Kubonakala engesayihhoyi eyeHhovisi loMvikeli Womphakathi uRamaphosa



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
IHhovisi loMvikeli Womphakathi eliholwa ngu-Advocate uBusisiwe Mkhwebane kubonakala linenkinga yokukhohlwa nguMengameli uCyril Ramaphosa. Leli Hhovisi, elingelinye lamaHhovisi ayisishagalolunye agunyazwe iSahluko 9 kuMthethosisekelo, liphenya izinsolo zenkohlakalo ngenhloso yokubuyisa isithunzi kubantu nasemiphakathini.
NgoNdasa wangowezi-2016 iNkantolo YoMthethosisekelo yakhipha isinqumo esithi izincomo zoMvikeli Womphakathi ziyabopha. Lokhu kwakulandela impikiswano phakathi kweHhovisi loMvikeli Womphakathi nowayenguMengameli uJacob Zuma lapho khona uMvikeli Womphakathi uThuli Madonsela wayethi akasungule ikhomishini ezophenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso.
NgokukaZuma lesi kwakuyisincomo nje hhayi umyalelo okungakho wayesishaya indiva lesi sincomo. INkantolo YoMthethosisekelo ngomlomo weNhloko Yabehluleli uMogoeng Mogoeng yakhipha isinqumo esivuna uMvikeli Womphakathi ukuthi izincomo zakhe ziphinde zibe ngumyalelo. Lokhu kwanikeza leli Hhovisi amandla okwenza umsebenzi walo walula.
Abaningi basishayela ihlombe lesi sinqumo ngoba saphoqa ukuthi kube khona ikhomishini ebalulekile kuleli lizwe eholwa yiSekela leNhloko Yabehluleli uRaymond Mnyamezeli Zondo. Kodwa, kamuva kubonakala kungasekho ukulithemba leli Hhovisi ukuthenjwa kwaleli Hhovisi ikakhulukazi kubuholi bakuleli lizwe.
Kubonakala isikhala salo sesivalwa iSpecial Investigating Unit (SIU). Zingama-31 kuNdasa iHhovisi loMvikeli Womphakathi lenza uphenyo ngokuthengwa kwezithuthuthu e-Eastern Cape okwakuthiwa zizosebenza ukuthutha iziguli ezindaweni zasemakhaya njengoba kuhlasela ukhuvethe. Leli Hhovisi lathula ukuthi uMnyango Wezempilo wakulesi sifundazwe awuyilandelanga inqubo yokuthengwa kwempahla ekunikezeni inkontileka inkampani iFabkomp.
NgoMsombuluko i-SIU yethule umbiko wophenyo olufanayo yathola imiphumela efanayo. Okube ngumehluko phakathi kwalemibiko kube ngukuthi uMengameli uwamukele wawushayela ihlombe lona we-SIU kodwa akaze asho lutho ngowoMvikeli Womphakathi. KoweSIU usabise ngezinyathelo okuzomele zithathwe.
Zingama-24 kuNhlolanja wanyakenye, uRamaphosa, ngokweSigaba (2) (1) soPhiko Olukhethekile Lwezokuphenya kanye noMthetho Wezinkantolo Ezikhethekile wama-74 kowe-1996, usungule i-SIU. Ngokuchaza kwakhe ukusungulwa kwalolu hlaka kwadalwa yisidingo sokusheshisa ukuphothulwa kophenyo oluthinta amacala enkohlakalo.
I-SIU igxila kakhulu ezinkontilekeni eziphakathi kwezinkampani ezizimele noHulumeni. Kodwa inhloso yalolu hlaka kwaba ngukubuyisa izimali okanye impahla ezilahlekelwe yizikhungo zombuso ngokusebenzisa izindlela ezingajwayelekile nezikhohlakele. Lokhu kuchaza ukuthi i-SIU iyisigungu okanye uhlaka olukhethekile oluzohlala iminyaka emithathu kuphela hhayi ihhovisi elihleli njengengoMvikeli Womphakathi.
Zombili lezi zinhlaka zisebenza ngezikhalo ezifakiwe kanti akukhethi ukuthi izikhalo ziqhamuka ngobani. Lokhu kuvula ithuba lokuthi lezi zinhlaka zenze uphenyo olufanayo. Isibonelo kulokhu udaba oluthinta uNgqongqoshe wezempilo uZwelini Mkhize.
Ngolwesibili, i-SIU ithe uphenyo lwayo oluqhubekayo mayelana nokunikezwa kwenkontileka yezigidi zamarandi kwaDigital Vibes, okuyinkampani exhumene noNgqongqoshe uMkhize, selufinyelele esigabeni “esibucayi” kanti kulindeleke ukuthi luphele ekupheleni kwenyanga.
Ummeli oyinhloko yeSIU u-Advocate u-Andy Mothibi ukuqinisekisile ukuthi uphenyo lwayo luthole ukuthi inqubo yokuthengwa kwempahla ithenda ibingajwayelekile, njengokusho kukaMkhize phambilini. NgoLwesithathu iHhovisi likaMvikeli Womphakathi likhiphe isitatimende esithi lizophenya uMkhize ngokwedelela iHhovisi loMvikeli Womphakathi. Lokhu kulandele ukuthi uMkhize ehlulekile ukuhlonipha amasamanisi amathathu aleliHhovisi okuzoziphendulela ngokwehluleka ukuhlonipha izincomo zombiko wangowezi-2017 wokusebenza koMnyango Wezempilo.
