Now Reading
UMalema usola uRamaphosa ngokusasazela abantu ngamagumgedlela
Dark Light

UMalema usola uRamaphosa ngokusasazela abantu ngamagumgedlela

UMholi we-Economic Freedom Fighters ( EFF), uMnu uJulius Malema ukhwele wadilika kuhulumeni oholwa yi-African National Congress (ANC) nawusola ngokwehluleka ukushintsha impilo yabantu bakuleli kusukela wangena ezintanjeni zombuso ngowe-1994.

Ethula inkulumo yakhe ngoMsombuluku mhla zingama-26 kuNtulikazi njengengxenye yemigubho yeminyaka eyisishiyagalombili kwasungulwa i-EFF, uMalema uthe kuncane okusenziwe nguhulumeni ukuzama ukushintsha izimpilo zabantu.

“Esikhundleni sokuthi abaholi be-ANC basebenzele abantu ngobuqotho balibele ukuzicebisa bona, kumanje kunenkohlakalo enkulu eyenzekayo, kusetshenziswa ithuba lokubheduka kokhuvethe, abantu sebebona ithuba lokwenza imali, ngisho uMengameli uRamaphosa usephenduke inxusa lakwa Johnson and Johnson uyabona ukuthi uyadla ngale nkampani,” kusho uMalema.

Uthe uRamaphosa kumela ahoxise amasosha lapho etshalwe khona KwaZulu-Natal naseGauteng emva kwezibhelu zangeledlule.

UMalema uthe uRamaphosa akumele asabise abantu ngamagumgedlela kodwa kumele aye kubona ayobezwa ukuthi yiziphi izikhalo zabo. Unxuse izakhamizi ukuba zingawesabi amagumgedlela.

“Ngeke amagumgedlela asibulale uma sizwakalisa izimfuno zethu ezikumthethosisekelo wezwe,” kusho uMalema.

Uthe uRamaphosa uzikhombisile ukuthi akasiye umholi wangempela ngokusasazela izakhamizi ngamagumgedlela.

“Umholi onesibindi ubezoya kubantu, abavumele bamdelele aphinde abavumele bamtshele izinkinga zabo,” kusho uMalema.

See Also

UMalema ukuchithile ukuthi izibhelu zangeledlule beziyimizamo yokuvukela umbuso. Uthe abantu bebezwakalisa ukungajabuli kwabo ngohulumeni, wengeza ngokuthi abebekwenza bekungahlosile ukuketula umbuso.

“Umuntu othi izibhelu zangeledlule bezihlose ukuvukela umbuso yihlathi lelo elingusomathuba,” kusho uMalema.

Uthe iqembu lakhe likhula usuku nosuku kusukela lasungulwa.

“I-EFF ilona kuphela iqembu elikhulayo lapha eNingizimu Afrika ngesikhathi amanye ehlelwa izibalo,” usho kanje. Uthe inhloso yakhe enkulu ukukhipha i-ANC emandleni.

Scroll To Top