Now Reading
Iphakamisa ukuhlehliswa kokhetho i-IFP yize isimi ngankomo
Dark Light

Iphakamisa ukuhlehliswa kokhetho i-IFP yize isimi ngankomo

Iqembu leNkatha Yenkululeko kanye nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika babanolwazi kusukela ngonyaka wezi-2016 ukuthi ukhetho olulandelayo loHulumeni Basekhaya luzoba ngonyaka wezi-2021. Noma iliphi iqembu lezombusazwe elisuke lifuna ukwenza kahle linqobe okhethweni olulandelayo, emveni kokhetho lihlala phansi libuyekeze imiphumela yokhetho libone namaphutha enzekile beseliqala ukulungiselela ukhetho olulandelayo kusasale iminyaka emihlanu.

Kusukela ngonyaka wezi-2016 iqembu lethu, Inkatha Yenkululeko, laqala ukulungiselela ukhetho lwezi-2021. Ubufakazi balokhu ukuthi izinketho zokuchibiyela sizingenele zonke sazuza amavoti amasha saphinde sanqoba nezigceme ebeziphethwe iqembu elibusayo eNingizimu Afrika. Lokhu bekungenzeki ngomlingo noma ngenhlanhla. Bekuwumvuzo nezithelo zokusebenza kanzima, ngokuzihlela nangokuzimesela.

Ngonyaka wezi-2017 iqembu leNkatha Yenkululeko lanqoba ngamalengiso ukhetho lwempindamshaye eNquthu lapho iqembu elibusayo eNingizimu Afrika lehlulwa ngisho selilethe bonke abaholi balo bakazwelonke. Lokhu kunqoba kweqembu leNkatha Yenkululeko kwakuwumphumela wokuzilungiselela kwethu.

Namanje sikulungele ukuya okhethweni loHulumeni Basekhaya. Izinhlaka zethu zonke zimi ngomumo namasu ethu okuthi sizobavikela kanjani oMasipala esibaphethe futhi sizobanqoba kanjani labo esesibahlonzile abaphethwe iqembu elibusayo KwaZulu-Natal, konke kumi ngomumo. Ubufakazi bokuthi sesimi ngomumo ukhetho lokuchibiyela lokuqala emuva kokufika kokhuvethe olube ngomhla zili-11 kuLwezi wezi-2020 salungenela savikela onke amawadi ethu saphinda sahlwitha iwadi lika-ANC eNkandla. Siphindile futhi ngokhetho lokuchibiyela obelungomhla zili-16 kuNhlaba ngowezi-2021 sakhombisa ukuzilungiselela kwethu ngokuba silivikele iwadi lethu eNquthu saphinda futhi sahlwitha iwadi lika-ANC oPhongolo.

Lezi zinketho zokuchibiyela bezenzeka ngaphansi kwesigaba sokuqala sokuvalwa kwezwe thaqa. Njengamanje izwe selibekwe esigabeni sesibili semvalelwakhaya. Abantu abavunyelwe ukuhlanganyela endaweni eyindlu noma ihholo beqe abayikhulu bese kuthi abahlanganele endaweni evulekile bangeqi emakhulwini amabili namashumi amahlanu. Lokhu kusho ukuthi imihlangano nemibuthano emikhulu yokukhankasa ngeke ikwazi ukwenzeka izwe lize lisuswe kulesi sigaba semvalelwakhaya. Ngakolunye uhlangothi izibalo zabantu abathelelekayo ngegciwane lokhuvethe ziyanda usuku nosuku. UHulumeni uhamba ngonyawo lonwabu ukunikezela ngomgomo wokhuvethe. Inhlangano eyengamela ukhetho u-IEC isajube owayeyisekela likaMehluleli Omkhulu uDikgang Moseneke ukuba enze uphenyo ukuthi kulesi simo semvalelwakhaya kanye nokhuvethe uma kuhlala ukhetho kuyoba ukhetho olukhulekile ngempela yini.

Ngomhla zili-17 kuya zili-18 kuNtulikazi wezi-2021 yimpelasonto emiselwe ukuba zonke izikhungo zivulwe ukuze bonke abavoti abangabhalisile bayobhalisa kuthi ababhalisile bayobheka amagama abo. Uma izwe liyobe lisesigabeni sesibili semvalelwakhaya ngale mpelasonto kuphephe kangakanani ukuba babuthane ezikhungweni zokhetho? Uma ngale mpelasonto siyobe sesiphakathi naphakathi nehlandla lesithathu lokhuvethe bayokuya kanjani ezikhungweni zokhetho abavoti? Umuntu oyobe efanele ukuba ahlale yedwa uyokwenze njani yena ngale mpelasonto? Ingozi enkulu enokwehlela izwe lethu ukuba le mpelasonto iphenduke impelasonto enkulu yokusabalalisa umkhuhlane wokhuvethe kubekeke abantu abaningi engozini yokutheleleka nokwedlula emhlabeni.

