Seziqalile izivivinyo kuHulumeni omusha wase-Israel



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
NgoLwesibili amakhulu abantu bakwa-Israel bamashele empulanganga yeJerusalem bephikisana ngabakubona ngokufunzwa ngenkani amaSulumane kulandela ukunqanyulwa kombuso kaBenjamin Netanyahu emuva kweminyaka eli-12 ekwesobuNdunankulu. Ngesonto iSishayamthetho sakuleli lizwe sivotele ukufakwa kukaHulumeni wokubambisana oholwa nguYair Lapid weqembu iYesh Atid noNaftali Bennett weqembu iYamina, laba bazonikezelana ngesobuNdunankulu uBennett nguye ozoqala bese kulandela uLapid.
Okukhuthaze imashi umuzwa wokuthi njengoba sekuphuma uNetanyahu kwesobuNdunankulu sekungena uHulumeni wokubambisana ofaka phakathi okokuqala emlandweni iqembu lamaSulumane iRa’am enikezele ngezihlalo ezine kuzoba nokuthutheleka kwamaSulumane kwa-Israel kanti futhi leli lizwe lingase lihlehle ezinhlelweni zalo lokuhlwitha umhlaba wabasePalestine oseWest Bank kanye nokuhlwitha impumalanga yeJerusalem. Kule mashi imibhalo ibicacile ithi awafe amaSulumane.
Ngale mashi abasePalestine eGaza baziphendulele ngokuthumela amabhaluni avuthayo adale izikhawu zemililo eningizimu yakwa-Israel. Le mashi ibiyisivivinyo kuHulumeni omusha wakwa-Israel abaningi abawubona untekenteke njengoba isisekelo sawo kungukuzonda uNetanyahu. Iphinde ibe yisivivinyo nasesivumelwaneni esaqeda impi yezinsuku ezili-11 phakathi kwe-Israel neHamas ngenyanga edlule. IHamas inxuse abasePalestine ukuba bamelane nalo mbhikisho okube sekukhuthaza ukuthi abakuleli lizwe babe neyabo imashi.
Amaphoyisa athi abophe abali-17 abasolwa ngokubandakanyeka odlameni abanye babo bajikijela amatshe bahlasela amaphoyisa kwathi amaphoyisa amabili adinga ukwelashwa. Abantu basePalestine bathi kulimale abantu abahlanu ngesikhathi bexabana namaphoyisa. Le mashi inikeze inselelo yokuqala kuNdunankulu omusha wakwa-Israel uNaftali Bennett othembise ukuletha ukuthula phakathi kwePalestine ne-Israel. UMansour Abbas weqembu iRa’am uthe le mashi bekuyimizamo yokushisa isifunda saseJerusalem ngezinhloso zezepolitiki kanye nokubukela phansi uHulumeni omusha.
U-Abbas uthe amaphoyisa kanye noNgqongqoshe Wezokuphepha bekumele bangayivumeli le mashi. Eminyakeni eyedlule imashi yayidlula esangweni laseDamaseku ingene enkabeni yeMuslim Quarter okuyindawo ehlala abasePalestine enemigwaqo emincane nezindlela. Kodwa amaphoyisa ashintshe umzila ngoLwesibili ukugwema iMuslim Quarter kwathi esikhundleni salokho abamashi kwafanele bazungeze izindonga zasendulo zedolobha elidala futhi bangene ngesango iJaffa okuyindlela eyinhloko yezivakashi bese beqonda ngaseJewish Quarter naseWestern Wall okuyindawo engcwele kunazo zonke lapho amaJuda athandaza khona.
Isango laseDamaseku liyindawo ebalulekile yokuphila kwabasePalestine empumalanga yeJerusalem. Ababhikishi basePalestine baphikisana kaningi namaphoyisa akwa-Israel ngenxa yemingcele emihlanganweni yomphakathi ngenyanga engcwele yamaSulumane iRamadan ngoMbasa nangoNhlaba. Lokho kungqubuzana kugcine kusabalale kwafika e-Al-Aqsa Mosque okuyindawo yokukhanya engcwele kumaJuda nakumaSulumane.
