Now Reading
Isizini yokuqala yeDStv ibe yimpumelelo
Dark Light

Isizini yokuqala yeDStv ibe yimpumelelo

Oshicilelweni lamhla zingama-24 kuMfumfu nyakenye, ngabhala ukuthi ngaphandle kokungabaza ukuthi isizini yeDStv Premiership ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL), esongwe ngeledlule izokuba nezigameko eziningi ezizoshiya abathandi bakanobhutshuzwayo bengawuvali umlomo.

Umbhalo wami ngibona ungawugejanga umgodi, ngibona isizini yangowezi-2020/21 ibe ngenhle kakhulu. Ngethemba ukuthi abaxhasi bayo abakwaMultichoice bayaziqhenya kakhulu
AbakwaMultichoice bathathe izintambo kwabakwa-Absa okuyibo akade bexhase le ligi iminyaka engaphezulu kweli-10. Ingakho nje le ligi isibizwa ngeDStv Premiership ayi i-Absa Premiership.

Kuqala isizini ngakubalula ukuthi iMamelodi Sundowns iyona esemathubeni amaningi okuthi ithathe iligi. Okwakenza ngisho lokho yingoba esikwatini sayo esivele siqinile sangesizini yangowezi-2019/2020 yaphinde yengeza ngabadlali abaseqophelweni eliphezulu, labo badlali nguPeter Shalulile noKermit Erasmus kanye no-Aubrey Modiba. UShalulile akungithusanga neze uma ethola imiklomelo emikhulu ebusuku ngeSonto, ngikholwa ukuthi nabo abadlali akade eqokwe nabo bebazi kahle ukuthi nguyena ozonqoba. Udlale kahle kakhulu waphinde wazosala ngegoli elilodwa ekutheni alingane noBradley Grobler weSupersport United ekubeni namagoli amaningi.

Ezinye zezinto ezingijabulise kakhulu kule sizini ukubona abadlali abaningi balapha eNingizimu Afrika begqama emaqenjini abo. Lokho kunginike ukuthi emazingeni aphansi elakuleli lizokwenza kahle, kanti futhi neqembu elikhulu iBafana Bafana linabadlali abanekusasa eliqhakazile.

Labo badlali uNkosingiphile Ngcobo, uNjabulo Blom noHappy Mashiane beKaizer Chiefs, uSifiso Mulungwana ongunozinti noThabani Zuke beLamontville Golden Arrows, u-Evidence Makgopa weBaroka FC nogcine kunguye umdlali omncane ovelele. Abanye uBongokuhle Hlongwane beMaritzburg United obizelwe okokuqala kuBafana bafana, uSphelele Mkhulise weMamelodi Sundowns, noCelimpilo Ngema weTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM).
Okunye okugqame kakhulu ngale sizini ukwenza kahle kwabaqeqeshi ababili, labo baqeqeshi nguBenni McCarthy ocija AmaZulu FC noMandla Ncikazi yena ocija iLamontville Golden Arrows, okungamaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal.

Laba baqeqeshi bobabili benze umsebenzi oncomeka kakhulu, ukube bekuya ngami bengizothi bobabili abayithathe indondo yomqeqeshi ovelele kodwa igcine ithathwe uMcCarthy engikholwa ukuthi bekufanele impela. Ukunqoba kwakhe indondo yomqeqeshi ovelele kususe okukhulu ukukhuluma njengoba abanye bebethi bekumele inqotshwe uManqoba Mnqithi weSundowns kanye nesekela lakhe okunguRhulani Mokoena.
Ngalokhu ngowami umbono uMcCarthy bekumfanele ukunqoba, okwenza ngisho lokho ingoba ususe iqembu ebelisendaweni ye-12 kulogi laqeda lisendaweni yesibili. Aziqophela(AmaZulu) umlando omusha wokuthi aqede kule ndawo. Omunye awuqophile ukuba okokuqala ukuthi akwazi ukuyodlala umqhudelwano omukhulu lapha e-Afrika iCAF Champions League. Yebo uMnqithi noMokoena banqobile iligi kodwa bavele basebenzise iqembu elakhiwe uPitso “Jingles” Mosimane kumasizini edlule.

See Also

Okunye okungichazile kule sizini ngonompempe ababanga nawo amaphutha agcine enza amaqembu elahlekelwe ngamaphuzu, badlalise kahle kakhulu. Akufananga njengoba kwenzeka kusizini edlule nangesizini yangowezi-2018/19. Iqembu ebengithi ngeke nangengozi libalwe nayi-8 aphezulu iKaizer Chiefs, ngiyayibongela ukuthi igcine ikwazile ukungena kuyona iTop 8. Iqiniso wonke umuntu ubazi ukuthi izothwala kanzima njengoba ibingavumelekile ukuthi isayinise abadlali, ibidlala ngabadlali abahlulwe ukunqoba iligi sebehlale esicongweni cishe isizini yonke. Ngiyayifisela ukuthi iChiefs ingaqhubekela phambili emdlalweni yeCAF Champions League, kuyimanje ikumasemi-final.

Isitobha seSwallows FC uNjabulo Ngcobo ngiyambongela kakhulu ekutheni aqokwe njengesitobha esivelele, lapho ubebanga noMosa Lebusa kanye noThapelo Xoki nabo ababe nesizini enhle kakhulu. UNgcobo ongikhumbuza uMbulelo “OJ” Mabizela bekuyisizini yakhe yokuqala le kuligi enkulu njengoba ubegijima ku-Uthongathi FC edlala kuGladAfrica Championship. Indlela adlale ngayo uze wadonsa amehlo amaqembu amakhulu, iChiefs neSundowns.

Ngibongela bonke abadlali abakwaze ukuthola imiklomelo ngeSonto ngikholwa ukuthi bekumele bayithole. Ngethemba ukuthi abalandeli kuzothi kuqala isizini bazobe sebekwazi ukuya ezinkundleni ukuyobuka amaqembu abo. Sesiside isikhathi bagcina ukuba sezinkundleni.

Scroll To Top