Now Reading
Isikapakela nasembuthweni wezempi eyezinkinga eLebanon
Dark Light

Isikapakela nasembuthweni wezempi eyezinkinga eLebanon

Kusukela ngezimpi zombango ne-Israel, ukuvikela uHulumeni waseSyria, ukuqhuma kwamabhomu nokuxokozela kwasekhaya abaseLebanon babheke umbutho wezempi njengenkaba yozinzo njengoba ungesinye sezikhungo esimi ngaphezu kwezigaba zezwe. Kodwa lo mbutho manje usongelwa ukuwa ngokweqile kwezezimali okuyinto iWorld Bank ethe kungenzeka ukuthi likleliswe njengelinye lezimo ezimbi kakhulu umhlaba owake wazibona eminyakeni eli-150 edlule. Ukudodobala komnotho kubeka ingcindezi engakaze ibonwe emandleni okusebenza kwamasosha asekelwa i-United States of America (USA) aqeda amaholo amasosha nokonakala kwesimilo.

Ukuwohloka kubeka engcupheni olunye lwezinhlaka ezimbalwa ezihlanganisa iLebanon ngesikhathi lapho ukungezwani kwamahlelo nobugebengu kukhula phakathi kobumpofu obandayo babantu. Umphathi wamasosha uJenene uJoseph Aoun uxwayise enkulumweni yakhe nezikhulu ngoNdasa ukuthi amasosha ayahlupheka futhi alambile njengabo bonke abantu. Waphinde wagxeka ngokusobala ubuholi bezepolitiki obukhubazekile ngenxa yempi futhi abenzi lutho cishe ukubhekana nale nkinga. Ngokuka-Aoun lesi isimo esingavulela izitha okokuqala esikhathini esidi kuleli lizwe. Izolo iFrance ibize ingqungquthela yokuqongelela imali ngenhloso yokutakula leli lizwe. Lokhu kulandele isicelo sakhe u-Aoun ngenyanga eyedlule. IFrance ixwayise ngokuthi amasosha aseLebanon kungenzeka angabe esakwazi ukusebenza ngokugcwele ohambweni lwabo olubalulekile ekusimameni kwezwe.

I-USA okungumeseki omkhulu wamabutho akuleli lizwe ithembise ukukhulisa isikhwama soxhaso kulonyaka. Lombutho ubalulekile kuFrance ne-USA ngoba welusa iHezbollah okuyiqembu lamaShiite elisekelwa yi-Iran elinamandla amakhulu kwezombutho wezempi kanye nakupolitiki. Ukunqindeka kwamandla ombutho wakuleli lizwe kuzovumela iHezbollah ukuthi igcakagce kuphinde kuvulele umnyango kumazwe afana neRussia, iChina, i-Iran neSyria ukuthi asondele kakhulu kwezombutho eLebanon njengoba kwenzeka ngeFrance ne-USA.
Ujenene uFrank McKenzie ongumphathi we-US Central Command uthe ekuqaleni kwenyanga i-USA izimisele ekuxhaseni umbutho waseLebanon.

Ephawula ngalokhu wathi: “Bangezinye zezixi zikaHulumeni waseLebanon empeleni ezisebenza kahle kakhulu, futhi sikholwa ukuthi kufanele baqhubeke nokuba khona ngoba ukuphela kwamandla kungaba yinhlekelele”. Ngemuva kwamashumi eminyaka yenkohlakalo nokuziphatha budlabha kweziphathimandla zezepolitiki umnotho waseLebanon waqala ukuwohloka ngoMfumfu kowezi-2019. Umkhakha wamabhange owake wakhula usubhuntshile kanti imali ilahlekelwe cishe ngamaphesenti angama-90 wenani layo kwi-dollar. Bangaphezu kwengxenye abangene shi ebuphofini.
Angama-80 000 amalungu alombutho kuleli lizwe kanti ngaphambi kwalezi zinkinga leli lizwe elibhekene nazo isosha ngalinye belithola imali elinganiselwa kwangama-$800 ngenyanga kepha manje lemali isiyehlile yaba ngaphansi kwali-$100 ngenyanga. Ngokwejwayelekile kuleli lizwe imiholo yamasosha asezigabeni eziphansi iphezulu kodwa nayo seyehlile njengoba manje isicishe ibe ngama-$400 ngenyanga.

See Also

Okwamanje izibalo zokushiya embuthweni zisephansi kuleli lizwe kodwa kuyavela ukuthi unciphe kakhulu umsebenzi osuwenziwa ngamasosha. Ngemuva kokugqashuka kwempi yombango yeminyaka eli-15 kowe-1975 umbutho wahlukaniswa ngokwemisebenzi kodwa ngowe-1990 ngaphansi komyalo kaJenene u-Emile Lahoud, owagcina esengumengameli, lombutho wahlanganiswa.

Kusukela kulesi sinqumo lo mbutho wazakhela igama kakhulu eMiddle East. IFrance ne-USA balekelela lo mbutho ngezigidigidi ezimbili njalo ngonyaka ukulekelela lo mbutho kusukela kowezi-2007 ngethemba lokunqinda iHezbollah. Lolu xhaso alulingani nolunikwa izimbangi ezinkulu zaleli lizwe i-Israel njengoba inikezwa izigidigidi ezintathu minyaka yonke ngenhloso yokwelusa amazwe aseMiddle East kanye nokuziqapha njengoba kunamazwe kulesi sigceme aphumela obala ngezinhloso zokushabalalisa leli lizwe.

Scroll To Top