Now Reading
Igcagcele esokeni kuMntungwa eba yingxenye yeDolphins
Dark Light

Igcagcele esokeni kuMntungwa eba yingxenye yeDolphins

Umdlali wekhilikithi onyelwe yinyoni esandleni esayiniswa iqembu elikhulu laKwaZulu-Natal uthi ngeke andise isibalo kuleli qembu. 

UThamsanqa Khumalo (21) odabuka eNtuzuma usesemabhukwini eHollywoodbets Dolphins.

Ubenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga lapho ethe: “Leli thuba engilitholile kade ngangilifisa, ingakho kumele ngilibambe ngezandla zombili njengoba sengilitholile. Kuyisifiso sanoma imuphi umdlali ukudlala lapha.” 

Le nsizwa yakwaKhumalo imenyezelwe kuleli qembu kanye noThando Ntini, uJason Smith noBryce Parson oke waba ngukaputeni weqembu lesizwe labaneminyaka yobudala engaphansi kweli-19.

UThamsanqa wazise elaboHlanga ukuthi waqala ukudlala ikhilikithi ngonyaka wezi-2009.

Enaba ngokwenza waqoma lo mdlalo kuyona yonke umfo kaMntungwa (abakwaKhumalo) uthe: “Engakuthanda ngalo mdlalo ukuthi ukwenza uhambele amazwe amaningi nokuyinto engiyijabulelayo. Okunye ukwenza uhloniphe ukwazi nokuziphatha.”

Ulunguzile eqenjini lesizwe labaneminyaka yobudala engaphansi kweli-19 iNingizimu Afrika ihambele e-India ochungechungeni olwaluhlanganisa ne-Afghanistan ngonyaka wezi-2019. Ngawo lowo nyaka wadlala umqhudelwano obizwa nge-African Cup owawubanjelwe lapha eNingizimu Afrika.

Uthe lokhu kwamkhulisa kakhulu kwazise wayedlala nabadlali abanamakhono ahlukene futhi abaqhamuka ezindaweni ezehlukene.

UThamsanqa uthe uyazifela ngomdlali ongukaputeni wayo iHoollywoodbets Dolphins uKhaya Zondo.

Njengoba kuzoqala iPre Season lo mdlali uthe uzosebenza kanzima ukuthenga amehlo abaqeqeshi ukuze athole ithuba lokudlala. “Ngizimisele kakhulu ukuthi ngisebenze ngokuzikhandla, ilona thuba lami lokuthi ngiveze ikhono lami nanokuthi akuyona inhlanhla njengoba ngisayine inkontileka neqembu elikhulu. Isifiso sami ukuzinza kuleli qembu, bese ngizishiyela igama elihle nginqobe nezindondo nalo,” usho kanje.

See Also

Uthe uQuinton de Kock uyena mdlali omkhuthazile ukuthi asebenze ngokuzinikela. Lokho kwenzeka ngesikhathi uDe Kock eqokwa eqenjini lesizwe emncane wafike wenza izimanga.

IHollywoodbets Dolphins iphinde yavuselela inkontileka yethimba lababaqeshi eyoze iphele ngonyaka wezi-2023. Umqeqeshi waleli qembu u-Imraan Khan, obambisene noQuinton Friend noMduduzi Mbatha.

ElaboHlanga likhulume noMbatha okhuthaze uThamsanqa wathi: “UThamsanqa okwenze wasayiniswa kuleli qembu ukuthi unekhono, kodwa lokho akumele kumbuse ekhanda okumele akwenze ukusebenza ngokuzikhandla alwele ukuthola isikhathi sokudlala.”

Uveze ukuthi sebeyilungele isizini ezayo futhi bafuna ukuqhubeka nokwenza kahle.

Selilonke iqembu leHollywood Dolphins limi kanje: uMarques Ackerman, u-Ottneil Baartman, u-Eathan Bosch, uRuan De Swardt, uDaryn Dupavillon, uSJ Erwee, uThamsanqa Khumalo, uKerwin Mungroo, uLifa Ntanzi, uThando Ntini, uBryce Parson, uJason Smith, uKeagen Petersen, uGrant Roelofsen, uPrenelan Subrayen, noKhaya Zondo (ukaputeni).

Scroll To Top