Now Reading
Selubekiwe oluzocacisa ngekusasa likaNetanyahu
Dark Light

Selubekiwe oluzocacisa ngekusasa likaNetanyahu

Ngeviki eledlule bekunezinkulumo ezithi uSomlomo weSishayamthetho uYariv Levin ophinde abe yilungu leLikud uzosebenzise amandla akhe ukubambezela ukuvotelwa kokusebenzisana phakathi kwamaqembu akhe umbimbi lokuketula uNdunankulu uBenjamin Netanyahu oluholwa iYamina neYesh Atid. Umholi weYesh Atid uYair Lapid wexwayisa ngokuthi uma kungenzeka lokhu uLevin uzohlangana nezimbila zithutha.

Ukubambezelwa kwalokhu kuvota kwakuzonikeza uNetanyahu ithuba lokufaka ungabazane kwamanye amaqembu ayingxenye yombimbi lokumketula. Ingcindezi izwakele kuLevin njengoba ngoLwesibili ememezele ukuthi ngeSonto kuzoba khona lokhu kuvota okuzokhetha uHulumeni omusha okungase kusho ukuphela kokubusa kukaNetanyahu obesehlale kulesi sikhundla iminyaka eli-12 nokunguye osehlale kakhulu kulesi sikhundla ngokomlando wakuleli lizwe.

USomlomo weSishayamthetho uLevin ophinde abe ngumlingani kaNetanyahu umemezele usuku lokuhlala kweSishayamthetho ngemuva kosuku evumile ukuthi kusungulwe uHulumeni wokubambisana. Lo Hulumeni wokubambisana ohlongozwayo unamaqembu ayisishiyagalombili ahlanganisa ezombusazwe zakwa-Israel. Lawa maqembu afaka iYesh Atid eholwa nguYair Lapid enezihlalo ezili-17, iKahol Lavan eholwa nguBenny Gantz enezihlalo eziyisishiyagalombili, i-Israel Beiteinu eholwa ngu-Avigdor Lieberman enezihlalo eziyisikhombisa, iLabor eholwa nguMerav Michaeli enezihlalo eziyisikhombisa, iYamina eholwa nguNaftali Bennett enezihlalo eziyisikhombisa, iNew Hope eholwa nguGideon Sa’ar enezihlalo eziyisithupha, iMeretz eholwa nguNitzan Horowitz enezihlalo eziyisithupha kanye neRaam eholwa nguMansour Abbas. Lawa maqembu angemuva kweqembu likaNetanyahu iLikud enezihlalo ezingama-30 kwezili-120 ezikhona eSishayamthetho. Kunezindaba ezivelayo kuleli lizwe ezithi abalandeli bakaNetanyahu basabisa abaholi bamanye amaqembu. NgoMsombuluko u-Idit Silman weqembu iYamina uthi akasalali izinsongo nemizamo yokwesabisa selokhu iqembu lithathe isinqumo sokusebenzisana namanye amaqembu ukwakha uHulumeni wokubambisana.

Nakuba lokhu bekulindelekile kodwa kunokwesaba ukuthi uma engase ngempela aketuleke uNetanyahu kungase kungabibikho ukuthula e-Israel. UNetanyahu useketulwa ngabake basebenzisana naye phambilini njengoba umholi weYamina uBennett ozoba ngundunankulu kuqala uma uHulumeni wobumbano uphumelela wake waba kuKhabhinethi yakhe kanjalo noLapid yena ozoba ngundunankulu eminyakeni emibili yokugcina. Okuholele ekutheni uNetanyahu azithole ekule nkinga ukuthi wehluleka ukunxenxa amanye amaqembu ukuthi asebenzisane naye ukwakha uHulumeni njengoba lingekho iqembu eladla umhlanganiso okhethweni lukazwelonke ngoNdasa. Lolu khetho bekungolwesine eminyakeni emibili imbangela yalokhu kungukuthi wonke uHulumeni wokubambisana ubuhlakazeka kungakapheli sikhathi eside.

See Also

Kulokhu amaqembu amaningi avumelene ukuthi iguncu kupolitiki yase-Israel nguNetanyahu njengoba leli lizwe selike lazwana amandla neqembu labasePalestine elizinze eGaza iHamas impi ethathe izinsuku ezili-11.

Scroll To Top