Now Reading
Wehlelwa ukwethenjwa uHulumeni ngenxa yenkohlakalo
Dark Light

Wehlelwa ukwethenjwa uHulumeni ngenxa yenkohlakalo

Ukhuvethe lukuhlalukisile ukuba ngogombela kwesakhe kwabaholi abakhethwe ngentando yeningi ukuba bayomela abahlali bakuleli kuHulumeni. Ababanga ngisho namahloni okuzidephunela imibengo ngenhloso yokuzicebisa bona nabasondelene nabo lokhu ke kushiya imibuzo ethi “Kanti uThuma mina” wawusho ukuthini futhi kwayena uMengameli abasondelene naye bahlomula kuleli bhodwe eliconsayo lokhuvethe.

Nakulesi sifunda selingafelwa nkonyane kube khona ukuzicebisa kwabathunyelwe ukommela umphakathi kuHulumeni bagcina sebegcwalisa izikhwama zabo. Lokhu kuyingwadla esibhekene nayo siyizakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngoba amaqembu ezombusazwe eshela intombi ngamanga lokho osekwenza kube lukhuni satshe ukuvota ngenxa yokuphelelwa ithemba ekuphathweni abacabangela izisu zabo. UMatamela nesigungu sakhe ngenkathi benikwa amatomu yizithunywa ezaziqhamuka ezifundazweni bathembisa ukuyiqeda nya inkohlakalo baze bathembisa ngokushenxiswa kwalabo abanukeka enkohlakalweni. Akekho umuntu ongazi manje ukuthi uma sekuyiwa okhethweni lukazwelonke kuyabukwa ukuthi yini abantu emazingeni aphansi okungabavoti abakhala ngayo bese kwenziwa izethembiso eziqondene ngqo nalokho abantu abakhala ngakho lokhu osekucaca nje ukuthi ngokwenza izethembiso zokuqeda nya inkohlakalo kwakumane nje kufunwa amavoti nje.

Lesi senzo sosopolitiki sokwenza izethembiso ezingafezwa akulimazi bona kodwa iqembu elilahlekelwa ukwethenjwa. Sekuhlalukile ukuthi nalabo abashushiswayo nabashenxiswayo ilabo abathwala uMaDlamini kubhekwe eNasrec sekusetshenziswa leyo nqubomgomo ukulwa izimpi zangaphakathi ayi ngoba bekhuculula inkohlakalo kodwa kuzomele baqaphele abaholi beqembu elibusayo ngoba singabavoti asikhohliwe ukuthi noMandela wathi esevinjezelwe wavuma ukuthi nentombi yeshelwa ngamanga.

Izinkantolo zakuleli seziphenduke ithemba lezakhamuzi zakuleli njengoba iminyango kaHulumeni okuyiyo okumele idlulisele izidingo zomphakathi abaphathiswe yona baqale babelane ngenkece sekothi sebenele kube ikhona bezokhohlisa umphakathi ilapho nabezindaba bebamba iqhaza lokuthungatha lezo zikhulu zizophumela obala ngemali eyabelwa iminyango yazo ukuthi yashonaphi kothi uma kucaca ukuthi kube nenkohlakalo kulamule zona izinkantolo.

Kungabe kungani izakhamuzi zakuleli zithi kwakungcono eGibhithe? UHulummeni wamaNgisi ko-United State of America kwathi noma amaAfrican American babeqheliswa ezindabeni zokuphathwa kwezwe kodwa kwenziwa isiqiniseko sokuthi kuba nezinto ezizobagcina bematasatasa njengobuciko. Abaculi abahlonishwayo, ababhali, abalingisi kanye nokunye okuningi kubuzwa khona.

Lapha-ke eMzansi Afrika izakhamizi ngezikhathi zobandlululo nakuba sasingenazwi ngokubuswa kwezwe kodwa iminyango kanye nezisebenzi zikaHulumeni kwakusebenza ngendlela enesithunzi nokuqikekela. Njengamanje iminyango kaHulumeni isiphenduke ihlaya benza amaphutha maqede bavikelane bodwa nezisebenzi zikaHulumeni aziwubeki phambili umphakathi lo abaqashelwe ukuzobhekana nezinkinga zawo ekubeni ngezikhathi zobandlululo isikhalo esifakiwe noma ngabameli noma ilowo okhathazekile sasihamba imigudu sigcine sichoshelwe kodwa manje ngisho ungasebenzisa ziphi izindlela umphakathi ukuzwakalisa ukungeneliseki kufana nokuthela amanzi emhlane wedada. Kwenzekani ngamaciko ebokufanele athole isibonelelo sokhuvethe? Kucace bha ukuthi abaholi bakuleli ababahloniphi abavoti uma amaciko ezoze ayoqhinqa emahhovisi nakhona lapha uMnyango Wezobuciko Namasiko esikhundleni sokubhekana nezimfuno zabo waqoma ukulandela imigudu yokubakhipha lapho beqhinqe khona.

Imigwaqo eseyakhiwa kuleli isihlala ngokucibiyelwa, izindlu ezakhiwayo azinasithunzi futhi oyitholile kumele ayicibiyele ,abantu bafakwa zingenagesi ngisho nezindlu zangasese zingasebenzi kodwa ezakhelwa abantu ngezikhathi zobandlululo emalokishini namhlanje zisesezingeni futhi nendawo ezakhiwe kuyona ivulekile. Ababethi balwela inkululeko kubonakala babezilwela bona nabeseki babo labo abanikwe amatenda okwakha emphakathini babelana ngemali nosopolitiki ukuze babakhumbule uma kuvela elinye ijuphana.

See Also

Ngalowo mzuzu umsebenzi abazowenza sekugcinwa icala ingakho kwanda ukkukhuluma okuthi kwakungcono eGibhithe okungukuthi abahlali bakuleli basengabavuyisela abacindezeli babo equqhoqhobaleni izwe lokho kufakazelwa ukungangagudluki kweDA kuzwelonke ukuba elinezihlalo eziningi kwaphikisayo. Imisakazo yomphakathi namaphephandaba azimele kubamba elikhulu ilqhaza ekuvuleni izifuba zamalungu omphakathi ngoba ngaphandle kwalezi zinhlaka ngabe umphakathi ufana nophila esimukuthwini.

Lezi zinhlaka seziphenduke inkundla yokuzwakalisa ukungeneliseki ngezidingo ozilethelwa omasipala ngamakhansela akhethwe yiwo umphakathi lokho okwenza kubelula ukuthola ukuthi baphila kanjani abantu ezindaweni esisemazingeni ehlukene. Uma uHulumeni ufuna ukubuyelwa ukwethenjwa umphakathi bekumele achophele lezi zinhlaka aqale ngalezi zikhalo ngoba amandla okuphatha alele kuwo lo mphakathi.

Iwona ophuma ngobuningi bawo uyovota. Kanti nawo umphakathi kumele wazi ukuthi ivoti lawo ilona lokuzwakalisa ukuncoma nokunengwa abaphethe.

Scroll To Top