Phansi umshiza: Usethi khumu u-AB kwelesizwe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Lowo owayengukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi IProteas u-AB de Villiers, ugcine emile ezwini lakhe lokuthi ngeke esabuyela ekutheni agqoke ijezi lesizwe.
Lezi zindaba ziphumele kwabezindaba ekuqaleni kwesonto. UDe Villiers ubenxenxwa ukuthi abuyele eqenjini lesizwe, kodwa wala waphetha.
Isitatimende esikhishwe iCricket South Africa (CSA) sithe: “Sikhulumile noDe Villiers izingxoxo zaphetha ngokuthi usamile esinqumweni sakhe sokuthi uthatha umhlalaphansi kukhilikithi yesizwe.”
AbeCSA bakhuluma noDe Villiers nje, ingoba iNingizimu Afrika izotholana phezulu neWest Indies ngenyanga ezayo emidlalweni yeTest neyeT20 International khona eWest Indies. AmaProteas ngoNtulikazi azobe esetholana ne-Ireland emidlalweni emithathu yeT20 International khona e-Ireland.
Le midlalo ingiyokuzilungiselela kwelakuleli njengoba lizodlala kweyeNdebe YoMhlaba yeT20 International e-India ngoMfumfu kuya kuLwezi nonyaka.
Umqeqeshi weqembu lesizwe uMark Boucher owake wadlala noDe Villiers eqenini lesizwe ephawula ngalolu daba uthe: “UDe Villiers ungumdlali ohamba phambili emhlabeni, besimudinga eqenjini kodwa asikwazanga ukuthi simunxenxe ngokwanele ukuba abuye. Kodwa naye unezizathu zakhe esizihloniphayo.”
UDe Villiers wabanika ithemba abeCSA njengoba wathi isinqumo uzosithatha emva kwemidlalo ye-Indian Premier League (IPL), nalapho athi uzobona ukuthi ukulungele ngokwanele yini ukudlalela elesizwe.
Eqenjini lesizwe kubizwe abadlali abasha okubalwa uPrenelan Subrayen, uLizaad Williams, uKyle Verreynne, uKeegan Peterson, uSarel Erwee noMarco Jansen.
Umqoki omkhulu kumaProteas uVictor Mpitsang, uthe: “Lolu wuhambo olukhulu lwamaProteas. Sineqembu elinabadlali abayimiqemane bonke kanti lixube kahle abasebancane nabanamava. Abaqoki banethemba lokuthi bahlanganise iqembu elikahle elizoholwa ngempumelelo uDean (Elgar) noTemba (Bavuma). Uhambo lwase-Ireland lubaluleke kakhulu ukuqoqa amaphuzu njengoba sizobe sizama ukuzibekisela indawo kuNdebe yoMhlaba yowezi-2023. Sizobe silungiselela neNdebe yoMhlaba yeT20 ngasekupheleni kwalo nyaka. Iqembu selibe sesimweni sokubunjwa kabusha isikhathi eside manje kodwa senelisekile ngokuthi umsebenzi obewenziwa uzoziveza maduze.”
Iqembu elizodlala neWest Indies emidlalweni yeTest liqokwe kanje:
UDean Elgar (ukaputeni), uTemba Bavuma (iphini likakaputeni), uQuinton de Kock, uSarel Erwee, uBeuran Hendricks, uGeorge Linde, uKeshav Maharaj, uLungi Ngidi, u-Aiden Markram, uWiaan Mulder, u-Anrich Nortje, uKeegan Peterson, uKagiso Rabada, uRassie van der Dussen, uKyle Verreynne, uTabraiz Shamsi, uLizaad Williams, uPrenelan Subrayen noMarco Jansen
Iqembu elizodlala eyeT20 International:
UTemba Bavuma (ukaputeni), uQuinton de Kock, uBjorm Fortuin, uReeza Hendricks, uHeinrich Klaasen, uGeorge Linde, uSisanda Magala, uJanneman Malan, u-Aiden Markram, uDavid Miller, uLungi Ngidi, u-Anrich Nortje, u-Andile Phehlukwayo, uDwaine Pretorius, uKagiso Rabada, uTabraiz Shamsi, uRassie van der Dussen, uKyle Verreynne noLizaad Williams.