Now Reading
UMasipala uMsunduzi ubonelela abahweba emgwaqeni ngentela
Dark Light

UMasipala uMsunduzi ubonelela abahweba emgwaqeni ngentela

Izazi zomonotho zithi abathengisa emgwaqeni yibo abangumgogodla womotho, kuphela nje badinga ukuthi bahleleke. Izibalo ezikhishwe iStaticics SA ziveza ukuthi abadayisa ematafuleni bafaka ama-5,2% kuGross Domestic Product (GDP) yaseNingizimu Afrika, okudale amathuba omsebenzi noma osomabhizinisi okubalelwa ezi-2 641 000 abangama-17% babo baqashwa ukuba badayise emgwaqeni.


NoMasipala uMsunduzi kubukeka engathi ufuna ukuklama indima ekutheni welekelele abathengisa emgwaqeni nababambe iqhaza elimqoka emnothweni.
Ukwelekelela abakule mboni uMsunduzi awuqali njengoba washayelwa izandla uHulumeni wesifundazwe ngenkathi kuqala ukhuvethe uphinda welekelela labo abashayekile kule mboni, waphinda wabanika izivikeli ukuze baphephe. Kamuva lo Mkhandlu wakhe indawo ezosetshenziswa abathengisa emgwaqeni ngaphandle komtholampilo iMbalenhle elokishini iMbali ebizwa ngokuthi iThwala Road Market Stalls.
ISikhulu Esiphezulu sophiko Lwezokuthuthukiswa Komnotho, uMnu uMthobisi Khumalo, uthe le ndawo enamagumbi ali-10 okuthengisela abayakhile bewuMasipala izokhuphula umnotho wendawo ngokuthi kube khona abantu abazothengisa.
“Abantu abathengisa emgwaqeni badinga indawo ehlanzekile futhi ehloniphekile ukuze badayise. Besekuyisikhathi eside uMasipala wayakha le ndawo umphakathi waze wayidicilela phansi, kodwa manje sesiyilungisile saqoka abantu abazothengisa kuyona,” kusho uKhumalo.
Uthe abadayisela kule ndawo baqeqeshwe uMasipala kanti phambilini bebesebenzela elangeni isikhathi eside ngaphandle komtholampilo iMbalenhle kanye nomgwaqo omatasa uThwala Road. Lo mgwaqo udume kakhulu ngendawo yokubumnandi i-033 esiqanjwe kabusha kwathiwa iNext Level. “Le ndawo abavelanga nje banikwa yona kepha baqala bagcwalisa amaphepha ezicelo, base benziswa inhlolokhono baphumelela. Kuzoba nemali laba badayisi abazoyikhokhela uMasipala engama-R250 ngenyanga,” kusho uKhumalo.
“Imali abazoyikhokha eyokuqinisekisa ukuthi le ndawo igcinwa ihlanzekile, iyanakekelwa kanye nezinye izinsiza zikaMasipala,” kusho yena.
Uthe bewuphiko bathokozile ngoba benze ingqalasizinda yomnotho. “Kusamele senze enye ingqalasizinda yomnotho. Siyayibona ingqalasizinda yomphakathi nayo emqoka njengamahholo, izitobhi kodwa uma sikhuluma ngale yomnotho lapho sikhuluma nabantu abathengisa emgwaqeni, ukwenziwa kwenxanxathela yezitolo, ukwenziwa kwezindawo lapho abantu bengathengisa khona ukuze kwehle inani labantu abangasebenzi, lokhu kuzokwehlisa ububha,” usho kanje.
Ephawula ukuba ngabe le ndawo yakhiwe ngokubuka ukuthi kunenxanxathela yezitolo iGreater Edendale Mall yini ikakhulukazi njengoba yonke le ndawo izothuthukiswa kube namahhovisi kaHulumeni, uthe: “Kuhlezi kunokuxhumana, lapha kunabantu abaningi njengoba kunesibhedlela i-Edendale, umtholampilo iMbalenhle lapho kuzohlezi kunabantu abahamba ngezinyawo ngakho ngokwebhizinisi labo bantu bayadingeka futhi ibona abadingekayo ukuze le mboni iye phambili. Izindawo ezinjalo sihlezi sizihlosile. Le ndawo izobe isetshenziswa kakhulu abantu baseMbali kanye naseGreater Edendale. Ikakhulukazi njengoba iMbali iyingane yeGreater Edendale, angeke sithi abantu abazozuza abaseMbali kuphela kepha iGreater Edendale yonke.”
Uthe kuyabathokozisa njengophiko ukubamba iqhaza ekulweni nokwentuleka kwamathuba omsebenzi, banciphise ububha baphinde balwisane nokungalingani.


“Izibalo zabantu abangasebenzi ziphezulu kakhulu ngakho lokhu kuphoqelela abantu ukuthi bashintshe ukucabanga bangene kumabhizinisi. Lesi isiqalo sokuba ngosomabhizinisi ngoba bathola nesipiliyoni nokuqonda ukuthi ibhizinisi lisebenza kanjani futhi iziphi izingqinamba namathuba akhona emabhizinisini. Kunalokho bazothola ukukhula ngoba imisebenzi ayikho,” kusho uKhumalo.

See Also


Mayelana nokuthi abathengisa emgwaqeni bazokwazi yini ukukhokha ama-R250 afunwa kubona, uthe: “SiwuMasipala sikwazile ukuthi sifike emalini lapho singeke senze inzuzo, eyehlisiwe kakhulu, kepha uHulumeni usebenze ngendlela yokuthi bona bakwazi ukuphila. Uma sikhuluma ngendawo yemakethe kumele engabe bakhokha okungenani i-R1 800. Ngakho leli inani elizwelana nezakhamuzi zaseMsunduzi.”

Scroll To Top