Kube nokuqhuma kwenganono kwamanye amazwe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ukuthula bekungekho ezindaweni eziningi e-Afrika. Abaholi bangaphambilini nabaholi bamanje bonke babephakamisa ukuthi kube nokuthula nokuthuliswa kwezibhamu (Silencing of Guns). Kepha iziphakamisa zabaholi ziwele ezindlebeni ezingezwa, okubuhlungu kakhulu ngakho konke ukudutshulwa nokuqhunyiswa kwamabhomu okwenzeka kuleli zwekazi kukapakela empilweni yezingane ezingenacala ikusasa laleli zwekazi liqothulwa nsuku zaphuma.
eNigeria
Abahlaseli babulale abantu abangama-88 esifundeni saseKebbi kuleli lizwe ngoLwesine. Lesi senzo sigqugquzela umbusi walesi sifunda ukuthi athembise ukuthi kuzothunyelwa amasosha amanningi ngeSonto njengoba ukungavikeleki kusakazeka kakhulu kunganqandwa enyakatho ntshonalanga yezwe.
Abenzi bobubi bangene emadolobhaneni ayisishiyagalombili, babulala abantu baphoqa abahlali ukuthi bagcwale izintaba bebaleka, ngokusho kwamaphoyisa, kwashona abangama-88. Imininingwane ngalezigameko ziqale ukuvela ngoMgqibelo.
Okhulumela uMbusi waseKebbi u-Abubakar Bagudu uthe ngeSonto abahlaseli bebeqhamuka emazweni angomakhelwane iNiger neZamfara, bephanga izinkomo becekela phansi nezitshalo.
Oshayasibhamu sebekhuphule ukuhlasela emiphakathini yalesifunda eminyakeni yamuva, bephoqa izinkulungwane ukuba zibaleke zinqamule umngcele osenyakatho weNigeria ziye eNiger.
Abahlaseli sebedume umhlaba wonke ngenxa yokuthunjwa kwabantu abaningi ezikoleni, kanti bangaphezulu kwama-800 abafundi abathunjiwe kusukela ngoZibandlela.
NgeSonto, uMbusi wathembisa ngosizo lwezezimali, futhi “wacela imiphakathi endaweni ukuthi ibekezelele, ihlalisane, ibe nobungani futhi ibe nokuthula,” kusho umkhulumeli wakhe esitatimendeni.
eLibya
Ukuqhuma kwenzeke endaweni yokuhlola edolobheni eliseningizimu neLibya iSebha ngeSonto, kwashona abantu ababili kuhlanganisa nephoyisa eliphezulu, ngokusho kwezikhulu zedolobha nabezempilo.
Umthombo wezokuphepha eSebha uthe lokhu kuqhuma kudalwe yibhomu lokuzibulala eliqhume emotweni lapho bekuhlolwa khona. Amaphoyisa awatholakalanga ukuba aphawule.
ISebha iseningizimu yeLibya, cishe amakhilomitha angama-130 ukusuka eTaraghin, lapho i-Islamic State yahlasela khona ngamabhomu ngonyaka odlule okungazange kulimaleze muntu.
ILibya ibhekane neziyaluyalu nobudlova kule minyaka eyishumi eyedlule selokhu kwavuka uthuthuva ngowezi-2011 ngesikhathi inhlangano iNorth Atlantic Treaty Organisation (NATO) ixhasa ukuketulwa kombusa kaMuammar Gaddafi, kodwa izinhlangothi zayo ezimbili ezazilwa kulo nyaka zavuma uHulumeni omusha.
Kepha ngenkathi ukufakwa kombuso obumbene kanye nomshikashika wokhetho lukazwelonke ngoZibandlela kuthathwa njengethemba elingcono kakhulu kepha inqubo isagcwele izinselelo.
Iningi lendawo lisalawulwa amaqembu endawo ahlomile, amazwe namaqembu angaphandle awakhiphanga amasosha agijima phambili futhi abantu ababalulekile kabavumelani nokuphathwa kwezinsizakusebenza zomnotho waseLibya.