Now Reading
Ime nse iNhlokodolobha ngoLwesibili
Dark Light

Ime nse iNhlokodolobha ngoLwesibili

Amatekisi asesifundeni uMgungundlovu angaphezu kwezi-2 000 asebenza ngokusemthethweni. Izakhamuzi zaseMgungundlovu ngoMsombuluko zilale sezazi ukuthi ngoLwesibili kuzoba nzima ukuthi ziye emsebenzini noma ezikoleni ngenxa yesiteleka ebesizoqala samatekisi, ebekulindeleke ukuba siqale ligamenxe ihora lesi-6 kuya kwelesi-9 ekuseni.

Abamatekisi bavale yonke imigwaqo engenela edolobheni phakathi, ligamenxe ihora lesi-6. Inhloso yalesi siteleka babike ukuthi bakhonondela izimoto ezisebenza njengama-Uber kanye namaBolts ukuthi zisebenza zingenamvume edolobheni.

Oshayela itekisi obengomunye wabashayeli abebevale ekhrosini yaseMbali uMnu uThulebona Ngcobo uthe; “Sivale la, sizokhononda ngezimoto ezisebenza zingenayo imvume yokuthutha umphakathi, lapho kusuke kudingeka izimvume, ezitholakala kuMnyango Wezokuthutha. Ukuze ubone ukuthi le nto iwubugebengu kanjani bagcina sebedlwengula izingane. Maningi amacala abikiwe kusolwa labashayeli ngokunukubeza ngokocansi, nokuqola abagibeli babo. Kugcwele nenqwaba yabashayeli bangaphandle.”

Ama-Uber kanye namaBolts ilezi zimoto ezincane umgibeli ayibiza esebenzisa i-Ephu.  Bese ikubhalela khona ukuthi kuzoba imalini, inani aligagulwa umshayeli. Lezi zimoto zandile edolobheni ngenxa yezizathu ezimbalwa ebezishiwo ngabagibeli uma beqhathanisa namaMeter Taxi, bekuba ukuthi amanani amba eqolo, futhi izimoto zindala, namanani abashayeli bawabiza ngekhanda.

OnguMshayeli weBolts uMnu uThokozani Mncwabe ephawula ngalesi siteleka uthe; “Angikusoli okubhikishelwa abashayeli bamatekisi ngoba nathi sisake sakubhikishela lolu daba lwamaBolts angenayo imvume. Inkinga nje ukuthi bona bangenaphi ezindabeni ezingabadingi ngoba lokho kumele kubhikishelwe ithina esikuleli bhizinisi.”

See Also

Uthe amaBolts angenayo imvume bawabona ngokuthi abe nediski eyodwa, kanti kumele abe mabili. “Ukusho iqiniso nje kulula abashayeli ukuthi bangene kwaBolts ayimningi imthetho ekhona. Kwa-Uber kunzima ngoba benza isiqiniseko sokuthi unawo wonke amaphepha futhi nomshayeli bayamhlola ikhono lokushayela. KwaBolts ungaba umshayeli ungenayo nePDP,” kusho uMnu uMncwabe.

OnguMnikazi kaBolts uMnu uThobani Buthelezi uthe; “Mina ngibona umona kulaba abasembonini yamatekisi, ngoba la uma uhalela ukungena ebhizinisini kulula. Kule mboni yabo akusangeni muntu ngoba banomona. Bathi imsebenzi awukho kodwa izakhamuzi zibamba imigqa zize zifike sezidlulelwe isikhathi emsebenzini, nantambama bafike sekuhlwile, otsotsi sebebahlitha ocwazi, kanti thina simushiya esangweni umgibeli. Ngakho lezi zimoto bazibona njengesitha esizobancisha isinkwa. Kuleli bhizinisi kulula ukudala amathuba omsebenzi.” Kusabalale amavidiyo lapho ebekuvinjwe khona, amanye nje ilapho eRank iFreedom Square edume ngeRank Entsha besekuqhuma izibhamu kudunyiselwa phezulu amakhumbi, lokhu kwenzeka nje kunabagibeli eRank abafike lingakagamanxi ihora lesi-6 abebekholwa ukuthi bazokwazi ukuhamba kuyima kuqala isiteleka. Abanye abavelayo kuleyo vidiyo abafundi, bebalekela isibhamu. Kwamanye amavidiyo bekuvela abamatekisi bedlalela phezulu umculo bevimbe imigwaqo ngamatekisi beze bagibele phezu kwawo. Lesi siminyaminya senhlokodolobha size saba nomthelela ngisho kuN3 ngoba abevimbe yonke imigwaqo engenela edolobheni. Kuthe uma kushaya ihora lesi-9 kwaqala kwaxega, isimo sabuyela kwesejwayelekile.

Scroll To Top