Now Reading
Ukhala ngokufela amacala kayise owaseMahlabathini
Dark Light

Ukhala ngokufela amacala kayise owaseMahlabathini

Ukhala izinyembezi zemihla ngemihla uMnu uZamokwakhe Mahaye (40) waseMahlabathini esigodini sakwaManekwane ongasakwazi ukusebenza nokondla izingane zakhe selokhu ashaywa amalungu esikebhe mhla zingama-25 kuMfumfu nyakanye. 

Isikebhe inhlangano eyasungulwa amalungu omphakathi ukulwa nokwebiwa kwemfuyo.

Uthe ngosuku alimala ngalo wafikelwa ngabantu ekuseni kuyiSonto. “Bafike babuza lapho kudayiswa khona izimbiza zokukhipha inyongo ngenzansi kwasekhaya, ngaphuma ngithi ngiyabakhombisa. Bakhipha izibhamu ngalokhu ngihlehla nyova bangishaya ngawa, bangithatha bayongifaka emotweni. Konke lokhu bakwenza phambi kwezingane zami,” usho kanje. 

Uthi waze wabona eseseDebe uma usuzofika eMpangeni, bamufaka endaweni esahholo. “Bangibuza ukuthi izimbuzi nezinkomo ezanikwa ubaba ngzishonisaphi?” kusho yena. Elanda ukuthi uyise babemnika kanjani uthe ubengumuntu osebenzisa amakhambi, uma bemkhokhela abantu abanye bebekhokha ngemfuyo abanye bekhokha ngemali. 

Uthi wabachazela ukuthi wayezidayisa ezinye azifuye. Esechazela iBAYEDE ukuthi kwavela kanjani ukuthi uyise ubuye akhokhelwe ngemfuyo eyebiwe uthe: “Ezinye wathi ezidayisa kwafika abaninizo bezibone komunye umuzi sebehamba namaphoyisa kanye naboMnyango Wezolimo bamnika umyalelo wokuthi angabe esavuma ukwamukela imfuyo kepha athathe imali kuphela uma ekhokhelwa.” 

Uthe okwamphatha kabi ukuthi bathi akafunanga ukukhuluma ebe uyise esendela koyisemkhulu, wababuza ukuthi babengamubuzi ngani esadla anhlamvana ngoba wadlula ngowezi-2015. “Ngiyabona ukuthi kwasekuyinto eyase ihleliwe ukuthi ngshaywe. Babengibophela etafuleni imilenze, bangingenele ngenduku, bengifaka inhlabathi emlonyeni ngingakwazi nokukhala baze bangiqaqe, bangise kwenye imoto bangiyise emtholampilo thizeni, bathi ngiyozibhalisa mina, bangishiya ngelesi-7 ebusuku, bangidlulisela esibhedlela eNgwelezane,” usho kanje. 

Uthe uye kudokotela okhokhelwayo ngoba unyawo lwalulimele kakhulu, waya ngokululama. “Ngabona ukuthi esibhedlela babenganginakile nje ngangingagcina nginqunywa unyawo, ngoba lwaseluthanda ukonakala,” kusho yena. 

Mayelana nokuvula icala emaphoyiseni  uthe: “Angilivulanga icala ngoba bengingakwazi ukuhamba sengiqala manje ukutotoba futhi uma ukhuluma udaba lwamaphoyisa bayakulandela bangaze bakubulale.” Ebuzwa ukuthi uma ethi bayakulandela ngabe laba abenza le nto uyabazi yini uthe: “Ngesikhathi bengishaya baxabana nomunye waze wakhipha isibhamu ngambona, wathi ungowakaNongoma, lo owayengilandile ngemoto unguSihlalo wesikebhe eDebe, kodwa owayebathmile u…(emgagula ngegama) ngoba umuntu wakwaNongoma ngeke azi umuzi walapha ekhaya.” 

Uma ephendula ukuthi ngabe lona amgagulayo wayethume abesikebhe ukuba bazomlimaza noma bazophenya yini uthe: “Kwakuwukuthi bangithathe bayongishaya ngoba uyazi ukuthi ubaba akasekho, manje ubaba ngeke esakhokha babona kungcono bashaye mina.” 

See Also

Uthe akakungabazi ukuthi ushaywa kangaka nje kungenxa yemfuyo. UMahaye uthe ngesikhathi bemshaya bambuza ngomunye ubaba wakwaMncube angamazi abathi wakhe ngakubo. “Baqhuba bathi ubaba wabulala abantu ngowezi-2005, ngathi ngiyakwazi lokho kepha babulawa ubaba akusimina. Baphinda basho omunye, ngathi angikwazi-ke lokho ngangisemncane. Okungixakayo ukuthi bazosizakala ngani ngoba umuntu owenza le nto akasekho singenaphi thina lapho?” kubza uMahaye. 

Ecacisa ngokubulawa kwabantu nguyise uthe: “Yebo babezokweba imfuyo lapha ekhaya. Owokuqala wayengowaseMpangeni angisamkhumbuli ukuthi wayengowakwabani, bahlangana nobaba ephuma kozingela, kwaba ukuthi wayephethe isibhamu sezinyamazane waboshwa, waze wakhishwa iNkosi yakwaZungu yathi bangambophi ngoba ubethatha izinkomo futhi eMpangeni uyafuneka nakhona ubalekile uyaganga. Yamdedela inkantolo. Esigamekweni sesibili wayegwetshwe imnyaka eli-15 ngowezi-2005, abantu ababili nakhona ababezontshontsha imfuyo, bamnika imnyaka emi-2 eNkantolo Ephakeme eThekwini. Kusho ukuthi kwabaphatha kabi lokho.” 

Uthe umsebenzi uwuyeke ngoba eselimele. “Abantwana sebondliwa isibonelelo sikaHulumeni sikagogo wabo. Okungiphatha kabi ukuthi ngesikhathi ngithathwa babe khona, basahlukumezekile, kubuhlungu uma nezingane zami sezihlukumezeka kanje kwamina ngibe ngijezela ubaba,” kusho yena. 

Uthe ucela udaba lwesikebhe lusukunyelwe ngoba ubona sengathi sekukhona namazondo, uma umuntu ekuzondile usekushayela ngisho nento engekho.

Scroll To Top