Usolwa ngokukhwabanisa nokwephula imithetho yezokuxhumana
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kuvulwe amacala amasha enkohlakalo abhekiswe kumholi osuswe esikhundleni waseMyanmar u-Aung San Suu Kyi kanye nezinye izikhulu zikaHulumeni wakhe, kusho iGlobal New Light yaseMyanmar ephethwe nguHulumeni ngolwesine ngesonto eledlule.
Amacala lawa akamuva ochungechungeni lwezicubu aqondiswe kulomholi owakhethwa ngentando yeningi uSuu Kyi, owavukelwa ngumbutho ekuqaleni kukaNhlolanja , ekuvukeleni kombuso osekufake izwe laseNingizimu mpumalanga ne-Asia ezinxushunxushwini.
Iphephandaba lombuso licaphune iKhomishini Elwa Nenkohlakalo ilinganisa lezi zinsolo eziphathelene nokusetshenziswa kabi komhlaba kweDaw Khin Kyi Foundation, ayengusihlalo wayo, kanye nezinsolo zaphambilini zokwamukela imali negolide kukaSuu Kyi .
Lithe sekuvulwe amafayela ecaleni likaSuu Kyi nezinye izikhulu zasenhlokodolobha iNaypyidaw eziteshini zamaphoyisa ngoLwesithathu.
“Utholwe enecala lokwenza inkohlakalo esebenzisa isikhundla sakhe. Ngakho wabekwa icala ngaphansi koMthetho Wokulwisana Nenkohlakalo iSigaba 55,” kusho leli phephandaba. Lowo mthetho uhlinzeka iminyaka eli-15 ejele kulabo abatholakala benecala. Abezindaba abakwazanga ukufinyelela ngokushesha kubameli bakaSuu Kyi ukuze baphawule ngale nkulumo entsha evelile.
Amacala uSuu Kyi asevele ebhekene nawo avela kokutholakala ngokungemthetho kwezixhumanisi zeWalkie-Talkie kuya kokwephula uMthetho Wezimfihlo ZikaHulumeni. Abalandeli bakhe bathi la macala athweswa wona anenhlese yezepolitiki.
Umbutho wavukela uSuu Kyi ethi iqembu lakhe laqola okhethweni lwangoLwezi, kepha le nkulumo yachithwa yikhomishini yezokhetho eyedlule kanye nabaqaphi bamazwe. Kusukela lapho, umbutho wehlulekile ukuthola ukulawula.
Ubhekene nemibhikisho yansuku zonke, iziteleka ezikhubaze umnotho ngabaphikisana nawo lo mbutho osuhola lelizwe, ukuqubuka kokubulawa nokuhlaselwa kwamabhomu kanye nokuvuka kabusha kwezingxabano ezigodini zaseMyanmar.