Ukushuba kwesimo ngaleso sikhathi kwaphinde kwabhebhethekiswa yimibhikisho yokuxoshwa kwemindeni eminingi yasePalestine ngabahlali abangamaJuda. Ekuphakameni kwalezo zingxabano zili-10 kuNhlaba labo abakholelwa ukuthi abakwa-Israel abadingekuxutshwa nabasePalestine babamba imashi ehlonipha ifulegi.
AbasePalestine abasempumalanga yeJurusalem bayibona njengengamukelekile le mashi nehlose ukugcizelelwa ukuhlwithwa kwale ngxenye yeJerusalem. Egameni lokuvikela idolobha elingcwele iJerusalem iHamas yaqhumisa amarokhethi ahamba ibanga elide ebheke eJerusalem afike aphazamisa imashi okwabe sekungukuqala kwempi yaseGaza eyadlula eyabulala abangaphezu kwabangama-250 basePalestine, yabulala abali-13 kwa-Israel.
Okuphinde kungabazise kakhulu ngekusasa likaHulumeni omusha ngukuthi ngoLwesithathu izindiza zombutho wezempi zakwa-Israel zihlasele izikhungo zombutho wezezempi eGaza.
AbasePalestine baziphendulele ngokuthumela uchungechunge lwamabhaluni athwala umlilo. Lo mzuliswano wakamuva wobudlova ushukunyiswa ngumbukiso wabakwaa-Israel empumalanga yeJerusalem ngolwesibili. Lokhu kuphendula kwePalestine yikho okukhuthaze ukuhlasela ngezindiza kwe-Israel okusolakala sengathi kusho ukuphela kwesivumelwano sikamalungu sangenyanga eyedlule. Izindiza zihlasela kuphela izikhungo ezisetshenziswa amasosha e-Hamas okuyiqembu lezepolitiki elizinze eGaza eliphinde libe nohlaka lombutho wezempi.
Okwamanje ayikabibikho imibiko yokulimala nhlangothi zombili. ULapid ubhale ezinkundleni zokuxhumana egxeka ukuziphatha kwabase-Israel ethi lezi zimemezelo neziqubulo zinobandlululo futhi ziyichilo kubantu bakwa-Israel.
UBennett ozonikezela umsebenzi kandunankulu kuLapid ngemuva kweminyaka emibili ozigqajayo ngokuvuna iziqubulo ezifuze lezi. Lokhu kuhlukana ngemibono phakathi kwalababaholi kungesinye sezivivinyo ezinkulu ezibhekene noHulumeni omusha. Akulindelekile ukuthi uBennett alaxaze imibono yakhe ngokuzimela kwe-Israel nokuqina phambi kwezitha zayo. Lo mholi ufaniswa kakhulu noNetanyahu njengoba imibono yabo ihambisana ngokwenza inkolo yobuJuda isisekelo se-Israel okube sekuyinikeza igunya lokuhlwitha iJerusalem neWest Bank.
ULapid yena ngakolunye uhlangothi ungumuntu onalo uzwelo kwabasePalestine onemibono yokuthi iJerusalem kumele ihlale ngaphansi kwesandla se-United Nations (UN) ukuthi abakwa-Israel kanjalo nabasePalestine bezokwazi ukuyivakashela ngokulingana, uphinde abe nomubono wokuthi kasikho isidingo sokuthi i-Israel inwetshwe ize igamanxele emhlabeni wasePalestine oseWest Bank. Akwazeki ukuthi lababaholi bazokwenza kanjani ukuthi kube khona ukubekezelelana ngokuhlukana kwalemibono kodwa okunakekayo nguku njengoba uNetanyahu esengumholi weqembu eliphikisayo uzokwenza ngakho konke okusemandleni ukucasula uHulumeni omusha nokuthi kuphele ukusebenzisana.