Now Reading
Kufanele sazi siqonde ukhuvethe olude
Dark Light

Kufanele sazi siqonde ukhuvethe olude

Ukhuvethe luseyinkinga egqamile  emhlabeni lapho kunezigidi ezili-160 zabantu abathelelekile futhi kube nezigidi ezingaphezu kwezi-3.4 zasebefile emhlabeni jikelele. ENingizimu Afrika bekunabantu abangaphezu kwesigidi esiso-1.6 sabathelelekile nangaphezu kwezi-55 000 zabashonile. Kunokwesaba ukuthi kungase kuqubuke igagasi lesithathu ezweni kube kunezifundazwe njengeFree State, iNorthern Cape okubonakala sezisegagasini lesithathu vele, okufanele sizilungiselele ukubhekana nale mpi enzima. 

Sonke sizibonele umonakalo owenziwe wukutheleleka emazweni njengase-India okumanje leli lizwe kutheleleka abantu abangaphezu kwezi-300 000 nsukuzonke nabafayo abalinganiselwa ezi-4 000 mihla yonke, ngempela singeke sihlale sigoqe izandla. Kufanele senze konke okusemandleni ethu ukunqanda ukusabalala kokutheleleka. Siyakhumbula ukuthi umonakalo esidlule kuwona ngegagasi lesibili futhi angicabangi ukuthi kukhona umuntu osafuna ukuphindela kulesiya simo. Baningi abantu abalahlekelwa abathandiweyo babo.  Sibabonile abantu begula kodwa bengakwazi ukuthola ukunakekelwa ezibhedlela zikaHulumeni nakwezizimele ngoba zazigcwele, kwakudabukisa. Abantu abaningi kwakufanele banakekele izihlobo zabo emakhaya ngesikhathi benobunzima bokuphefumula kuze kube badonsa umoya wokugcina. Cabanga ubuhlungu nokukhathazeka leyo mindeni eyadlula kubo!!!  

Asazi ukuthi igagasi lesithathu lizoba njani, kungenzeka libe nzima noma libe lukhudlwana kunegagasi lesibili kodwa sifuna ukulinga. Ngicabanga futhi ngifisa ukuthi lingabi bikho.

Kuyaziwa ukuth abantu abaningi  abatheleleke ngokhuvethe kungenzeka bangakhombisi noma babe nezinkingana ezingatheni zokuphefumula futhi balulame ngaphandle kokuthi badinge ukwelashwa okukhethekile. Abadala nalabo abanamahlalakhona njengezifo eziphathelene nenhliziyo, ushukela, ukuphefumula nomdlavuza nezinye zingabhebhetheka kudingeke isibhedlela futhi umuntu kungamthatha.

Ukhuvethe luze nezinkinga eziningi. Kuyaqhubeka kulokhu sizwa ngokhuvethe olude. Ukhuvethe olude lubuye lwaziwe ngokuthi umdonsa kade futhi isigulo esingale kokhuvethe. Ukhuvethe olude lusho abantu abalokhu beqhubeka benzimpawu noma baqale izimpawu ezintsha okungaphezu kwezinsuku ezingama-28 emveni kokuba sekutholakele okokuqala ukuthi banokhuvethe. Izimpawu eziba kubantu abehlukile azifani, kungaba umbelebele wezimpawu zokutheleleka ezixinayo noma kuqale ezinye izimpawu ezithinta ezinye izinhlelo zomzimba. Ubunzima balezi zimpawu buyehluka abanye besho ukuthi akukubi kanti abanye bathi akukuhle. Ukhuvethe lungadlavaza amaphaphu, lulimaze inhliziyo nobuchopho okwenza kwandise ubungozi bezinkinga zempilo zesikhathi eside.

