Abehluleli beNkantolo YoMthethosisekelo bathole uNgqongqoshe enecala kwelikaMahlangu



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Mhla zili-14 kuNhlaba wezi-2021 ecaleni eliwuCCT88/20 [2021] ZACC 10, iNkantolo YoMthethosisekelo ikhiphe isinqumo odabeni lwesicelo sokuphonsela inselelo ingxenye yesinqumo nomyalelo weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala.
INkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yenqaba ukwethwesa uNgqongqoshe Wamaphoyisa umthwalo ngokuboshwa kwabamangalelwa ababeboshwe ngokungemthetho.
Zingama-25 kuNhlaba wezi-2005 eMiddelburg, abashadikazi nezingane zabo ezimbili babulawa okwathi ngaphandle kwencwadi egunyazayo nezinsolo ezakha umqondo, iphoyisa labopha uMnu uMahlangu, ummangali wokuqala, mhla zingama-29 kuNhlaba wezi-2005.
Leli phoyisa nabanye bashaya ngesihluku uMahlangu okwagcina ngokuthi alivume leli lacala nakuba engalenzanga.
Amaphoyisa aveza ukuthi yayingekho indlela yokuthi leli cala uMahlangu wabe elenze yedwa. UMahlangu wagcina esekhomba uMnu uMtsweni owabe eseboshwa zingama-30 kuNhlaba wezi-2005. Nalapha wakhomba uMtsweni owayengalenzanga icala ngenxa yengcindezi yokuhlukunyezwa nokushaywa amaphoyisa.
UMtsweni osewadlula emhlabeni ubesemelwe nguNks uMailela kuleli cala njengommangali wesibili.
Umshushishi owathola idokodo lamaphoyisa elinengonyuluka kaMahlangu engelona iqiniso akazange atshelwe ukuthi le ngonyuluka yenziwa ngenxa yokushaywa nesihluku.
UMahlangu noMtsweni bevela okokuqala enkantolo baziswa ngelungelo labo lokufaka isicelo sebheyili abakhombisa ukuthi bafuna ukusifaka kodwa umshushisi wafaka esokuhlehliswa kwecala ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Umshushisi waphinde waveza ukuthi uMbuso wawuhlose ukusiphikisa isicelo sebheyili sabasolwa, udaba lwase luhlehliswa uMahlangu noMtsweni bagcinwa esitokisini kwaze kwaba mhla zili-14 kuNhlangulana wezi-2005.
Ngaphezu kwalokhu kuhlehliswa kwecala okokuqala, kwabakhona okunye okuli-13 okokugcina okwaba mhla ziyisi-7 kuNhlolanja wezi-2006.
Ngalesi sikhathi kwase kuboshwe abanye abasolwa abathathu. UMahlangu noMtsweni bagcina bededeliwe mhla zili-10 kuNhlolanja wezi-2006 emveni kokuba uMqondisi Wezokushushisa enqume ukuhoxisa amacala ababebekwe wona kodwa abanye abasolwa abathathu labalahla icala bagweshwa.
ENkantolo Enkulu YaseGauteng
UMahlangu noMtsweni babe sebefaka icala eNkantolo Enkulu YaseGauteng esigabeni esisePretoria befuna ukukhokhelwa amademeshe nguNgqongqoshe Wamaphoyisa ngezinsuku abazihlale esitokisini ngokungemthetho.
Le Nkantolo yama ekutheni ukuboshwa kwalaba kwakungekho emthethweni kodwa uNgqongqoshe ngeke athweswa icala ngesikhathi abasihlale esitokisini emveni kokuvela eNkantolo ngoba kwakudalwe ukuhlehliswa kwecala yiNkantolo.
INkantolo yabe isinquma ukuba uMahlangu anxeshezelwe ngemali eyizi-R90 000, uMtsweni yena kwaba ezingama-R50 000 maqondana nokuboshwa ngokungemthetho hhayi izinsuku abazihlale esitokisini.
UNgqongqoshe wayalelwa ukuba akhokhe izindleko zabameli ngokwesikalo seNkantolo KaMantshi.
Abamangali lesi sinqumo basiphonsela inselelo eNkantolo Ephelele kusona lesi sigaba seNkantolo Enkulu.
Lapha babekhala ngesinqumo sokungakhokhelwa amademeshe maqondana nesikhathi abasihlale esitokisini emveni kokuvela eNkantolo.
