Ubonga ukuba khona kweligi yabesifazane yakuleli oweDinamo Minsk



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Lo mdlali imuvulele amathuba njengoba kuyimanje udlalela iqembu likanobhutshuzwayo laphesheya kwezilwandle
Ubonga iligi yabesifazane bakuleli iSasol League emulekelele ukuthi aze afike lapho esekhona namuhla.
ISasol League ihlukene kabili njengoba kukhona eyezifundazwe nekazwelonke.
Kuyimanje uLebogang Ramalepe odabuka eGa-Kgapane ugijima eqenjini laseBeluras iDinamo Minsk.
“Sengidlale imidlalo eminingi eqenjini lesizwe iBanyana Banyana ngidlala kuSasol League, lokho kukhombisa ukuthi inkulu indima eklanywe yile ligi ekuphumeleleni kwami nakwabanye abadlali abaningi,” kusho uLebogang.
Ejoyine iDinamo Minsk usenqobe izindondo ezintathu zegolide, okuyiligi kanye nemidlalo yemikhumulajezi.
“Ukube yayingekho iSasol League ngabe igama lami alaziwa, yalima indima enkulu. Ukudlala kwami nabafana ngasekhaya eLimpopo kwangenza ngakhula kakhulu, ngaba nesibindi. Ngathi uma ngithola ithuba lokuthi ngidlale esigabeni esikhulu ngangaba nayo inkinga,” kusho le ntokazi.
Ithi umdlali egijima naye kuBanyana Banyana uBambanani Mbane wamamukela ngezandla zombili.
“Kwakukuhle ukwamukelwa ngomunye wabadlali engidlala naye eqenjini lesizwe. Ngifika kwakudingeka ngihlaliswe ngedwa izinsuku eziyisikhombisa (ngenxa yokhuvethe). Lapho sengiqedile, ngathuthela efulethini ayehlala kulo (uBambanani) kwaba ukuhlangana kwamalungu omndeni. Bekunguyena yedwa kuleli qembu kodwa kwabe sekufika mina noRhoda Mulaudzi naye esidlala naye eqenjini lesizwe. Ukuba khona kwakhe kwasisiza kakhulu sasheshe safunda izinto ezithize. Ukufika kwethu kwaba isibusiso kuyena ngoba wayeshaywa umzwangedwa,” usho kanje.
Njengoba asayina inkontileka yakhe ngomhla zingama-31 kuNtulikazi wangonyaka wezi-2020 wadlala umdlalo wakhe wokuqala ngoNcwaba.
Ekhuluma ngomdlalo wakhe wokuqala, uthe: “Ngazimisela kakhulu ejimini umqeqeshi wakhuluma nami wathi nakanjani ngizowuqala umdlalo esasiya kuwona futhi ngizodlala esiswini. Kwaba nzima kumina esho lokho kwazise mina ngingumdlali wasemumva, ngamazisa umqeqeshi wami ukuthi angikaze ngadlala lapho wathi uyakholelwa kumina ngizoyidlala. Nebala ngayidlala ngaba nomdlalo omuhle kakhulu, nomdlalo sawunqoba. Engazitshela khona ukuthi ngeke ngiyekele ithuba elinjengaleli, futhi ngisuka kude kabi ukuthi ngingalokhu ngibhacaza.” Uthi ukuthola inkontileka yakhe yokuqala eqenjini elikhulu kwaba ukufezeka kwephupho lakhe.
“Ngangihlezi ekhaya ngicabanga ukuthi ngisazohlala enye isizini ngidlala eNingizimu Afrika. Ngathola ucingo olwathi angilungise iVisa yami, angicabanganga kabili lokho ngavele ngayokwenza ngaleso sikhathi. Ngibonga uNkulunkulu ngoba kwabe kuyisifiso sami, engangihlezi ngisithandazela,” usho kanje.
Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-29 iyafisa ukuthi inhlangano ephethe unobhutshuzwayo kueli iSouth African Football Association (SAFA), ihlangane nabakwaSasol baqhubekisele le ligi phambi esisize inqwaba yabadlali.
Iqhube yathi isifiso sayo esikhulu ukuthi iqhubeke nokuzinza phesheya kwezilwandle, ikhulise ibhola layo futhi iqhubeke nokunqoba izindondo. Iveze ukuthi ithokozela umzuzu nomzuzu eBelarus.