Ukhetho singakwazi ukuluhlehlisa kuze kube isikhathi esiphephile kodwa uma abantu abaningi bezotheleleka bedlule emhlabeni ngeke sisakwazi ukukuhlehlisa okuyobe sekwenzekile. Kodwa ithuba esinalo ukukugwema manje ukuba sibeke abavoti engcupheni yokutheleleka nokwedlula emhlabeni. Yingalesi sizathu iqembu leNkatha Yenkululeko liphakamisa ukuba uHulumeni ahlehlise ukhetho loHulumeni Basekhaya okungenani lube ngoNhlaba wezi-2022. Lokhu kuzonika uHulumeni ithuba elenele ukuba asabalalise umgomo wokhuvethe ufinyelele kubantu abaningi ukuze noma ngabe umkhuhlane usekhona ngoNhlaba wezi-2022 kodwa ihawu lethu kube ukuthi abantu abaningi sebegonyiwe. Kungaba ubudedengu ukuphumela emvuleni yomkhuhlane ungagomile kodwa ukuphumela kuyo usugomile kusuke kuphephile.
Iqembu leNkatha Yenkululeko lithi uHulumeni akenze okokuqala kuqala. Akugonywe abantu abaningi. Izindawo zokugoma azandiswe zisondele kubantu lapha behlala khona ngoba njengoba ziqhele kakhulu kubo kuzoba lukhuni ukufinyelela kuzo. Izimpelasonto azisetshwenziswe ukunikezela nokusabalalisa umgomo ngoba okwamanje uhlelo lusahamba ngonyawo lonwabu. Abantu abangalindi isikhathi eside ukuba kufike usuku lwabo lokugonywa ngoba ingozi ezosehlela eminye yale migomo izoze iphelelwe isikhathi ingabe isasebenza okuzosho incithakalo edalwe uHulumeni.

Uma iqembu lingenela ukhetho kukhona izindleko okumele liqale lingene kuzo lilungiselela ukhetho. Njengamanje onke amaqembu ezombusazwe akukho ngisho nelilodwa elizoqala izinhlelo ezinezindleko zokhetho okumele ngabe seziqalile ngenxa yongabazane olukhona. Sibonile u-IEC ngomhla ziyisi-9 ngoNhlangulana wezi-2021 ethula izinhlelo zokhetho umbuzo uthi ukwenzelani lokhu u-IEC manje ekubeni yena u-IEC esakhombe owayeyiPhini likaMehluleli Omkhulu ukuba enze uphenyo. Iqiniso ukuthi u-IEC uyazi ukuthi zikhona izinhlelo okufanele ngabe seziyenziwa ukulungiselela ukhetho. Njengoba u-IEC eselwethulile olwakhe uhlelo kumele namaqembu ezombusazwe enze njalo kodwa ngeke ngoba kuzohambisana nokuthi awafake futhi asebenzise imali ekubeni nombiko wekhomishini awukaphumi. Sikuphi isidingo sokuhlala noma ukusebenza ngaphansi kongabazane. Asikho.

See Also

Kufanele izwe lenze okokuqala kuqala kulandele ukhetho ngonyaka ozayo. Inyanga uNhlaba wezi-2022 inhle ngoba kungaphambi kokufika kobusika kanti imikhankaso yokukhuthaza labo abazobe bevota okokuqala ephazanyiswe ukhuvethe, izosukuma kabusha. Siyaphikisana nokuhlanganiswa kokhetho lube lunye ngowezi-2024. Ezindaweni eziningi abantu bakithi sebezwakalise kaningi ukungeneliseki ngentuthuko engabonakali nangenkohlakalo ekhungethe omasipala abaningi. Siyavumelana nomphakathi wakithi, kumele balithole maduzane ithuba lokukhetha kabusha amakhansela azobayizwi labo.

Kuyiqiniso ukuthi umthethosisekelo wezwe ulawula ukuthi kube nokhetho emuva kweminyaka emihlanu. Kuyiqiniso futhi ukuthi izinketho zokuchibiyela zikezahlehla kwaze kwehla izinga lomkhuhlane wolhuvethe. UMthethosisekelo wethu uyahlinzeka ukuthi ngaphansi kwezimo ezilukhuni nezingejwayelekile yini okumele yenziwe noma engenzeka.

Noma ukhetho luyahlala ngomhla zingama-27 ngoMfumfu wezi-2021 noma esikhathini esizayo maduze izinhlelo zethu zonke zimi ngomumo futhi sikulungele ukumela imiphakathi yakithi ehlukene ezweni lakithi. Zonke izinhlelo zika-IEC zokulungiselela ukhetho sizoba ingxenye yazo nezethu zangaphakathi kuze kube kuphuma izwi lokugcina ngosuku lokhetho.

Scroll To Top