Now Reading
Ugqugquzela intsha ukuba ingakhethi imisebenzi
Dark Light

Ugqugquzela intsha ukuba ingakhethi imisebenzi

Abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika bangama-32,5%, bese eMsunduzi njengenhlokodolobha yaKwaZulu-Natal bangama-30% abantu abangasebenzi. Abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika bayizigidi eziyisi-7, abantu abalahlekelwe imisebenzi ngesikhathi sokhuvethe bayizigidi ezi-2. Inyanga uNhlangulana eNingizimu Afrika ithathwa njengenyanga yentsha ngenxa yeholidi langomhla zili-16, iNingizimu Afrika isho ngazwilinye ukuthi kunokwantuleka kwamathuba omsebenzi, ngakho intsha njengabantu abasanemiqondo egijimayo iyona okumele iguqule lesi simo.

Izazi zomnotho zithi zimbili izinto ezingakhuthazwa kubantu abasha okokuqala ukubamba iqhaza emnothweni esigabeni sokuthi babe ngabadidiyeli bomnotho.
Baqhuba bathi kumele bangalindeli ukuthi bezwe ngabantu abadala ukuthi benzeni kepha kumele bazicabangele bona ukuthi kumele benzeni. Okokuqala kuthiwa kumele intsha ikufunde ukusebenzisa umkhondo wabo bendawonye babheke ukuthi indawo abahleli kuyona idinga ini, bese umuntu omusha abe impendulo yaleso sidingo, lapho kudinga ukuthi kube ibona qobo abenza ucwaningo babone isikhala lapho bephila khona.

Isibonelo nje abokufika bavuse lezi zitolo ezaziphethwe ngaboHlanga ezindaweni zasemakhaya baqhubeka nazo njengamanje kwaze kwangangokuba uma ucabanga ukuya esitolo ucabanga laba bokufika ngoba balivalile lelo gebe, futhi izitolo zabo zinakho konke okudingayo, kanjalo nasemalokishini laba bokufika yibo abadayisayo asebenengxenye enkulu egcekeni lase mzini womuntu ngoba isitolo sakhe uthola ukuthi sisebaleni. Khona futhi ezindaweni zasemakhaya kufika bona laba bokufika badayisele ogogo izingubo bathi bazokhokha kancane kancane nalezo zingubo ziyathengwa futhi lokho kusho ukuthi kunegebe abalivalile.

Okwesibili izazi zomnotho ziphinda zinxuse intsha ukuba ayinganqeni ukuthi izandla zabo zingcole noma ngabe banezicucu. Kugcizelelwa lokhu ngoba itsha iyathanda ukuqhakambisa ukuthi ifundile ayikwazi ukuthinta into engcolile, nabathi ikhona lokhu okwenza lapha eNingizimu Afrika kuze kungene abantu bangaphandle kube ibona abaqashwa kakhulu ngoba abakuleli bayavilapha abanye abanaso isineke nokubekezela ngoba uma beke bathola isicucu bathi sebefundile bona ngeke bakwazi ukuthinta udaka, kugqugquzelwa abantu abasha kanye nabaseNingizimu Afrika ukuthi abangcole ukuze bakwazi ukuba ingxenye ngempela kwezomnotho.

UNks uThobeka Mncwabe (30) ohlala eNqabeni unetafula emgwaqeni uChurch Street eduze kwehholo ledolobha uthi okumgqugquzelayo ukuthi adayise etafuleni njengomuntu omusha ingoba ufuna inkece ufuna nokuphilisa umndeni wakhe, imsebenzi abayitholi bayahamba bayofesa kepha abaqashwa ingakho wabona ukuthi akenze itafula aphilise izingane zakwabo ngoba abasenabo abazali.

“Imali engiyithola la etafuleni ngiyakwazi ukungenisa ukudla. Ngeke ulale ungadlile, iyashoda kwezinye izinto kodwa ekudleni cha ngeke ninane komakhelwane,” kusho uNks uThobeka. Uthe izingqinamba ababuye bahlangabezane nazo etafuleni uMasipala obuye uhluphe echaza ukuthi ngani uthe; “Uthola ukuthi abafuni sidayise ummbila ngoba bathi akubaswa edolobheni njengoba siphakathi kwabantu sibeka impilo yabantu engcupheni. Nathi siyazi sisuke senza okungalunganga inkinga ukuthi sisuke sibona igebe futhi sibona ukuthi iyona yinto engasenzela imali ngaleso sikhathi.”

See Also

Uthi ibhizinisi lokudayisa etafuleni ufunda kuningi, ngoba kubuye kuthengwe kubuye kuthule futhi, babuye badayise imali encane bangazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani. “Sidlula kulezi zingqinamba ngokuthi sibekezele noma ubuye ubone ukuthi kuthuli ngempela ayikho nento oyivukelayo. Into emnandi ngebhizinisi ukuthi ngeke uqhubeke nalo uma ungakwazi ukubekezela,” usho kanje.

Uthe amaphupho akhe ukuba namabhizinisi amakhulu, abe nesitolo ayeke ukuhlala emgaqweni njengoba esedayise imnyaka eli-10. Uthi akufundile ngalelibhizinisi ukukwazi ukubeka imali angayixhaphazi ngoba uma engayixhaphaza ngeke aze abe naso lesi sitolo asifisayo.

“Umyalezo engingawudlulisela intsha ukuthi ngifisa bangawukhethi umsebenzi, ilenze itafula basebenze ngoba uma bengaphika nabantu namahloni ngeke baye ndawo, imali iyafana. Ngabe azikho izigebengu kangaka ukube abantu abakhethi ngoba imali iyakheka kulomsebenzi,” kusho uNks uThobeka.

Scroll To Top