Imiphakathi ezigqajayo yayisukumela imfundo yezizukulwane


AboHlanga baseMzinto, eHlokozi ngaphansi kweNkosi uDlamini, induna kwanguNgcobo osewashona, kufanele bazigqaje ngefagugu nefamlando njengomphakathi wakwaNongoma, eMpakaneni, njalo ngenyanga uNhlaba, ngenkathi amazwe angama-54 ezwekazi i-Afrika ezigqaja ngentuthuko nokunye okuhle minyaka yonke.
Ngamanye amazwi sithi kungaba kuhle umphakathi waseMzinto, eHlokozi, uqhakambise inyanga uNhlaba njengebalulekile kuwona, ukuthi babayizingcwepheshi. Baqhuba intuthuko, baziqalela, bazakhela bona kuqala isikole ngodaka ngaphambi kokuba kube uHulumeni.
Umphakathi waseHlokozi wawukade ufikelwe ubuzwazwi, phecelezi umuzwa, mzukwane uvukwa ugqozi nomqondonto ngenkathi unemihlangano yokubonisana ngokuzakhela isikole.
Babhunga ngegama lesikole ukuthi sasizobizwa ngokuthi iNkatha Primary School. Uthishanhloko wokuqala kwakunguNkk wakwaMsane.
Isikole iNkatha sesakhiqiza abafundi abaningi abazuzile ngokufunda khona. Siyazi sonke ukuthi igama elithi inkatha lidala kunathi sonke bengakafiki abamhlophe kweleNdlovukazi uMthaniya ngowe-1824, bevela eNtshonalanga Kapa neKapa yonke.
Into enhle lena engiyifisayo njengabanye abayifisayo eNingizimu Afrika nakweleNdlovukazi uMthaniya. Njengokuthi umphakathi wakwaNongoma wakha isikole iMpakaneni Primary School ngezikhwepha zawo kwayima kungenelela uHulumeni omkhulu nowesifundazwe.
Babekususela ezinhlobeni, ezahlukahlukene zotshani, eziyaye zihlanganiswe, zakhiwe bese kuba yintuthuko, ngenkathi sekuba yisivikelo esibekwa ekhanda ukuthwala inyanda yezinkuni. Bese ibizwa ngokuthi inkatha. NabaseHlokozi bazibona bewumphakathi wasendaweni owawehlukahlukene ngokwemiqondo, ngokwezingampilo, ngokwemfundo, ngokwezentuthuko, wabamba elikhulu iqhaza ekwakhiweni kwesikole. Hhayi okunye.
Muzi wakithi, abantu abenza kahle noma umphakathi owenza kahle, ukuba kuya ngami ngabe sebahlonywa uphaphe lwegwalagwala ngandlela thizeni ngenxa yokubona isidingo, isiza sokuba kwakhiwe isikole eHlokozi.
Ngesishozi esikhulu kwaba nababona ukuthi igama inkatha lilodwa liyipolitiki yobuqembu ekubeni lidala kabi kunepolitiki eyafundiswa aboHlanga ngamakoloni futhi bengakafiki abamhlophe e-Afrika. Igama inkatha lidala ingakabibikho imfundo, imali, inkolo yobuKhrestu ezweni.
Sabe sesiqanjwa kabusha bathi iPhembukukhanya Primary School uthishanhloko kwakunguNkk uBafikile Pretty uMaShange Dlamini.
AbaseHlokozi babengasho belu iNkatha kaZulu okwakuyinhlangano eyayiqhakambisa ubuntu, ubumbano, intuthuko eyasungulwa okokuqala ngowe-1928 yiSilo uSolomon kaDinuzulu. Babengasho iNkatha yangowe-1975, eyayivuselelwe nguMntwana waKwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi, esekuyi-Inkatha Freedom Party kusukela ngowe-1990.
Kwakungenkathi aboHlanga behlala phansi bebhunga ngentuthuko eyayizoqanjwa ngezikhwepha zabo kuqala ngaphambi kokuba kungenelele uHulumeni omkhulu nowesifundazwe eNingizimu Afrika. Sabanothisha bakhona emakhaya eHlokozi nababeqhamuka kwezinye izindawo zaseNingizimu Afrika, nakweleNdlovukazi uMthaniya ikakhulukazi emalokishini.
Kuthatha abantu abangenakho ukuziqhenya nokuzenyeza kodwa abazigqajayo ukuthi bazobamba iqhaza eliyoba ifagugu nefamlando emakhaya. Badela ubukhazikhazi basemalokishini nasemadolobheni beyosebenza emakhaya. Ngamanye amazwi ukuhamba komuntu okhulele elokishini ayosebenza emakhaya kusuke kungeyona insangu.
Akubathenanga amandla ukujutshwa ngumhloli wezikole ukuba bayobamba iqhaza emfundweni yabantwana emakhaya othisha abakhulele emalokishini. Kanjalo nothisha uNomusa Barbara Nxumalo odume ngoJali, waseBlaauwbosch, eNewacastle, owakhulela kwaMashu kwa-F, ngasesikoleni iKwesethu High School, akathenekanga amandla.
Uthisha uNxumalo waqala ukufundisa eMzinto, eHlokozi, esikoleni kwaNgwenda Higher Primary School ngowe-1995. Waze wafundisa esikoleni iNkatha Primary School eyagcina isibizwa ngePhembukukhanya Primary School.
Beqiwa ithuba lokukhomba nokuzishaya izifuba aboHlanga baseHlokozi ababengasibonanga isidingo sokubamba iqhaza mzukwana umphakathi wakha isikole eHlokozi. Bebe bethi thina, mina ngingowaseHlokozi.
Ukube kuyangami kusukela manje, umphakathi kungafanele ube nonsukuzonke nebhuku lapho uzobhala amagama aboHlanga abasuke bebambe iqhaza lezentuthuko njengokwakhiwa kwemitholampilo, izikole, izinkundla zokudlala nokunye. Singabhalelwa ngabelungu izinto nakule nkathi yamanje ngenxa yokuvilapha ukubhala nokufunda.
Asingabimandla ekunakeni izinkulumo zabantu ezingenantuthuko ezivela kumphakathi, kosopolitiki boHlanga nabanye abasePhalamende elikhulu, elezifundazwe, elasemakhaya nakomasipala. Iqiniso, ngoba badlala ngathi, ngemizwa yethu, ngogebhezi lwethu ngoba kadeni iningi losopolitiki alikabi nawo umuzwa wokusungula ngayedwana kuqala izikhwama zemfundo ezixhasa abafundi boHlanga.
Esikubonayo ukubanga umsindo abawubanga ePhalamende nakomasipala, othi uma uwulandela ufumane ukuthi akunantuthuko abayiphathele aboHlanga esuka ezikhwepheni zabo kuqala. Ngaphambi kokuba kube ngamaqembu nezinhlangano zabo zepolitiki. Ilapho vele indaba.