi-6 abebekholwa ukuthi bazokwazi ukuhamba kuyimanxa kuqala isiteleka, abanye abavelayo kuleyo vidiyo abafundi, bebalekela isibhamu.

Kuphinde kwabonakala imoto ewuBolts eshaywe abamatekisi, bebulala amawindi. Kwamanye amavidiyo bekuvela abamatekisi bedlalela phezulu umculo bevimbe imigwaqo ngamatekisi baze bagibele phezu kwawo. Lesi siminya minya senhlokodolobha size saba nomthelela ngisho ku-N3 ngoba abevimbe yonke imgwaqo engenela edolobheni. Ngesikhathi kulindeleke ukuthi isiteleka siphele ngehora lesi-9 siphinde sabuya ngehora loku-1 ntambama.

Scroll To Top