Now Reading
Oqapha iminwe yakhe uyakuwulonda umsebenzi
Dark Light

Oqapha iminwe yakhe uyakuwulonda umsebenzi

Kuhle ukukuqaphela ukuthi esikwenza ngeminwe yethu kungasivalela iminyango yokufezekisa izifiso zethu ngomuso


Ngezikhathi zikaHulumeni wobandlululo, kwakukhona izifundo zezenkolo ezikoleni. Kuningi umuntu akufunda ngalezi zikhathi eBhayibhelini ikakhulukazi imiyalelo elishumi njengokuthi: “Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungakhulumi amanga ngomakhelwane wakho” nokunye. Lezi izimfundiso ezinhle kakhulu kubantu kanye nenhlalakahle yomphakathi. Akugcinanga lapho kukhona incwadi yeZaga ebhalwe iNkosi uSolomon 13:3 ithi: “Ogada umlomo wakhe uyakulonda ukuphila kwakhe”. Ngokwezinsuku zanamhlanje kuzofanele sikusho ukuthi; “oqapha iminwe yakhe uyawulonda umsebenzi wakhe”. 

Ngiyacabanga ukuthi njengamanje sekunolwazi olusha olusitshela ukuthi sekufanele sengeze olwazini oludala esikhuliswe ngalo. Ezinsukwini zanamhlanje sekuthi akwande ukuthi abantu babhale imicabango yabo ezinkundleni zokuxhumana bese bengena shi obishini ezindaweni abasebenza kuzo. 

Ngonyaka wezi-2012 uMnu uMcIntosh Polela owayekhulumela uphiko lwamaphoyisa Oklebe wabhala enkundleni yokuxhumana uTwitter ukuthi uJub Jub njengoba wayeselahlwe icala kuzofanele abebekade bemeseka bamuthengele igumula likavaselina azoya nalo ejele. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uJub Jub walahlwa icala lokushayela imoto engaphansi kwemvubelo yezidakamizwa nokwaholela ekutheni kube nengozi eyadlula nemiphefumulo yabantwana besikole abane. UPolela wagcina exoshiwe njengomkhulumeli wamaHawks.  

Umsakazi wo-Ukhozi FM onekhono eliyisimangaliso futhi ongaconsi phansi kubantu uMnu uKhathide Ngobe usamisiwe emsebenzini ngenxa yezinto azibhale ekhasini lomunye wabaculi bakaMaskandi kuFacebook. Usexolisile-ke kodwa uNgobe kubo bonke abebethinteka embhalweni ombhukudise kwesinzonzo no-Ukhozi FM. 

Akaqali ukumiswa uNgobe oKhozini njengoba wake wamiswa benoMnu uNgizwe Mchunu bemiselwa ukudlala ingoma yeZingane Zoma esihloko sithi uMalema. Bamiswa besolwa ngokuthi le ngoma bayidlale ingekho emishinini yangaphakathi emsakazweni kodwa babuye babuya bezinsizwa zoTalagu emsebenzini.

Ngisekuyo indima yezokusakaza, ngoZibandlela wezi-2019, uMnu uKanthan Pillay waxoshwa inhlangano esakaza izindaba zikamabonakude i-eNCA emuva kokufanisa uSamukele Maseko (osesebenza kwaSABC) negundane elibaleka e-eNCA liyongena emkhunjini ozikayo, esho egigiyela iSABC. UPillay wabhala la magama enkundleni yokuxhumana uTwitter engathokozile neze ngokushiya kukaMaseko ku-eNCA. 

Kungakapheli nsukuzatshwala abaphathi be-eNCA bamxosha uPillay, bamxosha ngisho esexolisile waze wawesula nombhalo. Kanti ngakolunye uhlangothi uMnu u-Adam Catzavelos wafaka umndeni wakubo kwenkulu inkinga le emuva kokuthi ezithwebule ividiyo evakashele eGreece. UCatzavelos waziqopha ekhuluma esolwandle lwakhona eGreece eneme ngokuthi akaboni ngisho oyedwa umuntu woHlanga! Abantu base-Afrika wayebabiza ngamagama okucwasa nokwaholela ekutheni omunye wabangane bakhe wayithatha le vidiyo eyayifakwe kuWhatsApp uCatzavelos wayinekela izwe. 