Babezeseka ngokuthi ukuvuma kwabo icala okwenzeka ngokungemthetho yikho okwaholela ekutheni bahlale isikhathi eside esitokisini.
INkantolo Egcwele yavumelana nesinqumo seNkantolo Enkulu yabe isisichitha isicelo sabamangali yabayalela ukuba bahokhe izindleko zecala.
ENkantolo Yokwedluliswa Kwamacala
Le Nkantolo yasichitha isinqumo seNkantolo Egcwele yabe isilula isamba sesinxephezelo sesikhathi kusukela mhla zingama-31 kuNhlaba kuya zili-14 kuNhlangulana wezi-2005.
Abamangali babelindele ukuthi le Nkantolo ibanike ilungelo lokukhokhelwa amademeshe ngesikhathi abasihlala esitokisini.
ENkantolo YoMthethosisekelo
Abamangali babeka phambi kwale Nkantolo ukuthi lolu daba lumayelana nokuthi ngabe uNgqongqoshe, emveni kokubhoshwa ngokungemthetho, angathweswa yini umthwalo ngesikhathi sonke abasihlale esitokisini uma ukugonyuluka kwabo kwatholakala ngesihluku nokuthi uma kwaholela ekuboshweni kwabasolwa isikhathi eside.
Bathi ukugonyuluka kwabo kwaba yimbangela yokuhlala kwabo isikhathi eside esitokisini.
Ngakolunye uhlangothi, uNgqongqoshe Wamaphoyisa wayethi ukuboshwa nokugcinwa kwalaba esitokisini kwakungahlangani futhi kuleli cala kuyisenzo sobudedengu somuntu. Ngakho, kumele abamangali baveze ngaphandle kokungabazisa ukuthi ukushaywa nokugonyuluka kwabo kwabanga ukuthi bagcinwe esitokisini emveni kokuvela eNkantolo okwesibili.
UNgqongqoshe waphinde wathi okunye kuleli cala ukuthi ngabe ukufakwa kwengonyuluka yabamangali edokodweni kuwumthetho yini ekwelulweni kwesikhathi sokugcinwa esitokisini kusukela mhla zili-14 kuNhlangulana wezi-2005 kuya zili-10 kuNhlolanja wezi-2006.
Esinqumweni esikhishwe uMehluleli uZukisa Tshiqi ngokuvumelana naBehluleli uChris Jafta, uSisi Kapempe, uMbuyiseli Madlanga, uRammaka Mathopho, uNonkosi Mahlantla, uLeona Theron noMargaret Victor, iNkantolo YoMthethosisekelo ikubalulile ukuthi akuphikwa ukuthi ukuboshwa kukaMahlangu noMtsweni kwakuphambene nomthetho futhi kufana nokwephucwa ilungelo lenkululeko.
“Kulokhu, bonke abamangali okumele bakuveze ukuthi ukugxambukela elungelweni labo elikuMthethosisekelo lokungaphucwa inkululeko ngokomzimba kwenzekile. Uma sebekuvezile lokhu, ukwephucwa leli lungelo akukho emthethweni futhi kusemahlombe abamangalelwa ukuveza ukuthi kwakunobulungiswa ukugxambukela,” kufundeka isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo.
Yathi ukuqhubeka nokutokiswa kwabamangali yiNkantolo KaMantshi akumubeki eceleni uNgqongqoshe kulesi sikhathi sokuboshwa kukaMahlangu noMtsweni.
Lokhu, ithi ingoba amaphoyisa anomthwalo wokuvezela abashushisi wonke amaqiniso ngesikhathi umsolwa esatokile.
“Ukuboshwa ngokungemthetho yikhona okwenza ukuthi uNgqongqoshe abe necala.”
INkantolo YoMthethosisekelo ithe kwakungenasidingo sokuthi abamangali baveze okunye okwahlukile njengoba kwabe kufuna iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala.
Le Nkantolo iqhubeke yathi iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yageja umgodi ngokwenqaba ukuthi abamangali banxeshezelwe ngesikhathi abasihlale esitokisini.
Ibe isinquma ukuthi uNgqongqoshe kumele anxephezele abamangali ngesikhathi abasihlale esitokisini kusukela ngosuku lokuboshwa mhla zingama-30 kuNhlaba wezi-2005 kuya osukwini abadedelwa ngalo mhla zili-10 kuNhlolanja wezi-2006.
UNgqongqoshe ube eseyalelwa ukuba akhokhele uMahlangu izi-R550 000 noMtsweni izi-R500 000 nezindleko zecala.