Isithombe esakhekayo ngalokhu ukuthi sekukhona ukuncintisana phakathi kweHhovisi likaMvikeli Womphakathi neSIU kanti imbangela yalokhu ukuzitshwa kweHhovisi loMvikeli Womphakathi nguMengameli uRamaphosa. Izincomo nombiko weHhovisi loMvikeli Womphakathi uyabopha futhi ungumyalelo kanti eyeSIU iyizincomo ezilekelela abaphenyi. Lesi yisona sizathu esibangela ukuthi nakuba i-SIU isikhiphe imibiko eyili-102 kodwa akukabi bikho namunye osaboshelwe lemibiko.
Lolu hlaka luye lunxenxe izinhlaka ezifanele ukuthi zijezise ngendlela efanele, okungakho kunemibuzo ethi kungani wonke lawa macala ephenywa ilolu hlaka likhona iHhovisi likaMvikeli Womphakathi elinezincomo ezingumyalelo.
Ekhuluma nesinye isiteshi somsakazo u-Advocate uMkhwebane uthe nakuba ehlezi embona umengameli evakashela amanye amahhovisi nezinhlaka zikaHulumeni kodwa kwelakhe akakafiki.
Uphinde waveza nokuthi nezincwadi akamubhalela zona ezimnxenxa ukuthi akhuze oNgqongqoshe abambiza ngamagama okungabalwa kubo uNgqongqoshe uFikile Mbalula noNgqongqoshe uGwede Mantashe akaziphenduli futhi akasho nokuthi uzitholile. Ngowezi-2019, uNgqongqoshe uMantashe wabiza umbiko wophenyo lokumvikeli womphakathi kwisikhwama esalekelela uRamaphosa ukuthi akhankasele esobumengameli ku-ANC iCR17 njengencwadi yezepolitiki.
UMkhwebane ubuye wavula necala lobugebengu elibhekiswe kuNgqongqoshe wezokuthutha uMbalula osekuyiculo lakhe lokumsola ngokuba isibhamu esiqashiwe. U-Advocate uMkhwebane uthe akanalo ulwazi lokuthi uRamaphosa kukhona yini izinyathelo azithathele amalungu esigungu sakhe ngezinkulumo ezihlabayo ezibhekiswe kuye. Kuvele kukhona ukungahoshelani phakathi kukaRamaphosa noMvikeli Womphakathi. Lokhu kungahoshelani kubangelwa uphenyo eselusezinkantolo ngeminikelo eyenziwe emkhankasweni we-CR17.
NgoLwezi wanyakenye inkantolo yomthetho sisekelo yalalela ukuthi nakuba emaningi amaphutha enziwa kumbiko kaMvikeli Womphakathi ngalesisikhwama seminikelo kodwa izizathu zokusiphenya ziyezwakala. Kufikwa kuloluphenyo nje umvikeli womphakathi wathola isikhalo esivela kuDemocratic Alliance (DA) esisola uRamaphosa ngokudukisa iPhalamende ngamabomu ngesikhathi ephendula umbuzo mayelana nomnikelo womkhankaso wezi-R500 000 ovela kuGavin Watson weBosasa.
U-Advocate uMkhwebane wemba ngisho nangaphezu kwesikhalo sokuthi uRamaphosa wadukisa iPhalamende, waphinde waphenya ngomkhankaso wakhe wokuba nguMengameli we-ANC ngowezi-2017 ngezinsolo zokuxhaphaza imali. NgoNdasa wanyakenye, ibhentshi eligcwele le Nkantolo Ephakeme yasePitoli lawubeka eceleni lo mbiko, lawubiza ngokuthi “awuchazeki”, “ubudedengu”, futhi “awunasisekelo noma umthetho”.
Ngokusho kwenkantolo: “uMvikeli Womphakathi ufinyelele esiphethweni esingenangqondo futhi esingekho emthethweni ngamaqiniso abengaphambi kwakhe, ngaphezu kwalokho, akazange abhekane nalolu daba ngomqondo ovulekile”.
Ukulungisa iphutha lobudedengu u-Advocate uMkhwebane usole abanye ozakwabo asebenza nabo eHhovisi lakhe ngokuthi basebenza nabantu abathile, bakhipha imininingwane eyimfihlo, bacekela phansi iHhovisi lakhe baphazamise nomsebenzi wakhe. Wabe esexosha umbhekeleli wokusebenza kweHhovisi lakhe uPonatshego Mogaladi kanye nomphenyi omkhulu uLesedi Sekele.
NgoLwesithathu iNkantolo Yezabasebenzi ikhiphe isinqumo esithi u-Advocate uMkhwebane wagagamela exosha laba ngakhoke kumele babuyele emsebenzini. U-Advocate uMkhwebane akaphiki ukuthi wajomba isigaba sokuqondiswa kobugwegwe wabaxosha laba ngoba nakhu ethi ulungisa isimo esiqonde ukumhlambalaza kodwa inkantolo ikhiphe elokuthi lokhu bekungamele akwenze. Laba bobabili babhekene nezinsolo zobudedengu obedlulele, ukungaziphathi kahle emsebenzini, nokwenza umsebenzi ngendlela engafanele.
Akuqondakali ukuthi ngabe yizona zonke yini lezizinkinga ezibangela ukuthi uMengameli alishalazele iHhovisi likaMvikeli Womphakathi okanye izinkinga yena anazo ngalo kodwa okugqamayo ngukuthi akasayingeni eyaleli Hhovisi.