Now Reading
Esethu sonke iSILO, kwexwayisa uDlangamandla
Dark Light

Esethu sonke iSILO, kwexwayisa uDlangamandla

Uthi uShenge akapheze ukufuna ukwenza iSILO neNdlunkulu incelebana yeqembu lakhe 


Ngicela ukwexwayisa uMntwana waKwaPhindangene uSokalisa akangadlali ngomlilo athungele indlu yontshani kunomoya, iyingozi kakhulu le nto ayenzayo. 

UMntwana uqale wathi kunokungaboni ngasolinye kuBantwana baseNdlunkulu wavele washo into enkulu engenabo ubufakazi wathi aBantwana abathile okukhona nakubo uMntwana uThembi konke abakwenzayo bakufundiswa uKhongolose esho iphutha elikhulu futhi azi kahle ukuthi akushoyo akulona iqiniso. 

UMntwana waKwaPhindangene akeyeke ukuthi njalo uma kunezinkinga noma ngaba ezani abone ithuba lokuzindlondlobalisa yena neqembu lakhe i-Inkatha Freedom Party (IFP) noma lokho kusho ukudunga izwe nokudala udweshu emphakathini. Njengomuntu omdala kufuneka ngaso sonke isikhathi azame ukuthi ahlanganise izinhlangothi ezingaboni ngasolinye hhayi le nto ayenzayo yokuvele akhethe ukuba ungqongqoshe wokuphehla udweshu esizweni. 

Asizona izingane, sibadala, kucace bha ukuthi uMntwana usebone ithuba lokusebenzisa iSILO sethu sonke njengethuluzi lakhe nenhlangano yakhe Inkatha. Ngiyamexwayisa uMntwana waKwaPhindangene liyingozi kakhulu leli tulo alakhayo. 

Lokhu sekumenze waze wangabi namahloni okuvele aqambe amanga aluhlaza cwe, athi; ‘Ezokuphepha zisusiwe eSigodlweni saKwaKhangelamankengane’ esho into engekho futhi ayaziyo yena uqobo ukuthi soze yenzeke. 

Akekho lapha KwaZulu-Natal nakuHulumeni oholwa uKhuzeni ongathokoza ukubeka impilo yeSILO sethu engcupheni. 

UMntwana akazi okanye ukhohliwe ukuthi iSILO esebuzile iMbube besisondelene kakhulu nabo bonke abaholi bezepolitiki ngisho nami uqobo.  

Mina nje ngiwumholi kaKhongolose ezingeni lesifundazwe, bengisondelene kakhulu neMbumbe iSILO esebuzile uMdlokombane. 

Emveni kokumemezela usiko lokusoka ngisebenze naye eduzane senza imicimbi eminingi ezingeni likaHulumeni. Futhi ngoba iMbube bekuyiNkosi ehlukile engazithwele enomoya ophansi, besibuye sizincokolele nje ngezindaba eziningi njengamadoda ngize ngikhohlwe nokuthi ngikhuluma neSILO esinamandla oBukhosi bukaZulu.  

Ngelinye ilanga ngikhumbula sincokola kanti sesikhohliwe ukuthi kukhona uNdlunkulu uKaMchiza ophinde abe yindodakazi yangakithi lapho nami ngizalwa khona. 

Ngakho-ke iNdlunkulu siyihlonipha sonke njengabantu baKwaZulu-Natal futhi siyazi ukuthi iSILO siwubaba wethu sonke asikhethile futhi asikugqizi qakala ukuba khona kwabantu baso emaqenjini ahlukene ezepolitiki. 

Namanje ngingakuqinisekisa ukuthi iSILO sethu esiqokiwe siyaseseka futhi sisihloniphe njengoba besihlonipha iSILO esebuzile ebesingubaba waso. 

Ngakho-ke lo mkhuba ofuna okwenziwa uSokalisa ukwenza iSILO neNdlunkulu incelebana yeNkatha ayiphele futhi inqandwe isaqala ingakawudali umonakalo omkhulu. Empeleni umkhuba wobudungamuzi oyichilo ofanele ukubatshazwa lona.  

See Also

Ngimhlonipha kakhulu uMntwana waKwaPhindangene ngimthatha njengobaba futhi miningi imisebenzi ayenzele isizwe kodwa ukuhleli efuna ukutholela amaphuzu i-IFP nasebumnyameni kuyiphutha lakhe elikhulu.  

Ngakho-ke Mntwana ohloniphekileyo, Zinyane loMntwana kaDinuzulu kaCetshwayo ngiyazithoba kuwe ngiguqe ngamadolo, uyeke lo mkhuba wokuhleli njalo uhambisa izimfuno zeqembu lakho lezepolitiki okuyi-IFP. 

Futhi zama ngakho konke okusemandleni akho noma ngibona kunzima ukuxola enhliziyweni yakho uyeke ukuba namagqubu. Kungithuse ngaphela nasozwaneni ukuthi kanti emveni kwesikhathi eside kangaka usabambele amagqubu uMzala Nxumalo. 

Hhawu Shenge! Xola phela Sokalisa! Nathi sesakuxolela kokuningi ubuhlungu owasizwisa bona njengabantu bakaKhongolose. 

Hlukana nalo mkhuba osewuyinsakavukela umchilo wesidwaba kuwe wokuthi njalo uhleli uzenza ingilosi engenamaphutha. Sonke sawenza futhi sisawenza amaphutha kodwa okubabulekile ukuwavuma lawo maphutha sidlule kuwe. 

Asethembe Sokalisa ukuthi lokhu kubhala kwami awuzukukuthatha njengokuthi sengigadlile kuwe ngoba uyazwela unjalo nje kodwa futhi uyaluthanda uchuku lapho uvele usihlasele singakwenzanga lutho. Uma sesikuphendula ukhale isililo kuyozwakala e-USA. Yobe Sokalisa Shenge Ngqengelele!

Scroll To Top