Now Reading
Uvalo lwezinhlonzi: Umbuso wentando yeningi nenkinga yenkohlakalo
Dark Light

Uvalo lwezinhlonzi: Umbuso wentando yeningi nenkinga yenkohlakalo

Eminyakeni eminingi eyadlula, uMnu uKenneth Bhengu wabhala washicilela incwadi eyinoveli esihloko sithi; Umbuso WeZembe Nenkinga KaBhekifa (1959). Ngokwenoveli kunoBukhosi besizwe samaHiligwa nesasibuswa aMakhosi afana noZembe, uNqabayembube kanye noMabalengwe. Onke la Makhosi asiphatha kahle isizwe aphinde ahlonipha ngisho namasiko aso. Izinkinga nokubheda kwezinto kuqale ngesikhathi sekubusa uBhekifa owabe eyisifundiswa futhi engakholelwa ezintweni ezithinta amasiko.


EBhukhosini izwi leNkosi lingumthetho futhi ayiphikiswa ngoba konke ekushoyo, uma ikusho iphendelela kugcina sekulisiko. EBukhosini iNkosi ayiboshwa ngoba ingaphezulu komthetho futhi yona qobo iyiSishayamthetho. Uma ucabanga ubani nje eSwatini ongasukela iNkosi uMswati III? Izinduna nezinye izinhlaka zokuphatha uma zibona iNkosi zibona uSomandla uqobo lwakhe. INkosi ibusa ize ikhothame futhi omelana nalokho uzulelwa amanqe naye uyazi. Ingakho nangezikhathi zeSilo saKwaDukuza iLembe izethenjwa ezifana noSandandazwe zathwala kanzima emva kokukhuphulela iSilo izinhlonzi. EBukhosini kuyaziwa ukuthi vele kuphilwa kanjena ngoba ngisho umhlaba owakhe kuwo uyawukhonzela kuyo njalo iNkosi nezinduna zayo. INkosi iphoqelekile ukuthi igcine amasiko, umhlaba, ulimi, umlando namagugu esizwe sayo.


Kanti uma ungumphathi wesikhungo semfundo ephakeme angeke usiphathe ngendlela yoBukhosi ngoba eBukhosini kaningi iNkosi ayiphikiswa kunalokho iyakhothanyelwa kanti kwezemfundo izihlabathi ziyagqibana futhi noma iyiphi inkunzi enothe ngolwazi ihlaba usentu. Ingakho bungekho uBukhosi obubuswa nguSolwazi futhi ingakho singekho nesikhungo semfundo esiphethwe iNkosi. Lena imibuso emibili engafani futhi angeke yaqhathaniswa. Ingakho uMbuso weZembe wafadalala uma uphethwe ngendlela yezifundiswa kanjalo nesikhungo sezemfundo singafadalala uma singaphathwa ngendlela yaseBukhosini kwazise lena imikhombe engenanani.

Manje-ke uyazibuza ukuthi pho kwenzeka kanjani ukuthi abakhwabanisi nabantu abanukwa ngenkohlakalo kuHulumeni belokhu bedlondlobale njalo kunokuthi beyohlala nezinye izigebengu ezikhindini. Kuza kanjani ukuthi umbuso kaHulumeni okufanele engabe uphethwe abantu abaqotho futhi abathembekile kodwa silokhu sizwe njalo kuthiwa kunamasela phakathi embusweni?

Uma abaholi bengayigqizi qakala le ndaba yokuhlukanisa phakathi kombuso wentando yeningi nokutshontshela izihlobo nabangani babo amavenge kaHulumeni baningi esisazobabona begqigqa kumakhomishini nasezinkantolo. Umbuso kaHulumeni kufanele uphathwe ngokwemigomo kaHulumeni. Enye into egqamayo uma kukhulunywa ngenkohlakalo kuHulumeni ukuthi kuvele kujahwe abasebenzi baseminyangweni elawula ukuhlinzeka izidingo (Supply Chain Management [SCM]) kuphela. Akwandile esikubone kwenzeka kuMnu uBandile Masuku eGauteng ukuthi kuthiwe naye kwakufanele enze okuthile ukugwema inkohlakalo. Isikhathi esiningi isishiphi sesulelwa kubasebenzi basemnyangweni weSCM, owezimali kanye nezikhulu. Ngesikhathi kuvele uMnu uMosebenzi Zwane kuKhomishini kaZondo wathi yena akazi lutho ngokwakwenzeka emnyangweni ayewuphethe wezezindlu eFree State ingcabha wayibeka kowayeyiNhloko yoMnyango.

Iqembu elibusayo uKhongolose angilikhumbuli limphikisa uMengameli we-ANCWL uNks uBathabile Dlamini ngento ayisho ukuthi onke amalungu eSigungu Esiphezulu se-ANC (NEC) anezipokana zawo ezicashile emakhosombeni uma zingaphuma lezo zipokana kodilika umthangala. Inkinga enkulu phela lena embusweni wentando yeningi nokufanele uphathwe abantu abaqotho. Kwakungafanele uKhongolose ushaye uDlamini indiva ngalesi sitatimende asenza kodwa ngoba sekwenzeka kwadlula mhlampe sekuyiso isikhathi sokuthi siqale simkholwe.

Uma inhloso kungukuthi kuliwa nenkohlakalo, ayiphenywe bese umuntu ethweswa amacala. Uma sekunobufakazi bokuthi impela umholi othile usike ivenge likaHulumeni kungafanele bese kudedelwa izinkantolo zenze umsebenzi wazo. Le ndlela yokugxibha umuntu engakathweswa ngisho amacala kwakufanele ifakelwe izipopolo ngesikhathi kuxoshwa uMnu uZuma ngowezi-2005 ekubeni wayengakathweswa ngisho amacala. Ngokomthetho kuthiwa wonke umuntu umsulwa aze atholakale enecala, manje nangu uDokotela uMkhize unikwe ikhefu ngapha neSIU ayikakasho ukuthi kukhona yini ekutholayo okunuka santungwana.

