Now Reading
Ungomunye walabo abenze kahle kule sizini kanobhutshuzwayo uKante
Dark Light

Ungomunye walabo abenze kahle kule sizini kanobhutshuzwayo uKante

Ezikhathini eziningi ngikwazile ukubuka imidlalo yeqembu lase-England iChelsea FC idlala imidlalo yalo yeligi kanye neyomqhudelwano omkhulu wamaqembu emhlabeni i-UEFA Champions League.

Ngokwami ukubona kwala ngisho iChelsea FC ingawunqobanga lowo mdlalo kodwa bekubonakala ukuthi indoda isebenzile. Leyo ndoda nguN’Golo Kante ongowokudabuka eParis, eFrance.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-30 oyibamba esiswini, indlela anomufutho ngayo ungafunga ukuthi udlala ngomshini, ngoba umbona kuyona yonke indawo enkundleni. Kungijabulisile ukuthi ngoMgqibelo owedlule kusihlwa abalandeli abaningi bakanobhutshuzwayo bebemugcwalise ezinkundleni zokuxhumana bencoma indlela adlale ngayo kowamanqamu we-UEFA Champions League ngesikhathi iChelsea FC ibhekene neManchester City engompetha be-English Premier League (EPL).
Ngomzuzu wama-65 ngatshela labo engangihlezi nabo ngibuka lo mdlalo owaphela kunqoba iChelsea FC ngegoli elilodwa eqandeni, ukuthi uKante uyena umdlali ovelele kulo mdlalo nebala kwaba njalo.

Lo mdlali uma kuphela unyaka ngaphandle kokungabaza ngimbona ezobalwa nalabo abathathu abazobe bebanga umklomelo weBallon d’Or.
Lo mklomelo ngiyazi ukuthi sekuyinto ejwayelekile ukuthi unqotshwe oyedwa phakathi kwezinkunzimalanga ezimbili okunguLionel Messi odabuka e-Argentina odlalela iFC Barcelona yaseSpain noCristiano “CR7” Ronaldo wasePortugal ogijimela iJuventus yase-Italy.
Kodwa kulokhu ngibona kuzokuhlwa ngokunye kubona ngoba angiboni bewunqoba nakancane. Ngibona kuzokwenzeka okwenzeka ngonyaka wezi-2018 ngesikhathi lo mklomelo unqotshwa uLuka Modric waseCroatia ongumdlali weReal Madrid.
Ukunqoba kwakhe uModric kwenzeka emveni kokuthi efike kowamanqamu kwiNdebe YoMhlaba eyabe iseRussia, wasiza neReal Madrid ukuthi inqobe i-UEFA Champions League ngalowo nyaka.

UKante ngokwami ukubona kumfanele ukuthi awunqobe nonyaka lo mklomelo ngendlela abe nesizini enhle ngayo. Ukwazile ukuthi abeke iChelsea FC emaqenjini amane aphezulu kuligi ye-EPL ukuthi ngesizini ezayo ikwazi ukudlala i-UEFA Champions League, waphinde wanqoba i-UEFA Champions League yakule sizini esanda kusongwa.

Ngokuhlaziya kwami umuntu onqoba iBallon d’or nangokuqonda kwami, okuyaye kubhekwe uma kufunwa umdlali owenze kahle kulowo nyaka, kubhekwa iqhaza alibambile ekutheni iqembu lenze kahle kakhulukazi emiqhudelwaneni emikhulu efana ne-UEFA Champions League, nemiqhudelwano yemikhumulajezi edlalwa amaqembu adlala kuleyo ligi iqembu lakhe eligijima kuyona.

Yize umdlali esenze kahle kodwa usuke esedinga ukuba abasuke bezovota bayithande indlela asuke edlale ngayo.
Abanelungelo lokuvotela lo mklomelo kuke kube abaqeqeshi bamaqembu esizwe ngaphansi kwenhlangano eyangamele unobhutsuzwayo iFederation International Football Association (FIFA), okaputeni bamaqembu esizwe kanye nababhali bezindaba (izintatheli) abakhethekile.
Laba abangenhla uma belazi kahle ibhola nakanjani komele igama likaKante balifake. Lapha ngikhuluma ngomdlali oqokwe njengomdlali ovelele koweQuarter-Final, waba umdlali ovelele kumlenze emibili yeSemi-Final leli qembu libhekene neReal Madrid. Waphinde wakuphinda enqoba umklomelo womdlali ovelele kowamanqamu.
Ngokwami uRonaldo noMessi ababanga nesizini enhle neze ukube kuya ngami bengingeke ngibafake kulaba abathathu abasuke besethubeni lokunqoba lo mklomelo. IJuventus FC iqede kweyesine, kwathi IFC Barcelona yona yaqeda kweyesi-3. Emqhudelwaneni i-UEFA Champions League amaqembu abo asheshe aphuma.

Omunye umdlali engingamufaka kulaba abathathu umgadli weFC Bayern Munich yaseGermany uRobert Lewandowski ongowokudabuka ePoland. Naye ube nesizini enhle kakhulu.

See Also

Ukwazile ukusiza iBayern inqobe iligi, ngokuthi ashaye amagoli angama-41 lapha ngibala aweligi kuphela lapho edlale imidlalo engama-29. Ukushaya kwakhe amagoli angama-41 kwenze wabeka irekhodi elisha elagcina libekwe uGerd Muller ngesizini yangonyaka we-1971/72.

Abanye abadlali ababe nesizini enhle uKylian Mbappe weParis Saint-Germain (PSG) yaseFrance, uKevin De Bruyne noRuben Dias beManchester City be-England, angeke ngamshiya ngaphandle uRomelu Lukaku osize i-Inter Milan ekutheni inqobe iligi yase-Italy iSeria A ngokuvalela phakathi amagoli ali-17. U-Erling Haaland weBorussia Dortmund yaseGermany naye udlale kahle ngoba ushaye amagoli angama-24.

Laba badlali abangenhla ngokwami oyedwa wabo angaba owesithathu elandela yena umdlali osematheni muva nje uKante kanye noLewandowski.

Scroll To Top