Usefinyelele ezingeni lomhlaba elawula ngempumelelo ikhilikithi owoHlanga



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
“Ukuqhamuka endaweni edume kambi, ikhona okuhlezi kungigqugquzela ekutheni ngisebenza kanzima ukuze ngizoguqula indlela abantu abayibuka ngayo indawo engizalelwe kuyona ngakhulela kuyona”.
La mazwi adalulwe insizwa edabuka KwaMashu esigcemeni C uLubabalo Gcuma ongu-Umpire kwikhilikithi esigabeni esikhulu lapha eNingizimu Afrika.
NgoMsombuluko le nsizwa yakwaGcuma igama layo livelile kusihlwa kulabo abathole imiklomelo yabenze kahle emcimbini obuwenziwe inhlangano ephethe ikhilikithi kuleli iCricket South Africa (CSA). Le nsizwa inqobe umkomelo weCSA Umpires’ Umpire of the Year. Lokho kusho ukuthi uvotelwe abanye o-Umpire ukuthi anqobe lo mklomelo.
Ebuzwa elaboHlanga uGcuma oneminyaka ukuthi uzizwa enjani kubizwa igama lakhe kwabanqobile uthe: “Lokhu kusho lukhulu kimi, ukuqokwa ozakwethu esizimbangi nabo, iNingizimu yonkana, kodwa bavume ngo elethu ukuthi umsebenzi omuhle nokuzikhandla kuyabonakala kwami kuyabonakala. Okunye kusho ukuthi insizwa emnyama, esuka elokishini nje ngami ingakwazi ukusebenza iqhudelane nabo bonke abaphathi bomdlalo ezingeni elikhokhelwayo lapha eNingizimu Afrika, nokuveza nje ukuthi kuningi okuhle okuphuma KwaMashu, hhayi lokhu okumbi okuqhakanjiswa kakhulu. Lokhu kuqokwa kwami kusho ukuthi ngiqhubeke nokusebenza nokuzikhandla ngoba impumelelo iyasetshenzelwa” kusho uGcuma.
Le nsizwa ifunde eCuthberts Boys College yaphothula khona futhi. Ebuzwa ukuthi ubani owamkhuthaza ukuthi azibandakanye nalo mdlalo uthe: “Umalume owangethula kulo mdlalo, ngawudlala kancane esikoleni. Ngiwudlale ngokuzimisela kakhulu sengidlala eqenjini elidlala kuligi ebizwa ngokuthi iKZNCU elalibizwa nge-African Warriors. Ngaqala khona esigabeni esiphansi ngagcina sengidlala ezingeni lePremier League elingaphansi kwemidlalo yezifundazwe,” usho kanje.
Umfo kaGcuma uthe wayeka lo mdlalo ngonyaka wezi-2003. Emva kwalokho wabe eseqala ebhala izivivinyo zokuqala zokuba u-Umpire, ngemuva kokuphumelela wabe eseqala ukuphatha imidlalo esezingeni la maqembu amancane. Emveni kwalokho waqhubeka nokuba u-Umpire ezingeni likazwelonke kumaJuniors, emele iKwaZulu-Natal. Wakwazi ukuthi adlalise imidlalo yamanqamu emine emiqhudelwani eyabe iKwaZulu-Natal wabe esedlalisa imidlalo yamanqamu emihlanu kazwelonke. Emveni kwalokho wabe esemenywa abakwaCSA ukuthi alungele ukubhala izivivinyo zikazwelonke ezizomufaka ezingeni lekhilikithi ekhokhelwayo, lapho kwakuwunyaka wezi-2008 impilo yakhe isiyashintsha.
“ Ngiyafisa ukuthi ngiqhubeke nomgqigqo wami wokusebenza kahle, nokuzilungiselela ngokwasemzimbeni, nasemoyeni ngaphambi komdlalo, bese okokugcina ngizilungiselele ngokomdlalo phambi kwesikhathi, ngokwedolobha engizobe ngisebenzela kulona. Isibonelo uma ngiyophatha umdlalo eNewlands eKapa, kumele ngilindele ukuthi kuzobe kunomoya, izinto ezincane njengalezo ezenza umehluko ekugcineni.”
“Ngakolami uhlangothi ukuqhubeka nomgqigqo wokusebenza kahle, kodwa kuthi abanye abaphathi abasafufusa engibafundisa, ngibaqwashise ngokumele bakulindele uma sebedlalisa kuleli zinga engikulona, nezifundo zemithetho yomdlalo yekhilikithi engihlala ngibafundisa yona, okuyinto okumele uhlale uyenza ungalindeli ukuthi kuze kube nemidlalo nje” kusonga uGcuma.
Uthe u-Umpire azifela ngaye uShaun George, umbeka uphaphe legwalagwala nje ingoba uchazwa ukuthi uyazinikela emsebenzini wakhe futhi uhlezi ekuthaza o-Umpire abancane abasafufusa kulo mdlalo ukuthi besebenze kanzima.
Imidlalo emikhulu aseke ayidlalisa:
- iNingizimu Afrika “A” ne-England “A” emdlalweni ye-One Day International (ODI)
- iNingizimu Afrika neWest Indies ODI (U19)
- iNingizimu Afrika neBangladesh ODI (U19)
- iNingizimu Afrika nePakistan ODI (U19)
- Udlalise imidlalo ngaphandle kwaseNingizimu Afrika eNew Zealand ngowezi-2014, e-Australia ngowezi-2016, e-India ngowezi-2016 nangowezi-2020.
- Udlalise imiqhudelwano yakuleli iRAM SLAM T20, iMzansi Super League (MSL), iBetway T20 Final yakulo nyaka ne-5 Day Franchise kowamanqamu nakhona kulo nyaka.
Ama-ODI namaT20 International kwabesifazane
- iNingizimu Afrika neSri Lanka
- iNingizimu Afrika ne-England
- iNingizimu Afrika ne-India
- iNingizimu Afrika nePakistan