Ngokujwalekile uma umuntu zimnetha kwezepolitiki akazisukeli esihlalweni noma azicelele ikhefu, uyahlala nje alinde ukuxoshwa bese eya ebantwini. Isibonelo nje uMnu uZuma akazange esule njengePhini likaMengameli emuva kokuthinteka kwegama lakhe ecaleni likaMnu uShabir Shaik. Ukusheshe wesule noma uzicelele ikhefu uma uficwa ubunzima kuthi akufane nse nokuthi uvuma icala lapho abantu angeke bazwelane nawe. Ngaleyo ndlela ukuxoshwa kuhambisana nenhlanhla ethile epolitikini yaseNingizimu Afrika. Ngisakhuluma ngenhlanhla yokuxoshwa; uma ubheka kahle uzokhumbula ukuthi uMnu uZuma waxoshwa njengePhini likaMengameli kodwa mhla ebuya wayesezoba nguMengameli. UJenene uBheki Cele wake waxoshwa njengoKhomishini waMaphoyisa kodwa mhla ekhuza ibuya emaphoyiseni ubesezoba nguNgqongqoshe. Ngakho abhasobhe uMnu uRamaphosa angathi uxosha uMkhize ngenhloso yokulwa nenkohlakalo kanti usemgcoba ngamafutha empepho eyasebenzela uZuma noCele.

See Also

Kwamanye amazwe usopolitiki osetholakele ukuthi uthathe ngozwane inkece kaHulumeni ujeziswa kanzima ikakhulukazi emazweni anjengoChina kodwa ngeshwa e-Afrika akunjalo. E-Afrika izinto ezibukeka zilichilo kwamanye amazwe njengenkohlakalo izona eziphakamisa abaholi. Emazweni amaningi ase-Afrika cishe kunezinto ezingamagugu ezimbiwa phansi kodwa inhlupheko ithe bhe kulawo mazwe. Empeleni kungenzeka ukuthi inkohlakalo siyicinga kuHulumeni nje, kukhona okudla amantshontsho emsamo nasemabhizinisini angasese.
Okwase-Afrika okwezandla: awuzibuze nje ukuthi kwenzekanjani ukuthi umnikazi wezinto ezingaphansi komhlaba wakhe angazimbeli yena? Igolide, isiliva, ikhopha kumbiwa izimboni zabezizwe futhi uwoyela asizimomeli wona kanjalo negesi. Intengo yezinto zethu ayinqunywa yithina emazweni omhlaba. Uke uzibuze nje ukuthi kungani igolide lethu silimbelwa o-Anglo American? Kungani uwoyela koNigeria umbiwa oShell? Kwenzeka kanjani ukuthi amazwe angabanikazi balezi zinkampani acebe ngezinto abazimbe kithi kodwa thina banikazi siqhubeke nokubona ikati lilele eziko? Namanje uma uyicabanga le mpicabadala ishayisa ngovalo lwezinhlonzi. Cishe sonke sisamangele uma sicabanga ukuthi abasebenzi eMarikana bajuqwa ngenganono ngoba nje bethi bacela ivenge elithe thuthu kule ngcebo abayimba phansi.

Cishe zonke lezi zimo esengizibale ngenhla ziyasidweba isithombe phakathi kombuso wentando yeningi, uBukhosi, amabhizinisi abhukuda emalini kodwa izakhamizi nabasebenzi bedla imbuya ngothi. Akugcini lapho uma sibhekisisa kahle lezi zimo siyazibuza ukuthi ngampela ngampela laba bantu abaphethe izintambo zombuso basiphethe kahle yini? Uma kukhona othi; ‘Yebo!’, pho kungani izinkaphani ezingaphansi kukaHulumeni cishe zonke zifadalala? IPost Office inciphisa izindawo esebenzela kuzo, iSABC iqeda kudiliza abasebenzi, iSAA kubonwa ngokusa kuyo, iPRASA yebelwa ojantshi bezitimela namakhebuli ngapha nangapha, u-ESKOM namanje uyahluleka ukusigcina sihleli ekukhanyeni. Zolo lokhu bekunophenyo lokungaphathwa kahle kwemali ePIC. Kubukeka sengathi singaphansi ‘Kombuso weZembe nenkinga kaHulumeni’ lapha.

Ukhumbule ukuthi sithe ekuqaleni angeke uphathe isikhungo semfundo ephakeme njengendlu yoBukhosi noma uphathe uBukhosi njengesikhungo semfundo ephakeme. Ngibe sengelula ngithi angeke uphathe uHulumeni ngendlela ongaphatha ngayo iqembu lezombangazwe. Uma wenze njalo izinto zizofadada. Ukufadalala kwemabhizinisi kaHulumeni izinkomba zokukuthi umbuso wentando yeningi unenkinga yokuphathwa ngendlela okungeyona. Nasembusweni weZembe inkinga kaBhekifa yalungiswa ngokuthi kuyekiswe iNkosi uBhekifa ukuphatha umbuso weZembe ngendlela yezifundiswa. Ekugcineni iNkosi uBhekifa yabalalela abeluleki yenza izinto ngendlela yesintu emveni kwalokho zalunga izinto waqhubeka wadlondlobala umbuso wamaHiligwa. Uma kungukuthi abaholi abakhohlakele namaqembu abo abafuni ukulalela abavoti, kofanele abavoti bakhulume ngevoti kulo nyaka ukuze umbuso wentando yeningi ungabi nayo inkinga yenkohlakalo.

Scroll To Top