Ngesikhathi efika kuleli lizwe evela eGreece umndeni wakubo wawusulala obenyosi ngenxa yokwethuka izanya, usho khona ukuthi kunabantu abawesabisayo ngokufa futhi nesitolo sabo sakwaNike sivaliwe. 

Wagcina exolisile uCatzavelos kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba wavulelwa amacala okucwasa kanti namanye amabhizinisi ayedlelana nabo agcina ebahlamukile.

Abazazi kahle izigemegeme ze-inthanethi bathi ayikhohlwa. Uma uke wabhala into ethe phecelezi noma ungayisusa kodwa izivunguvungu namanzi abilayo kuyakulandela. Ezinye izinto ongazibhala ku-inthanethi azichumi ngokuphazima kweso kodwa ziyakwazi ukuhlala ekhosombeni zikulinde bese kuthi mhla uba ngumuntu obalulekile bese zivumbuka ziyokuvimba phambili. 

UNks uBianca Schoombee wanameka isithombe kuTwitter esasinabafanyana kodwa yena wabe esegcona lona onsundu ngokwebala lesikhumba sakhe. Lo mbhalo uhlalile kuTwitter kusukela ngonyaka wezi-2013 nalapho uNks uSchombee wayeneminyaka elishumi nane ubudala, kodwa isithombe lesi sivumbuke ngonyaka odlule lapho le nkosazana isinesifiso sokungenela umncintiswano kaMiss South Africa. Inkosazana uSchoombee yaxolisa ngalesi senzo isho khona ukuthi yayisencane ngaleso sikhathi ibhala kuTwitter ayigcinanga lapho yaze yasusa ngisho i-akhawunti yayo kuTwitter kodwa yagcina ikhishiwe emncintiswaneni kaMiss South Africa.

See Also

Uma ubheka kahle zonke izindatshana engikhuluma ngazo lapha namuhla ziqondene ngqo nezinto esizenza ngezandla zethu. Noma ngabe sidlala umculo okungafanele siwudlale emsakazweni, noma ngabe sibhale imibhalo elumelayo kubaqashi nasezweni, noma ngabe sisayine izinto okungafanele sizisayine, konke lokhu kusifaka obushini ngenxa yezandla neminwe yethu. 

Ingakho-ke ngithi manje sekuyisikhathi sokuthi sitshele izwe ukuthi oqapha iminwe yakhe uyakuwulonda umsebenzi wakhe! Lokhu ngikusho ngengezela kulokhu osekuvele kushiwo eNcwadini Engcwele lapho ithi khona “ogada umlomo wakhe, uyokulonda nokuphila kwakhe”. 

Angiphinde ngisho ukuthi unenhlanhla enkulu uNgobe ngokusinda kuleli zembe, uma wephule umgomo ofuze lona ezinkampanini eziningi awubuyi. Kwala ngisho umuntu esexolisa uvele ashaywe ngomngqimuzo womlahlaphansi. Ngakho-ke ngithanda ukuthatha leli thuba ngithi abantu bakithi abafunde kulezi zigameko zezinkundla zokuxhumana. 

Uma umuntu ecabanga ukubhala akaqale acabangisise kahle ngale nto azoyibhala aphinde ayipopole ngeso elibanzi elifinyelela eminyakeni eminingi ezayo. Iminwe ebhala umathanda ezinkundleni zokuxhumana ingamuvalela umuntu iminyango asafisa ukungena kuyo njengoba kwenzeka kuNks uSchoombee noma imkhiphe esengaphakathi njengoba kwenzeka kuPillay nakuPolela. 

Ngicela ukwenza isicelo kubo bonke abaqashi sokuthi babenemigomo ethinta izinkundla zokuxhumana bese beqeqesha zonke izisebenzi ngale migomo.

Thina zisebenzi masiqaphe iminwe yethu ezinkundleni zokuxhumana, sikhumbule ukuthi “oqapha iminwe yakhe uyakuwulonda umsebenzi wakhe”.

Scroll To Top