Imibiko evela kwabanye abantu abanokhuvethe olude ikhombisa ukuthi okujwayelekile okubikwayo ukuphathwa yikhanda, ukuphelelwa umoya, ukukhwehlela okungapheli, ukukhathala okunobunzima ekwenzeni imisebenzi, ukungakhumbuli kahle, ubunzima bokucabanga nokuqikelela (kwenye inkathi bathi ubufithi bobuchopho), ukushaya ngamandla kwenhliziyo kanye nokhwantalala. 

Imibiko yakuqala ikhombise ukuthi ukhuvethe olude lungatholakala kakhulu kwabesifazane, abantu abakhulile, nalabo inkomba yesisindobude yomzimba iphezulu nasezigulini ezikhombise izimpawu ezingaphezu kwezinhlanu esontweni lokuqala lokugula. Imithelela yokutheleleka kwezicubu zomzimba eziningi, uma kungesiwo umzimba wonke, izinhlelo zomzimba zibandakanya inhliziyo, iphaphu, inso, isikhumba kanye nemisebenzi yobuchopho. 

Ezinye izincwaningo zakuqala zibuye zaveza ukuthi uma ululamile okhuvetheni ungaba nokungasebenzi kahle kwezicubu zomzimba okungatheni: abantu abangama-32% yinhliziyo, abangama-33% amaphaphu, abangama-12% yizinso besekuthi ababika ngaphezu kwesicubu somzimba esisodwa bangama-25%. 

Ucwaningo olusanda kwenziwa eLondon ezigulini esezidedelwe esibhedlela lukhombise ukuthi ezingaphezu kwama-50% esezinazo izimpawu emveni kwezinyanga ezimbili kuya kwezintathu zidedeliwe. Kuzona ezingama-53% kubikwe ukuphelelwa wumoya, ezingama-34% ukukhwehlela okungapheli, ezingama-69% ukukhathala kanti ezingama-15% wukhwantalala. Lezi zimpawu bezilokhu zibelesele ezigulini ezinamahlalakhona.

See Also

Ngesikhathi imibiko yaphambilini iveza ukuthi ukhuvethe olude luba khona kulabo abanezifo ezinzima, ukwazi kwethu kuthi lesi sifo siyaqhubeka nokuguquka. Imibiko yakamuva ithi ukhuvethe olude lungabakhona kunoma ngubani kubandakanya nalabo abanezifo ezingatheni lapho izimpawu ezibeleselayo njengokukhathala bekungahlanganiswa nobunzima besifo. 

Ocwaningweni, abangama-50% kwabazinikela ocwaningweni bazizwa bengabuyele esimweni sabo esijwayelekile, yize kuthiwa sebeluleme kanti ukukhathala kube nomthelela omubi ekwenzeni imisebenzi yabo yemihla ngemihla, kwathi abangama-31% babo abangabuyela emsebenzini.

Kuneminye imibuzo edinga ukuba ibhekisiswe noma icaciswe njengokuthi: yibuphi ubunjalo babantu abatheleleka ngokhuvethe olude njengobudala, ubulili, uhlobo noma isikhathi sezimpawu esingenza iziguli ezinokhuvethe zizizwe zingcono? Okucacayo ukuthi izimpawu zesikhathi eside emveni kokhuvethe zivamile futhi ucwaningo ngezimbangela nokwelapha ukhuvethe olude luyadingeka futhi luzoqhubeka isikhathi eside emveni kokudamba kwesifo.

Ukwelapha ukhuvethe olude kuncike ezimpawini ezikhonjiswa yisiguli nasohlelweni lomzimba oluthintekayo. Nokho, indlela engcono ukunqanda ukuhlupheka kwesikhathi eside wukuvimbela ukutheleleka ngokhuvethe. Sonke asizinakekeleni sinamathele kokulula, okunqala, nezindlela ezivimbelayo njengokugqoka izimfonyo, ukuqhelelana, ukugwema izindawo ezinabantu abaningi, sithole umgomo uma utholakala futhi sihlala sigeza izandla zethu ukuvimbela ukhuvethe.

Scroll To Top