AbaseNamibia babona iGermany ibaninda ngodaka emehlweni



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Isikhathi sobuKoloni siyisigxivizo izwekazi i-Afrika esiyoba naso kuzo zonke izizukulwane eziyoqhamuka kuyo ngenxa yokuthi kusaneminye imithelela esakhona ngenxa yalokhu futhi abanye basaliphika icala labo okwenza kubenzinyana ukuthi abantu badlule nokuthi kubuye okufanele kubanikazi baleyo nto. Iqiniso lithi imiphefumulo eyalahleka ngaleso sikhathi angeke iphinde ibuye kepha ukuvuma icala kungayithoba inhliziyo nemimoya ibanokwamukela nokudlula kubuhlungu.
IGermany ivumile ukuxhasa amaphrojekthi aseNamibia abiza ngaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingama zamayuro eminyakeni engama-30 ukuze ihlawulele iqhaza layo eyalibamba ekubulaweni kwabantu nokucekelwa phansi kanye nokuthathwa kwempahla kanye nendawo kuleli lizwe ngaleso sikhathi eminyakeni engaphezu kweyikhulu eyedlule elalingaphansi kobuKoloni balo, kusho okhulumela uHulumeni waseNamibia ngesonto eledlule.
Izinkulungwane zaboHlanga lwamaHerero kanye naboHlanga lwamaNama babulawa ngamabutho amakoloni aseGermany phakathi kowe-1904 nowe-1908, ngemuva kokuthi lezi zizwe zahlubuka ekubuseni kwamaJalimane kuleli koloni, elabe libizwa ngeGerman South West Africa. Abasinda baqhutshelwa ehlane, lapho abaningi bagcina emakamu okuhlushwa ukuze basetshenziswe njengezigqila futhi abaningi babulawa amakhaza, ukungondleki nokukhathala.
Empendulweni emfushane yombhalo ethunyelwe abezindaba uHengari uthe kulindeleke ukuba kuvele ukuxolisa ngokusemthethweni okusuka eGermany, wengeza ngokuthi “izindlela zokuqalisa ukusebenza zingaqala kuphela ngemuva kokuthi uMengameli ekhulume nemiphakathi ethintekile”.
INkosi yamaHerero, uVekuii Rukoro, utshele abezindaba ukuthi lesi sivumelwano “sibe ngukudayisa”. UMnyango Wezangaphandle waseJalimane awuzange uphendule ngokushesha izicelo zokuphawula. Ebuzwa ngesonto eledlule ukuthi ngabe isivumelwano sisondele yini, okhulumela uMnyango Wezangaphandle waseGermany uthe uNgqongqoshe ubuyekeze iKhabhinethi ekuqaleni kosuku ngesimo sezingxoxo nokuthi iGermany igcina isivumelwano sokugcina izimfihlo neNamibia.
Kulinganiselwa ukuthi aboHlanga bamaHerero azi-65 000 kwabazi-80 000 ahlala eGerman South West Africa, kanye nama-10 000 alinganiselwa kuma-20 000 aboHlanga bamaNamas, okuthiwa bashona ngalesiya sikhathi. Abezindaba baseNamibia babike ekuqaleni ngesonto eledlule ukuthi iGermany ivumile ukuxhasa ngesigidigi esiso-1.1 sama-Euro wengqalasizinda, ezempilo kanye nezinhlelo zokuqeqesha ezizosiza ngqo imiphakathi ethintekile.
INkosi uRukoro, owamangalela iGermany ngokungaphumeleli efuna isinxephezelo e-United States, uthe lesi sivumelwano esibikiwe besinganele kule miphakathi yomibili, ebithole “ukulimala okungenakulungiseka” ezandleni zamabutho amakoloni aseGermany.
“Sinenkinga ngalolo hlobo lwesivumelwano, esizwa kwengesokusidayisa okuphelele ngasohlangothini lukahulumeni waseNamibia,” kusho uRukoro etshela abezindaba.
IGermany yabusa iNamibia kusukela ngo-1884 yaze yalahlekelwa ileli koloni phakathi nempi Yomhlaba Yokuqala (World War One). Ngowe-1920 le ndawo yafakwa ngaphansi kokuphathwa yiNingizimu Afrika, kwaze kwaba ngo-1990 lapho ithola inkululeko.
UHulumeni waseGermany phambilini uvumile ukuthi “unesibopho sokuziphatha” kulokhu kubulala kwaboHlanga bakulelizwe , okuyinto ungqongqoshe ayichaze njengokuqothulwa kohlanga, kodwa iBerlin isalokhu ikugweme ukuxolisa okusemthethweni ukuze kunqandwe izicelo zesinxephezelo ezingaqondana nayo.
Ngonyaka wezi-2015, yaqala izingxoxo ezisemthethweni neNamibia mayelana nalolu daba kwathi ngowezi-2018 yabuyisa izingebhezi nezinye izinsalela zabantu ababulawa ezazisetshenziswa ekuhlolweni kwenkathi yekoloniyali ukufakazela ukuthi abantu basezwenikazi i-Europe baphakeme ngokobuhlanga kunabomdabu noma aboHlanga basezwekizazi i-Afrika.