Isithembu singaba yisixazululo yini ekulingekeni nasehlazweni?



UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokotela kumkhakha wezokuXhumana e-University of…
Kunentokazi yase-USA enguDebbie Ford eyabhala yashicilela incwadi esihloko sithi; “Why Good People Do Bad Things” ngonyaka wezi-2008. NgesiZulu isihloko sale ncwadi sibuza ukuthi “Kungani Abantu Abalungile Benza Izinto Ezingalungile”. UNks uFord uphinde asike elijikayo ngokuthi asicobelele eshungwini lakhe ngamaqhingasu angasisiza ukuthi umuntu angabi isitha kuye uqobo. Uma uqhubeka nokuyifunda le ncwadi uyayithola imizekelo esizayo njengeBeach Ball Effects nalapho ethinta khona ubumqoka bokuphila impilo engenazo izipoki ezivalelwe ekhosombeni ngoba mhla zaputshuka zabonwa uwonke wonke wena owabona iBeach Ball ebikade icindezelwe.
Kunamazwi akhulunywa uMehluleli uWillem Van Der Merwe owayengamele icala lokudlwengula elalibekwe uMnu uJacob Zuma ngaleso sikhathi wabe eseliPhini likaMengameli we-ANC. La mazwi ayethi; “Mhla usukwazi ukulawula intshisekelo yakho kwezocansi uyobe usuyindoda mntanami”. La mazwi asemqoka kakhulu kulezi zinsuku ngoba namanje sibona amadoda athenjiwe kwezenkolo afana noSobaba u-Israel Makamu, noMfu uTim Omotoso besangena emahlazweni ahlobene nezocansi namantombazanyana asemancane.
Njalo uma ngibona amadoda ahlonishwayo emhlabeni kodwa ejivazwa noma esuswa ezikhundleni eziphezulu ngenxa nje yesinene ngivele ngicabange ivesi elitholakala encwadini yeZaga 31:3 nalapho owesimame wayeluleka khona iNkosi uLemuel ukuthi ingachithi isikhathi sayo ngabantu besifazane ngoba bayakwazi ngisho nokuwisa aMakhosi. Kaningi abesifazane abawasukeli aMakhosi kodwa iwona kanye abasukelayo aze abaxoxele noma enze izinto ezizothi uma kwenzeka ziputshuka zibe ihlazo.
Kuzo zonke lezi zinkinga abesimame ababhekane nazo ngiyazibuza nje ukuthi kanti kukuphi lapha esingathi baphephile uma bekhona
Esikhathini cishe esingamasonto amabili edlule uMbhishobhi uMakamu ube ingxenye yohlelo lwezingxoxo olugxile kakhulu kwezenkolo olubizwa ngokuthi AmaBhishop oluvezwa kuMoja Love 157. NgeSonto ebusuku zingama-23 kuNhlaba wezi-2021 uhlelo AmaBhishop lwavulwa ngezwi eliqoshiwe likaMakamu nalapho ezwakala ecela okuthile entokazini ogama layo ligodliwe. Uma yena uMakamu esho uthi wayecela ukuyolanda isikhiye ebusuku futhi engafuni ukubonakala ephuma endlini yale ntombi. Okuxaka kakhulu ukuthi uMfu u-Enoch Phiri noMnu uJoshua Maponga ababekhona babemvuna kakhulu uMakamu nokuthe emuva kohlelo uPhiri washaya ingqimphotho esethi yena uyaziqhelelanisa noMakamu. Ibona kanye lobu buxoki okungafanele buvunywe.
Ixhala nje enginalo ngabantu besifazane ngelokuthi kancane kancane sizwa kuthiwa kunomalugaju ogadla ephindelela kwabesifazane. Uthi usethukile, uzwe sekuthiwa kunothisha oselale nomfundi oseyintombazanyana. Lithi lisaphitheniswe ilokho ikhanda uzwe kuthiwa embonini ethize kunowesilisa oqashayo efemini kodwa uthi kwabesifazane ucansi phambili umsebenzi emuva. Uthi usathuswe ilokho uzwe noma ubone sekusabalele amampunge athi kunowesilisa esikhungweni thizeni sezemfundo ophasisa abafundi ngomgunyathi inqobo nje uma abafundi bezokhokha kuye ngesinene. Mhla nje usathi uziphumulele futhi nje ungazi nanyaka uzwe nangu umethuli wezinhlelo zikamabonakude uNks u-Andile Gaelisiwe ethi wadlwengulwa uyise eseliqhumamponjwana. Ngesikhathi uthi usukuzwe konke kuvumbuke enye insindabeyitshatha yodaba lokuthi kunendoda exabane nentombi noma nonkosikazi wayo maqede yabulala bonke abantwana yabe isiphetha ngokuthi nayo iziyise koyisemkhulu. Kuthi sekwenzekile konke lokhu umuntu wesifazane uma ethi ubalekela endlini kaJehova nakhona afice ezakhona izimpisi ezimbethe ingubo emhlophe qwa. Kuzo zonke lezi zinkinga abesimame ababhekana nazo ngiyazibuza nje ukuthi kanti kukuphi lapha esingathi baphephile uma bekhona?
