Iqhakaza kokazwelonke inkanyezi yaseMsunduzi


Inkanyezi yaseMsunduzi uNks uMatsepo Sithole (21) ohlala eMbali e-15 useqhakazise igama lenhlokodolobha emncintiswaneni wozime uMiss SA. Le nkanyezi inxusa amavoti kuzo zonke izakhamuzi zaKwaZulu-Natal njengoba imele isifundazwe kulo mncintiswano osekusele kuwona izintokazi ezili-15.
“Ngaqala ukuthanda ukumodela ngisafunda ePietermaritzburg Girls High ngingenela unobuhle lapho ngalala khona isibili (2nd Princess), ngangenela unobuhle wasenyuvesi nyakene, e-University of Pretoria. Ngonyaka odlule ngaphuma phambili ngaba uMiss Tuks Village,” kusho uMaSithole.
Uthe ubone ngonyaka odlule eqeda ukunqoba enyuvesi ukuthi kumele angenele uMiss SA wase eyawungenela.
“Ayikho into etheni eyangigqugquzela kepha kwaba umuzwa nje owangiholela ukuthi ngingenele ngoba vele ngiyathanda,” kusho yena.

Uqhube wathi unezinhlelo anazo ukuqhakambisa inhlokodolobha nesifundazwe. “Isifundazwe sethu siyaziwa emincintiswaneni futhi sinabo abantu abanqoba imiqhudelwano emikhulukazi yalapha eNingizimu Afrika njengoNoma owanqoba ku-Idols okungowalapha eMsunduzi nami ngifisa ukuthuthukisa ukumodela kuleli dolobha lakithi nokuthi lo mkhakha uvikeleke futhi uhlonipheke uphinde ubungazwe ngoba kukhona ukuthi ubukeleke phansi. Sibala abathwebuli, abalingisi, ababhali osonkondlo kanye nabaculi ngifisa ukuthi labo bantu bathole ithuba lokuqhakaza, lokho kuzomele kuqale lapha kulesi sifundazwe sakithi,” usho kanje.
Uthe kuke kube nenkinga kubazali ngokuthi uma bezwa ingane ikhetha le mikhakha yezobuciko kube sengathi ingakhetha enjengobumeli, ubudokotela, ubuthisha noma ubuhlengikazi. “Lokho kungiphatha kabi ngoba ukunquma ukuthi into uyoyifundela kusuke kuyigxathu lokuqala lokufezekisa amaphupho akho futhi ngiyakholwa ukuthi singabantu sinamaphupho ahlukene futhi sonke esifisayo ukuthi amaphupho nezifiso zethu kuqhakaze futhi kufezeke.”
UMatsepo uthe inkinga ukuthi lezi zingqinamba ziqala emphakathini zize zingene emakhaya ingakho kunzima ukuthi abazali bakubone njengekusasa elizoqhakaza nabangalifisela izingane zabo. UMaSithole wenza unyaka wesine ezifundweni zomthetho eNyuvesi yasePitoli.
Uthi isifiso sakhe ngalo mkhakha ukuthi uhlonishwe njengoba ubukeleka phansi. Uthe eminye inabakhulumeli kepha akekho oyizwi lonobuhle.
“Kumqoka ukuthi abantu balandele lokhu abakuthandayo. Ngifisa ukubona abantu bekwazi ukuphila ngamathalente abo. Ukhuvethe lubonakalisile ukuthi lo mkhakha usabukelwa phansi kanjani futhi awuvikelekile,” kusho yena.
Uqhube wathi: “Izakhamuzi zingangivotela ngezindlela ezimbili, okokuqala uma usebenzisa iCredit Card uzongena kusizindalwebu sakwaMiss SA bese uya kuTop 15, uzobona uhlu lwamagama bese uya kuNombolo-8, uvotele uMatsepo, uyobe usuvula i-akhawunti lapho kudingeka i-email kanye nePassword, ube usufaka ukuthi uvota ngamalini. Uma usebenzisa imali noma ikhadi lasebhange ungaya ezitolo ezinkulu bese usho ukuthi uvotela uMiss SA unombolo-8.” Ivoti ngalinye libiza- R5.00.
“Nginomyalezo engifisa ukuwudlulisela entsheni yakulesi sifundazwe. Kumele uzazi wena, wazi ukuthi ufunani, ngaphandle kokuthi uphumaphi, amaphupho akho asazofezeka kuphela kumele uwaqhakambise kodwa okumqoka ukuthi usebenze ukuze aqhakaze,” kusho yena.
Uphethe ngokuthi: “Ngithanda nokubonga umphakathi, abangivotele kuze kube imanje nalabo abebefisa nabo ngiyababonga ukwazi ukuthi igama lalesi sifundazwe bafuna liqhakaze lokho kusho lukhulu kimi.”
Eminyakeni emibili edlule iKwaZulu-Natal yayimelwe izintokazi ezimbili. Labo kwakungoNoxolo Ndebele wakwaNongoma noKarishma Ramdev waseChatsworth.
- Lolu daba luphume nasephephandabeni uMsunduzi News eshicilelwa iGunundu Press