Now Reading
INjeje iyayigxeka imizamo yokucindezela intando yeningi nguMehluleli uZondo
Dark Light

INjeje iyayigxeka imizamo yokucindezela intando yeningi nguMehluleli uZondo

UMkhandlu weButho leNJEJE yabeNguni libuke ngokwenyanya imizamo yokucindezela intando yeningi esithangamini sabezindaba ebesibizwe nguMehluleli uRaymond Zondo osabambe esokuba uMehluleli Omkhulu weNkantolo YoMthethosekelo yaseNingizimu Afrika.

UZondo ubize isithangami sabezindaba ukuze aphendule ingosi ebibhalwe nguNgqongqoshe uLindiwe Sisulu, eyibhala njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika lapho abeveza khona umbono wakhe ngakubona kumele kuhlaziywe ngabantu bonke baseNingizimu Afrika kepha ikakhulukazi abeNdlu yaboHlanga. Lapha isakhamuzi sezwe besisebenzisa ilungelo laso elikuMthethosekelo wezwe lokuveza umbono walo. Kuyasixaka ukuthi uZondo ukuthathaphi ukuthi azozama ukuveza abehluleli njengabantu abangenasici ekubeni uMehluleli uMogoeng Mogoeng kuqoshiwe lapho aveza ukuthi wake wenqaba mhla kufike abakhongi bethi bazolobola yena uqobo, kepha uZondo akaze asho lutho ngalokhu.

Sesabona izigameko lapho abehluleli bedala izingozi zezimoto bedakwe bephelile kepha bangajezi ngalutho. INingizimu Afrika inezigameko eziningana lapho abehluleli bengaziphethe ngendlela ekulindeleke ukuba baziphathe ngayo ngakho uma isakhamuzi siveza umbono waso, uZondo yena ke ucabanga ukuthi uwubani ukuthi angasephuca lelo lungelo?
Thina njengabantu baseNingizimu Afrika kasimkweleti lutho uZondo, uthathe imali yabakhokhibentela ecela lapha esigidigidini ethi wenza umsebenzi weKhomishini maqede wayesecela abeDemocratic Alliance ukuba bambhalele umbiko.

Uma abahluleli bengabantu abamsulwa futhi uma ngempela abakwenzayo bakhathalele isizwe, pho kungani bona abehluleli kuyibo abaqinisekise ukuba izitatimende zaseBank yomkhankaso owabizwa ngeCR17 zingaveli emphakathini? Bona abehluleli bathi uCyril Ramaphosa kazange azuze ngalo mkhankaso kepha baphinde bavume ukuthi lo mkhankaso wawuhlose ukuthi abe nguMengameli we-ANC, okuyinto eyagcina yenzekile kepha kuthiwa kazange azuze yena siqu sakhe. Abehluleli bakulelizwe futhi ikakhulukazi uZondo sebephenduke indle yenkohlakalo.

Kumele akhunjuzwe uZondo ukuthi laba ababoshelwa esiqhingini iRobben Island namanye amajele bayiswa kulezi zindawo ngabehluleli, ngisho noMandela uqobo. UZondo kumele akhunjuzwe ngenkohlakalo yabehluleli ngezikhathi zamakoloni kanye noHulumeni wobandlululo, okuwukuthi uZondo nabafana naye sebesibuyisele kuleso sihlava sobumnyama. UMkhandlu uyamncoma uNgqongqoshe uSisulu ngokukhuluma umbono wakhe kanye nokuthinta into ekumele wonke umuntu ongumsinsi wokuzimilela ekumele ayicubungule kabanzi, usenyathele lapho amadoda ayincosana ake anyathela khona ngakho isibindi nenkani yakhe iyancomeka.

Izinkantolo ziyelingana noHulumeni kanye neSishayamthetho kulo Mbuso, okuyinto izinkantolo esezithanda ukuyikhohlwa yikho sesinabahluleli abazitshena ukuthi bangomnini mandla onke ekubeni bangabantu ababuthakathaka nabathanda izinto, abangenaso isimilo sokuzazi kanye nobuqhotho bokumela ubulungiswa.

See Also

URaymond Zondo usephendule izinkantolo zaseNingizimu Afrika inhlekisa kubantu bomthetho umhlaba jikelele!

INJEJE YABENGUNI

Scroll To Top