Eminyakeni engemingaki eyedlule uKing Somnala Nala webandla iWorld of Plenty wamemezela ukuthi usebone kungcono athathe isithembu. Baningi abangazange bahambisane nalesi sinqumo sikaKing Nala okubalwa kubo ngisho uMbhishobhi uVusi Dube we-Ethekwini Community Church. UNala wakubeka kwacaca ukuthi maningi amadoda uNkulunkulu awasebenzisa eBhayibhelini enesithembu kodwa futhi awukho umonakalo owadalwa ukuthi lawo mododa ayenesithembu. Nembala kuze kube manje akaze sizwe kuthiwa usehlazweni locansi noma lokufuna ukulanda izikhiye ezintombini ngomnyama. Mhlawumbe kungakuhle nabanye abefundisi abafisa ukuzwana nomuntu ongaphezulu koyedwa wesifazane benze njengoNala.
Imisebenzi ehambisana nodumo idinga umuntu okwazi ukuziphatha nokulawula imizwa nentshisekelo yakhe kwezocansi, ngaphandle kwalokho angeke sikwazi njengesizwe ukumela isithunzi nesizotha sebandla. Uma abefundisi abathile sebebabonwa ezindabeni zakusihlwa ngezinto ezingezinhle lokho akulilungele ibandla likaJehova. Izilingo into ekhona kodwa engikushoyo nje ukuthi uma umfundisi esebona ukuthi akasagculisekile ngowesifazane oyedwa kungakuhle aphumele eshashalazini achaze izifiso zakhe zokwandisa umuzi. Ukuphumela eshashalazini akusilo ihlazo elingamjivaza umfundisi ngale ndlela yokuthi onohlelo lukamabonakude angaze akhishwe ngesidlozana kulo ngenxa yesifiso sokwandisa ikhaya likayise.
Amahlazo athinta ucansi ayabawisa abantu abaningi. Kumanje uMakamu uselahlekelwe umsebenzi wokwethula uhlelo iRea Tsotela esiteshini sethelevishini iMoja Love ngenxa yakho njalo ukukhokhoba ngomnyama eyofuna izihluthulelo entombini. Nakuba engesiye umfundisi kodwa UMnu uKatlego Maboe owayethula uhlelo lwasekuseni kuSABC 3 aphinde akhangise nemikhiqizo yakwa-Outsurance waxoshwa kuyo yonke le misebenzi ngoba sekuvele izindaba zokuthi uqonyiwe futhi unakho ukuzithokozisa nalona wesifazane nakuba eganiwe. Umkhakha wempilo ongajwayele ukuwisa amadoda amaningi ngezindaba ezithinta ucansi ipolitiki kanye noBukhosi. Akujwayelekile ukuthi aMakhosi ebe sehlazweni locansi ngoba isithembu sivumelekile. Inkolo yobuNazaretha ayisexwayi isithembu futhi ingakho kungekho macala nazigigaba zocansi. Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi amabandla onke athi ukulufakela izipopolo udaba lokwandisa amakhaya kulezo zinceku ezifisa ukwenza lokho. Ngaleyo ndlela kophela ukuthi amadoda alahlekelwe imisebenzi nezithunzi zawo ngenxa yokuthi ehlulekile ukuhlala nomuntu wasemzini oyedwa futhi lokhu koqeda ngisho nokuthi abantu esicabanga ukuthi balungile bangenzi izinto ezingalungile.
Njengoba wayeseshilo uNks uFord ukuthi kunezinto ezenziwa ngabantu ngoba bezitshela ukuthi ziyohlala zingcwatshiwe kanti ngelinye ilanga izipoki zovuka zigijime emini kwabha. Waze wayifanisa le ndaba nokuthi abalungile kuhamba kuhambe kufike lapho beba khona izitha zabo uqobo. Isizathu salokhu ukuthi kunabantu abaphila impilo abangayithandi kanti mhla benza into abayithandayo bazoyenza ngesinxele bese bengena shi obishini. Kafushane nje, uma uyindoda ethi ishadile kodwa iso layo lilokhu ligunquze njalo mhlawumbe uyayidinga indlu yokugugela kunokuthi untshontshe kanti lapho ubanjwa khona uyophelelwa umsebenzi nesithunzi sakho. Iwona mnyombo lona odala ukuthi abantu babe izitha zabo uqobo kodwa indlela yokuyiqeda le ntshisekelo enobungozi kungcono umuntu aphumele eshashalazini asho izifiso zakhe zokwandisa umuzi kayise kunokuphila impilo embaxambili.